Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngenzenjani Uma Ngibhorekile?

Ngenzenjani Uma Ngibhorekile?

 Ayikho into abanye abantu abayizonda njengokuba sekhaya ntambama izulu lina futhi kungekho abangakwenza noma indawo abangaya kuyo. Insizwa okuthiwa uRobert ithi, “Uma isimo sezulu sinjalo, ngivele ngihlale ngingazi ukuthi ngenzeni.”

 Wake wazizwa kanjalo yini nawe? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza!

 Okufanele ukwazi

  •   Ukusebenzisa imishini yezobuchwepheshe kungase kungakusizi.

     Ukungena ku-inthanethi kungaba indlela yokuchitha isizungu, kodwa kungakwenza ubhoreke nakakhulu ngoba kukwenza ungayisebenzisi ingqondo yakho. UJeremy oneminyaka engu-21 uthi: “Uzithola ugqolezele isikrini kodwa kungekho okutheni ocabanga ngakho.”

     Intombazane okuthiwa u-Elena iyavumelana nalokho. Ithi: “Kunezinto imishini yezobuchwepheshe engeke ikwazi ukuzenza. Ikwenza ungajwayelani nokuphila kwangempela okwenza ukuthi uma ungasayisebenzisi, uvele ubone ukuphila sekubhora nakakhulu!”

  •   Lungisa ingqondo yakho.

     Ingabe ukuba nezinto eziningi okumelwe uzenze, kungakwenza ungabhoreki? Kuya ngokuthi uyithanda kangakanani leyo nto oyenzayo. Ngokwesibonelo, nakhu uKaren akukhumbulayo: “Ngisho noma kwakunezinto okwakumelwe ngizenze esikoleni, kodwa sasingibhora. Kufanele ukuthande okwenzayo ukuze kungakubhori.”

 Bewazi? Ukungabi nalutho ozolwenza akuyona inkinga, kuyithuba lokubona amanye amakhono onawo.

Ukungabi nalutho ozolwenza kuyithuba lokubona amanye amakhono onawo

 Ongakwenza

 Yenza ezinye izinto. Thola abangane abasha. Thola into entsha ongayenza ngesikhathi sakho. Funda ngezinto ezintsha. Mancane amathuba okuba abantu abathanda izinto ezahlukahlukene babhoreke lapho bebodwa, futhi ngokuvamile abantu ababhoreki uma benabo!

 Okushiwo iBhayibheli: “Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho.”​—UmShumayeli 9:10.

 “Ngisanda kuqala ukufunda ulimi lwesiMandarin saseChina, futhi ukuluprakthiza njalo kungenze ngabona ukuthi bese ngikukhumbula ukufunda into entsha. Ngiyathanda ukuba nomsebenzi okufanale ngiwenze. Kwenza ngisebenzise ingqondo futhi ngisisebenzise kahle isikhathi sami.”​—UMelinda.

 Yazi ukuthi yini uzoyizuza. Uma wazi ukuthi okwenzayo ukwenzelani, uzokuthanda nakakhulu. Ngisho nomsebenzi wesikole ngeke ubhore kangako uma wazi ukuthi kuzokusiza ngani ukuwenza.

 Okushiwo iBhayibheli: ‘Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba abone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.’​—UmShumayeli 2:24.

 “Lapho sengizoqeda isikole, ngangitadisha amahora angu-8 ngosuku ngoba ngangisalele emuva. Angizange ngibhoreke ngoba ngangazi ukuthi yini engangifuna ukuyithola. Ngangihlale ngizikhumbuza ukuthi ngangifuna ukuphasa ngiqede isikole, futhi lokho kwangisiza ngaqhubeka ngitadisha.”​—UHannah.

 Funda ukwamukela izinto ongeke uzishintshe. Ngisho nezinto okujabulelayo ukuzenza zingakubhora ngesinye isikhathi. Ngisho nomngane wakho omkhulu kuyokwenzeka ashintshe ebenihlele ukukwenza, bese usala ungazi ukuthi wenzeni. Kunokuphatheka kabi, zama ukuba nombono omuhle ngalokho okwenzekile.

 Okushiwo iBhayibheli: “Onenhliziyo enhle unedili njalo.”​—IzAga 15:15.

 “Umngane wami wangitshela ukuthi kufanele ngifunde ukukujabulela ukuba ngedwa. Wathi ukufunda ukujabula lapho unabanye nalapho uwedwa, kuyikhono elibalulekile ekuphileni wonke umuntu okufanele afunde ukuba nalo.”​—U-Ivy.