KwabaseGalathiya 6:1-18

  • Ukuthwalisana imithwalo (1-10)

    • Okuhlwanyelwayo kuyavunwa (7, 8)

  • Ukusoka akulutho (11-16)

    • Indalo entsha (15)

  • Isiphetho (17, 18)

6  Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina enivuthiwe* zamani ukumlungisa ngomoya omnene umuntu onjalo. + Kodwa qaphani + ukuze nani ningalingwa. +  Qhubekani nithwalisana imithwalo yenu, + ngokwenza kanjalo niyobe nigcwalisa umthetho kaKristu. +  Ngoba uma umuntu ecabanga ukuthi uwutho ebe engelutho, + uyazikhohlisa.  Kodwa yilowo nalowo makahlole izenzo zakhe, + khona-ke uyoba nesizathu sokujabula ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu. +  Ngoba yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo. *+  Ngaphezu kwalokho, noma ubani ofundiswa izwi* makahlanganyele* ezintweni zonke ezinhle nalowo onikeza leyo mfundo. *+  Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi; +  ngoba lowo ohlwanyela enombono wenyama yakhe uyovuna ukonakala enyameni, kodwa lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okuphakade okuvela emoyeni. +  Ngakho masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngesikhathi esifanele siyovuna uma singakhathali. *+ 10  Ngakho-ke uma nje sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni. 11  Bonani ukuthi nginibhalele ngezinhlamvu ezinkulu kangakanani ngesandla sami siqu. 12  Bonke labo abafuna ukubonakala bebahle enyameni* yilabo abazama ukunicindezela ukuba nisokwe, ukuze nje bagweme ukushushiswa ngenxa yesigxobo sokuhlushwa* sikaKristu. 13  Ngoba ngisho nalabo abasokwayo abawugcini uMthetho bona ngokwabo, + kodwa bafuna nina nisokwe ukuze babe nesizathu sokuziqhayisa ngenyama yenu. 14  Kwangathi mina ngingelokothe ngiziqhayise, ngaphandle kokuba ngiziqhayise ngesigxobo sokuhlushwa* seNkosi yethu uJesu Kristu, + izwe eliye labulawa* ngaye ngokuqondene nami, nami ngokuqondene nezwe. 15  Ngoba ukusoka nokungasoki akulutho, + kodwa indalo entsha iyona ewutho. + 16  Ngokuqondene nabo bonke abahamba ngokuhlelekile ngalo mthetho wokuziphatha, mababe nokuthula nesihe, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu. + 17  Kusukela manje makungabikho muntu ongikhathazayo, ngoba emzimbeni wami ngithwele izimpawu zokushiswa zenceku kaJesu. + 18  Umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu ube nomoya eniwubonisayo, bazalwane. Amen.

Imibhalo yaphansi

Noma, “eninezimfanelo ezingokomoya.”
Noma, “isibopho.”
Noma, “mfundo yomlomo.”
Noma, “makabe nengxenye.”
Noma, “izwi ngomlomo.”
Noma, “singayeki.”
Noma, “ngaphandle.”
Noma, “labulawelwa esigxotsheni.”