Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?​—Ingxenye 3: Kungani Kufanele Ukholelwe Endalweni?

Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?​—Ingxenye 3: Kungani Kufanele Ukholelwe Endalweni?

“Uma ukholelwa endalweni, abantu bangase bacabange ukuthi uyisiphukuphuku, bathi ubambelele ezimfundisweni zobuntwana owazifundiswa abazali bakho, noma bathi ukhohliswe yinkolo.”​—UJeanette.

 Ingabe nawe uzizwa njengoJeanette? Uma kunjalo, ungase uzithole usukungabaza ukukholelwa kwakho endalweni. Vele akekho umuntu othanda ukubhekwa njengongazi lutho. Yini engasiza?

 Izizathu zokungavumelani nale nkolelo

 1. Uma ukholelwa endalweni, abantu bayocabanga ukuthi awuvumelani nesayensi.

 “Uthisha wami wathi ukukholelwa endalweni, yinto abantu abayenza lapho bevilapha ukuthola incazelo yokuthi umhlaba usebenza kanjani.”​—UMaria.

 Okufanele ukwazi: Labo abasho kanjalo abawazi amaqiniso. Ososayensi abadumile abanjengoGalileo no-Isaac Newton, babekholelwa kuMdali. Inkolelo yabo yayingangqubuzani nothando lwabo ngesayensi. Ngokufanayo, abanye ososayensi namuhla ababoni kungqubuzana phakathi kwesayensi nokukholelwa endalweni.

 Zama lokhu: Bhala amagama athi “uchaza ngokholo lwakhe” (kanye nezimpawu zengcaphuno) ebhokisini lokufuna elitholakala engxenyeni ethi UMTAPO WEZINCWADI ukuze uthole izibonelo zalabo abasemkhakheni wezokwelapha nowesayensi abayamukelayo indaba yendalo. Phawula ukuthi yini eyabasiza ukuba bafinyelele kuleso siphetho.

 Iphuzu elibalulekile: Ukukholelwa endalweni akukwenzi umuntu omelene nesayensi. Empeleni, ukufunda okwengeziwe ngezinto zemvelo, kungaqinisa ukukholelwa kwakho endalweni.​—Roma 1:​20.

2. Uma ukholelwa kulokho okushiwo yiBhayibheli ngendalo, abantu bayocabanga ukuthi ungumuntu oshisekela inkolo ngokweqile.

 “Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukukholelwa endalweni kuyihlaya. Banomuzwa wokuthi ukulandisa okukuGenesise kumane nje kuyinganekwane.”​—UJasmine.

 Okufanele ukwazi: Ngokuvamile abantu banemibono eyiphutha ngalokho okushiwo yiBhayibheli ngendalo. Ngokwesibonelo, abanye abathi bakholelwa endalweni, bathi umhlaba udalwe muva nje, noma bathi izinto eziphilayo zadalwa ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24. Kule mibono, awukho osekelwa yiBhayibheli.

  •   UGenesise 1:1 uyibeka kalula le ndaba, uthi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” Lokhu akungqubuzani nobufakazi besayensi bokuthi sekuyizigidigidi zeminyaka umhlaba ukhona.

  •   Igama elithi “usuku” njengoba lisetshenziswe kuGenesise, lingabhekisela enkathini ende yesikhathi. Empeleni, kuGenesise 2:4 igama elithi “usuku,” libhekisela kuzo zonke izinsuku eziyisithupha zokudala.

 Iphuzu elibalulekile: Ukulandisa kweBhayibheli ngendalo kuyavumelana namaqiniso esayensi.

 Cabanga ngezinkolelo zakho

 Ukukholelwa endalweni akudingi ube “nokholo olungenasisekelo.” Kunalokho, kusekelwe ezizathwini ezinengqondo. Cabanga ngalokhu:

 Konke oye wakubona ekuphileni, kukufundise ukuthi lapho kunomklamo khona, kukhona nomklami. Lapho ubona ikhamera, indiza noma indlu, uphetha kufanele ngokuthi ukhona owakuklama. Kungani kufanele uwulahle lowo mqondo ophusile uma usucabanga ngeso lomuntu, ngenyoni endiza esibhakabhakeni, noma ngoMhlaba esiphila kuwo?

 Ongacabanga ngakho: Ngokuvamile, onjiniyela balingisa imiklamo abasuke beyibone ezintweni zemvelo ukuze bathuthukise lokho abasuke bekusungulile, futhi ngokufanelekile bafuna abanye bayiqaphele imisebenzi yabo. Ingabe kunengqondo ukuqaphela umklami ongumuntu kanye nomsebenzi wakhe, kodwa sihluleke ukuqaphela uMdali kanye nemiklamo yaKhe esezingeni eliphezulu?

Ingabe kunengqondo ukucabanga ukuthi ibhanoyi laklanywa kodwa inyoni yazivelela?

 Amathuluzi okukusiza uhlole ubufakazi

 Ungakuqinisa ukuzimisela kwakho ukukholelwa endalweni ngokuhlola ubufakazi obutholakala emvelweni.

 Zama lokhu: Bhala amagama athi “ingabe kwaklanywa” (kanye nezimpawu zengcaphuno) ebhokisini lokufuna elitholakala engxenyeni ethi UMTAPO WEZINCWADI. Khetha izihloko ozithandayo ezitholakala kuyi-Phaphama! ngaphansi kochungechunge oluthi “Ingabe Kwaklanywa?” Esihlokweni ngasinye, thola ukuthi yini evelele ngaleyo nto yemvelo okuxoxwa ngayo. Kukuqinisekisa kanjani ukuthi ukhona uMklami?

 Yimba ujule: Sebenzisa lezi zincwajana ezilandelayo ukuze uhlole ubufakazi obengeziwe bendalo.

  •  Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?

    •   Umhlaba ubekwe endaweni ekahle kakhulu futhi ukuhlomele ukusekela izinto eziphilayo.​—Bheka amakhasi 4-​10.

    •   Izibonelo zomklamo ziyatholakala endalweni.​—Bheka amakhasi 11-​17.

    •   Ukulandisa kweBhayibheli ngendalo okukuGenesise kuyavumelana nesayensi.​—Bheka amakhasi 24-​28.

  •  The Origin of Life​—Five Questions Worth Asking

    •   Ukuphila kwakungeke kuvele kuqhamuke entweni engaphili.​—Bheka amakhasi 4-7.

    •   Izinto eziphilayo ziyinkimbinkimbi kakhulu ukuba zazingavele zizivelele nje.​—Bheka amakhasi 8-​12.

    •   Izakhi zofuzo zikwazi ukugcina imininingwane eminingi ukwedlula zonke izinto zobuchwepheshe zanamuhla.​—Bheka amakhasi 13-​21.

    •   Zonke izinto eziphilayo azivelanga entweni eyodwa. Umlando wezinsalela ufakazela ukuthi izilwane ezinhlobonhlobo zavela ngezinhlobo zazo, hhayi ukuthi zathuthuka kancane kancane zisuka ohlotsheni oluthile.​—Bheka amakhasi 22-​29.

 “Imvelo ingenze ngaqiniseka nakakhulu ukuthi uNkulunkulu ukhona, kusukela ezilwaneni ezilapha emhlabeni kuya emkhathini ogcwele izinkanyezi kanye nokuhleleka okukhona kuwo.”—UThomas.