Dlulela kokuphakathi

Kuthiwani Uma Ngingasithandi Isikole?

Kuthiwani Uma Ngingasithandi Isikole?

Nakhu okudingeka ukwenze

 Umbono omuhle ngokufunda. Zama ukuba nombono obanzi. Ezinye izifundo ozenzayo zingase zibonakale zingasizi ngalutho—okungenani okwamanje. Noma kunjalo, ukufunda ngezihloko ezihlukahlukene kuyothuthukisa indlela oqonda ngayo izinto ezikuzungezile emhlabeni. Kuyokusiza ube “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo,” kukunike ikhono lokukhuluma nabantu abavela ezizindeni ezihlukahlukene. (1 Korinte 9:22) Uyothuthukisa nekhono lakho lokucabanga—ikhono eliyokusiza njengoba ukhula.

Ukuya esikoleni kufana nokuvula indlela ehlathini elicinene—kodwa ungakwazi ukukwenza kokubili uma unamathuluzi afanele

 Umbono omuhle ngothisha wakho. Uma ucabanga ukuthi uthisha wakho ukubangela isithukuthezi, gxila kulokho akufundisayo hhayi kuyena. Khumbula, cishe uthisha wakho usefundise isifundo esifanayo izikhathi eziningi kwamanye amakilasi. Ngakho kungase kube yinselele kuye manje ukufundisa ngendlela enomfutho njengasekuqaleni.

 Icebiso: Bhala amaphuzu, ngenhlonipho cela ukwaziswa okwengeziwe bese uba nomdlandla ngezifundo zakho. Umdlandla uyathelelana.

 Umbono omuhle ngamakhono akho. Isikole siveza amakhono akho afihlekile. UPawulu wabhalela uThimothewu: ‘Sivuthele njengomlilo isipho sikaNkulunkulu esikuwe.’ (2 Thimothewu 1:6) Kusobala ukuthi uThimothewu wayenikwe isipho somoya ongcwele. Kodwa “isipho” sakhe sasidinga ukuhlakulelwa ukuze simzuzise. Kuyiqiniso ukuthi amakhono akho asesikoleni awuwanikwanga evela kuNkulunkulu ngokuqondile. Noma kunjalo, akekho omunye umuntu emhlabeni onamakhono afana nawakho. Isikole singakusiza uthole amakhono obungazi ukuthi unawo futhi uwathuthukise.