Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingakuyeka Kanjani Ukuhlehlisa Izinto?

Ngingakuyeka Kanjani Ukuhlehlisa Izinto?

Ingabe ukhathele ukuhlale uqeda imisebenzi yakho yasekhaya neyesikole sekwephuzile? Uyakudinga ngempela ukuyeka ukuhlehlisa izinto! Lesi sihloko sizokusiza uyeke ukuhlehlisa izinto, ngisho nalapho

Ngemva kokufunda lesi sihloko,  yenza isivivinyo esiphathelene nokuhlehlisa izinto.

 IBhayibheli likhuluma ngemiphumela edabukisayo yokuhlehlisa izinto. Lithi: “Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu; nalowo obheka amafu ngeke avune.”—UmShumayeli 11:4.

 Cabanga ngezinye izici ezingaba nomthelela kule nkinga nalokho ongakwenza ukuze uyeke ukuhlehlisa izinto.

 Umsebenzi ubonakala ungaphezu kwamandla.

 Masivume​—eminye imisebenzi iqeda amandla kangangokuthi kulula ukuvele siyihlehlise. Nanka amacebiso ambalwa awusizo.

  •   Caza umsebenzi ube izingxenye ezincane. “Ngisho noma ngazi ukuthi ngisalele emuva kakhulu, ngizama ukubhekana nawo ngokwenza okukodwa ngesikhathi,” kusho intombazane okuthiwa uMelissa.

  •   Sheshe uqale. “Qala umsebenzi wakho ngokushesha nje lapho uwuthola, ngisho noma lokho kusho ukumane uwenezele ohlwini lwakho lwezinto ozozenza noma ukubhala amasu ambalwa ngaphambi kokuba uwakhohlwe.”​—UVera.

  •   Cela usizo. Kungenzeka abazali, amanye amalungu omkhaya amadala kunawe noma abangane asebekhulile bake babhekana nenkinga efanayo. Kungani ungaceli usizo lwabo? Bangase bakusize ukwazi ukuhlela kahle futhi uthole indlela yokuwenza.

 Icebiso “Yenza isimiso. Yiqiniso, lokho kusho ukuthi kumelwe uhleleke futhi unamathele esimisweni sakho, kodwa kuyasiza—uyakwazi ukuqeda yonke into ngesikhathi esifanele.”—U-Abbey.

 Uyenqena nje.

 Ngokuvamile, imisebenzi okumelwe uyenze ihlanganisa ukwenza izinto eziyisicefe kakhulu kuwe. Ngakho yini ongayenza uma ungawuthandi umsebenzi okufanele uwenze? Zama lokhu.

  •   Cabanga ngesizathu esenza kufaneleke ukusheshe uwenze. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuthi uyozizwa kamnandi kanjani lapho usuwuqedile. “Ayikho into emnandi njengokwazi ukuthi ngiqede ngesikhathi noma ngiphambili ngomsebenzi wami futhi sengingaphumula,” kusho intombazanyana okuthiwa u-Amy.

  •   Zikhumbuze imiphumela. Lapho wephuza ukuqala umsebenzi, wenezela ukucindezeleka futhi unciphise amathuba onawo okuwuqeda. IBhayibheli lithi: “Uyovuna kona kanye lokho okutshalayo.”​—Galathiya 6:7, Good News Translation.

  •   Lubeke eduze engqondweni usuku okumelwe uqede ngalo. “Kuyangisiza ukushaya sengathi lo msebenzi kufanele ngiwuqede ngosuku olulodwa noma ezimbili ngaphambi kwesikhathi esifanele. Khona-ke ngingabuye ngiwuhlole ngibe ngisasalelwe usuku olulodwa noma ezimbili,” kusho intombazane okuthiwa u-Alicia.

 Icebiso “Yonke le nto isengqondweni. Zitshele ukuthi uzokwenza okufanele kwenziwe futhi akukho lutho oluzokuvimba. Uma ngizitshele lokho, okudingeka kwenzeke kuyenzeka.”​—U-Alexis.

 Kakade unokuningi okwenzayo.

 Insizwa okuthiwa uNathan ithi: “Abantu bavame ukungibiza ngomuntu ohlehlisa izinto, kodwa lokho akubonisi ukucabangela! Abaqapheli ukuthi nginomsebenzi omningi kangakanani!” Uma uzizwa njengoNathan, zama la macebiso.

  •   Qala ngemisebenzi elula. “Othile wake wangifundisa ukuthi lapho umsebenzi ungathatha imizuzu engaphansi kwemihlanu ukuwenza, kufanele uvele uwenze. Lokho kuhlanganisa izinto ezinjengokuhlanza, ukuneka izingubo zakho, ukugeza izitsha nokushaya ucingo,” kusho intombazane okuthiwa u-Amber.

  •   Hlela izinto ngokubaluleka kwazo. IBhayibheli lithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.” (Filipi 1:10) Ungakusebenzisa kanjani lokho ekuphileni kwansuku zonke? Intombazane okuthiwa u-Anna ithi: “Ngigcina uhlu lwayo yonke imisebenzi enginayo nesikhathi okufanele ngibe sengiyiqede ngaso. Kodwa okubaluleke kakhulu, ngibhala isikhathi engihlela ukuyenza ngaso nengizowuqeda ngaso umsebenzi ngamunye.”

 Ingabe lokho kubonakala kuwukuzibopha? Ake ukucabangisise. Iqiniso liwukuthi, lapho wenza isimiso, nguwe olawula isikhathi sakho kunokuvumela isikhathi ukuba silawule wena. Kanti lokho kunciphisa ukucindezeleka. “Ukuba nesimiso kunciphisa ukukhathazeka futhi kungenze ngibe nombono ofanele ngezinto.”

  •   Nciphisa iziphazamiso. UJennifer uthi: “Lapho ngiqala umsebenzi wami, ngitshela wonke umuntu endlini. Uma kukhona into abafuna ukungithuma yona, ngibacela ukuba bangitshele ngaphambi kokuba ngiqale ukusebenza. Ngicima nomakhalekhukhwini nemisindo engitshelayo uma kungena i-email.

 Icebiso “Noma yini okufanele uyenze ngeke iye ndawo kuze kube yilapho usuyenzile. Kunokulokhu uyihlehlisa, vele uyenze nje. Ngaleyo ndlela, uyokhululeka usuku lonke.”—UJordan.