Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 3)

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo? (Ingxenye 3)

 Iminyaka yobusha ivame ukuhlotshaniswa nempilo enhle namandla angapheli. Nokho, abanye abasebasha balinganiselwe ngenxa yokugula okubi. Ingabe nawe ukuleso simo? Uma kunjalo, lokho okulandiswa uV’loria, uJustin noNisa kungakukhuthaza​—bobathathu bangoFakazi BakaJehova. Phawula indlela abakwazi ngayo ukubhekana nezinkinga zabo zempilo eziwohloza umzimba.

 UV’loria

 Kusukela ngineminyaka engu-14 bengilokhu ngiphethwe isifo sokuqaqamba kwemisipha esibizwa nge-fibromyalgia. Lapho sengineminyaka engu-20, ngase, ngine-lupus, i-Lyme nesifo samathambo. Kunzima ukwenza zonke izinto ofuna ukuzenza uma uhlale uzizwa ubuthaka. Ngezinye izikhathi ngangikhubazeka kusukela ezinqulwini kwehle futhi kudingeke ngihambe ngesihlalo sabakhubazekile.

 Okwakukubi nakakhulu kunokugula emzimbeni kwakuyingcindezi engokwengqondo engangizifaka kuyo ngenxa yokungakwazi ukwenza izinto ezilula ezinjengokubhala noma ukuvula ibhodlela. Ngangibona izingane zizihambela bese ngizibuza ukuthi kungani kwakunzima kangaka ngami ukuba ngihambe. Ngazizwa ngiyisehluleki.

 Ngokujabulisayo, ngathola usizo​—hhayi nje emalungwini omndeni wakithi kuphela kodwa futhi nasebandleni loFakazi BakaJehova engihlanganyela kulo. Amalungu ebandla ayevame ukungivakashela, okwanciphisa ukuzizwa ngishiywe dengwane. Abanye babengimema lapho behlangene ndawonye, ngisho noma kungelula ukungisusa esihlalweni sabakhubazekile ngigitshezwe ngiphinde ngehliswe emotweni.

 Asebekhulile abasebandleni baba usizo ngokukhethekile kimi ngoba bayazi ukuthi kunjani ukuba nezinkinga zempilo. Bangisiza ngamukela ukulinganiselwa kwami futhi ngingazizwa nginecala ngokungakwazi ukwenza okulingana nalokho abanye abakwaziyo ukukwenza. Isikhathi engijabula ngaso kakhulu ilapho ngisemihlanganweni yebandla nasenkonzweni. (Hebheru 10:25) Ngalezo zikhathi ngiyaqonda ukuthi naphezu kokugula kwami, angihlukile kangako kwabanye.

 Ngihlale ngikhumbula ukuthi uJehova usinika esikudingayo ukuze sikhuthazele. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi ngisho noma umuntu ewohloka ngaphandle, umuntu anguye ngaphakathi ‘angenziwa musha usuku nosuku.’ (2 Korinte 4:​16) Yileyo kanye indlela engizizwa ngayo!

 Ongacabanga ngakho: Uma ukhungethwe inkinga yempilo embi kakhulu, kungani kubalulekile ukwanuleka? Uma ungumqemane ungamsekela kanjani ogulayo?​—IzAga 17:17.

 UJustin

 Ngawa futhi ngahluleka ukuvuka. Isifuba sami sasibuhlungu futhi ngangingakwazi ukunyakaza. Ngaphuthunyiswa egunjini labagula kakhulu. Ekuqaleni odokotela babengakwazi ukuthola ukuthi ikuphi inkinga. Kodwa ngemva kokuba sekungiphinde izikhathi eziningana bathola​—isifo esibizwa nge-Lyme.

 I-Lyme yahlasela isimiso sezinzwa zami. Empeleni, namanje ngisadlikiza, ngezinye izikhathi ngendlela engalawuleki, ngisho nakuba sekuyiminyaka kwatholakala ukuthi nginalesi sifo. Ngezinye izinsuku umzimba wami uba buhlungu noma iminwe yami ibe buhlungu kangangokuthi angikwazi nokuyinyakazisa. Kuba sengathi amalunga ami omile.

 Ngangike ngicabange, ‘Ngisemncane kakhulu ukuba ngigule,’ futhi lokho kwakungenza ngithukuthele. Nsuku zonke ngangikhala kuNkulunkulu, ngimbuze, “Kungani lokhu kwenzeka kimi?” Ngaze ngaqala nokucabanga ukuthi uNkulunkulu ungilahlile. Kodwa ngase ngicabanga ngoJobe waseBhayibhelini. UJobe wayengaqondi ngokugcwele ukuthi kungani ayebhekene nezinselele eziningi, noma kunjalo wahlala ethembekile kuNkulunkulu. Uma uJobe akwazi ukwenza kanjalo nakuba ayebhekene nezinkinga ezinkulu, nami ngingenza okufanayo.

 Abadala basebandleni lethu bangisekela kakhulu. Njalo bayangihlola futhi bangibuze ukuthi ngizizwa kanjani. Omunye umdala wangitshela ukuthi ngimshayele ucingo noma nini lapho ngifuna ukukhuluma, kungakhathaliseki ukuthi isikhathi sini. Ngimbonga nsuku zonke uJehova ngabangane abanjengalaba!​—Isaya 32:​1, 2.

 Ngezinye izikhathi lapho sibhekene nokugula okubucayi, sikhohlwa into esobala​—ukuthi uJehova uyakwazi esibhekene nakho. IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, Yena uyokusekela.” (IHubo 55:22) Yilokho engizama ukukwenza usuku ngalunye.

 Ongacabanga ngakho: Ukuba nabantu abakuthandayo abakusekelayo kungakusiza kanjani ukhuthazelele inkinga yempilo?​—IzAga 24:10; 1 Thesalonika 5:11.

 UNisa

 Lapho ngisanda kweva eminyakeni engu-15 kwatholakala ukuthi ngine-Marfan syndrome—isifo esihlasela amalunga omzimba siwenze abe buthaka. I-Marfan syndrome ingathinta nenhliziyo, amehlo nezinye izitho ezibalulekile ekusekeleni ukuphila. Angibi sezinhlungwini nsuku zonke, kodwa lapho ngikuzo ziba zimbi kakhulu.

 Ngesikhathi ngisanda kuthola ukuthi nginalesi sifo ngangivame ukukhala. Ngangikhathazwa ukuthi ngeke ngisakwazi ukwenza zonke izinto engangijabulela ukuzenza. Ngokwesibonelo, ngiyakuthanda ukudansa, futhi ukucabanga nje ngokuthi ngelinye ilanga kungaba buhlungu kakhulu ngingakwazi nokudansa—noma ngisho nokuhamba—kwangenza ngalesaba ikusasa.

 Udadewethu wangisekela kakhulu. Wangisiza ukuba ngiyeke ukuzidabukela. Wangitshela ukuthi akufanele ngiphile ngokwesaba ngoba lokho kungabusa ukuphila kwami konke. Wangikhuthaza nokuba ngiphikelele emthandazweni ngenxa yokuthi uma ekhona umuntu owayekwazi futhi ekuqonda kahle engangibhekene nakho, kwakunguJehova.—1 Petru 5:7.

 UmBhalo owangikhuthaza kakhulu kwakuyiHubo 18:6, elithi: “Ngaqhubeka ngimbiza uJehova ekucindezelekeni kwami, futhi ngaqhubeka ngikhalela usizo kuNkulunkulu wami. Walizwa izwi lami esethempelini lakhe, ukukhalela kwami usizo phambi kwakhe kwafika ezindlebeni zakhe.” Lelo vesi langisiza ngaqonda ukuthi lapho ngithandaza kuJehova ngimcela ukuba angisize ngibhekane nezinkinga, uyongizwa futhi angisize. Uhlale ekulungele ukungisiza.

 Ngiye ngafunda ukuthi AKUKUBI ukuzizwa udangele noma ucasukile ngenxa yento ebuhlungu obhekene nayo ngoba leyo mizwa ingokwemvelo—uma nje singayivumeli ukuba ilawule ukuphila kwethu futhi iphazamise ubungane bethu noNkulunkulu. Akayona imbangela yezinkinga zethu, futhi akasoze asishiya uma nje simbeka kuqala ekuphileni kwethu.—Jakobe 4:8.

 Ongacabanga ngakho: Ingabe kumelwe sisole uNkulunkulu ngokuhlupheka kwethu?—Jakobe 1:​13.