Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?

 Kuyini ukuthumelelana imiyalezo yocansi?

 “Ukuthumelelana imiyalezo yocansi” kuhlanganisa ukuthumelelana imiyalezo ekhuluma ingcaca ngocansi, izithombe noma ama-video ngomakhalekhukhwini. Enye indoda ithi, “Cishe sekuyindlela evamile yokuxhumana manje. Niqala ngokuthumelelana imiyalezo embalwa kuthi kusenjalo nibe senithumelelana izithombe ezivusa inkanuko.”

 Kungani abantu bekwenza? Ummeli ongumakadebona owacashunwa kuyi-New York Times wathi enye intsha inombono wokuthi “ukuba nesithombe somuntu othandana naye enqunu kumakhalekhukhwini wakho kubonisa ukuthi uyaya ocansini.” Omunye osemusha uze akubize ngokuthi indlela “ephephile yokuhlanganyela ucansi.” Ube esethi phela, “ngeke wakhulelwa ngokwenza lokhu futhi ngeke wadlulisela izifo ezithathelwana ngocansi (ama-S.T.D).”

 Ezinye izizathu ezenza intsha ithumelelane imiyalezo yocansi zihlanganisa lezi ezilandelayo:

  •   Ukuzama ukukhanga umuntu efisa ukuthandana naye.

  •   Ngenxa yokuthi othile usuke esebathumelele isithombe sobulili nabo bazizwa bephoqelekile ukuba ‘benze okufanayo.’

 Iyini imiphumela yokuthumelelana imiyalezo yocansi?

 Ngemva nje kokuthumela isithombe ngomakhalekhukhwini, akusesona esakho futhi ngeke usakwazi ukulawula indlela esisetshenziswa ngayo​—noma ukuthi sizolithinta kanjani idumela lakho. U-Amanda Lenhart umcwaningi omkhulu nongumbhali kuyi-Pew Research Center ubika lokhu ngalo mkhuba: “Siyakweshwama ukubona abantu bethumelelana futhi begcina ubufakazi bokuziphatha okungafanele ngaleli zinga.”

 Kwezinye izimo

  •    Lowo obethunyelelwe izithombe zomuntu onqunu uye wazidlulisela kwabanye abaningi ukuze ajabulise abangane bakhe.

  •    Amasoka alahliwe aye asakaza izithombe zobulili ngenjongo yokuziphindiselela.

 INGABE BEWAZI? Ezimweni eziningi, ukuthumelelana izithombe zabantu abanqunu kuye kwabhekwa ngendlela efanayo nokuhlukunyezwa kwezingane noma ukusakazwa kwezithombe zobulili zezingane. Ezinye izingane ezithumelelana izithombe zobulili ziye zabekwa amacala okuhlukumeza ngokobulili.

 Lithini iBhayibheli?

 IBhayibheli likhuluma kahle ngokuzijabulisa ngocansi phakathi kwabantu abashadile. (IzAga 5:​18) Kodwa, aligunci ekuziphatheni kobulili phakathi kwabantu abangashadile. Bheka la mavesi alandelayo:

  •   “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, . . . noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo.”​—Efesu 5:​3, 4.

  •   “Bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha.”​—Kolose 3:5.

 Lawo mavesi awaxwayisi ‘ngobufebe’ kuphela (ucansi phakathi kwabantu abangashadile) kodwa nangezinto ‘ezinjengokungcola’ (igama elinomqondo obanzi elibhekisela kunoma ikuphi ukuziphatha okungcolile) ‘nezifiso zobulili’ (elingabhekisile emizweni yothando evamile enganeliswa emshadweni kodwa enkanukweni engaholela ekuziphatheni okubi).

 Zibuze:

  •   Ukuthumelelana izithombe zabantu abanqunu ngomakhalekhukhwini kuba kanjani “ukungcola”?

  •   Kusikhuthaza ngayiphi indlela “isifiso sobulili”?

  •   Kungani isifiso sokubukela noma sokusakaza izithombe zabantu abanqunu “silimaza”?

 Amavesi alandelayo eBhayibheli asinikeza isizathu esinamandla sokugwema ukuthumelelana izithombe zobulili.

  •   “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho.”​—2 Thimothewu 2:​15.

  •    “Yeka ukuthi luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu!”​—2 Petru 3:​11.

 Lawo mavesi achaza imiphumela emihle yokuziphatha kahle. Uma uziphethe kahle, akudingeki ukhathazeke ngokuthi ungase uzisole ngokuhamba kwesikhathi ngezenzo zakho.​—Galathiya 6:7.

 Zibuze:

  •    Ngingumuntu onjani?

  •    Ingabe ngiyalikhathalela idumela labanye?

  •    Ingabe ngifuna ukujatshuliswa yinto elimaza abanye?

  •    Ukuthumelela abanye imiyalezo yobulili kungalithinta kanjani idumela lami?

  •    Ukuthumelelana nabathile izithombe zobulili kungaholela kanjani ekutheni abazali bami bangasangethembi?

 INDABA EYENZEKA “Nginomngane owayefihla ukuthi unesoka. Wabe esemthumelela isithombe sakhe enqunu, naye lo mfana wamthumelela esakhe. Kungakapheli namahora angu-48 kwenzekile lokho, ubaba wakhe wanquma ukuhlola umakhalekhukhwini wakhe. Wabona le miyalezo futhi waphoxeka kakhulu. Wakhuluma naye, futhi wavuma yonke into. Ngiyazi ukuthi uyazisola ngalokho akwenza, kodwa abazali bakhe bashaqeka futhi badumala! Abasaqiniseki nangokuthi bangaphinde bamethembe yini.”

 Iqiniso elingenakuphikwa: Ukuthumelelana izithombe zobulili kululaza bobabili osithumelile nosibukelayo. Omunye osemusha owaphoqwa isoka lakhe ukuba alithumelele izithombe zobulili uthi, “Kungenza ngizizwe ngenyanyeka ngiphoxekile ngalokho engakwenza.”

 Njengoba ukuthumelelana izithombe zobulili kungahlazisa igama lakho, kulimaze abanye futhi kuholele nasekubhekaneni nomthetho, uyobe wenza kahle ngokulandela iseluleko seBhayibheli:

 Yini wena obungayenza?

 Sebenzisa iseluleko seBhayibheli esimweni esingokoqobo. Funda indaba kaJanet, bese ukhetha indlela ocabanga ukuthi ingcono.

 “Ngolunye usuku ngahlangana nomfana, sabe sesinikezana izinombolo. Lingakapheli nesonto wayesengicela ukuba ngimthumelele izithombe zami ngigqoke iphenti nebhodi.”​—UJanet.

 Ucabanga ukuthi kwakufanele enzeni uJanet? Yini wena obungayenza?

  •  ONGAKWENZA A: Ungase uthi: ‘Akukho lutho olungalungile ngalokho. Kakade, uma besingaya olwandle, vele ubezongibona ngigqoke izingubo zokubhukuda.’

  •  ONGAKWENZA B Ungase uthi: ‘Angazi ukuthi uhloseni. Awuthi ngimthumelele isithombe esiwuveza kancane umzimba bese ngibona ukuthi kwenzekani ngemva kwalokho.’

  •  ONGAKWENZA C Ungase uthi: ‘Lo mfana ufuna into eyodwa kuphela. Ngizowusula umyalezo wakhe.’

 Indlela yesithathu engu-C ibonakala iyinhle, akunjalo? Phela iBhayibheli lithi: “Abantu abasebenzisa ingqondo bazoyibona iseza inkinga bese beyigwema, kodwa umuntu ongacabangi uzoya kuyo abe esezisola kamuva.”​—IzAga 22:3,Good News Translation.

 Lesi sivivinyo sibhekisela endabeni ngokuvamile eyimbangela yokuthumelelana imiyalezo yobulili nezinye izinhlobo zokuziphatha okubi: Ingabe ubakhetha kahle abangani? (IzAga 13:20) Owesifazane osemusha okuthiwa nguSarah uthi: “Zihlanganise nabantu owaziyo ukuthi abezwani nokuziphatha okungafanele.” Owesifazane osemusha okuthiwa uDelia uyavumelana nalokhu. Uthi: “Abanye abangane mbumbulu abazami ukukusiza ukuba ugcine izindinganiso zokuziphatha, kodwa bafuna ukuba uzephule. Uma ukuziphatha kwabo kuphambene nemithetho kaNkulunkulu, bakukhuthaza ukuba uphule ubuqotho bakho. Ingabe yilokho ngempela okufunayo?”