Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyenze Ngemva Kokubhapathizwa?​—Ingxenye 1: Hlale Umatasa

Yini Okufanele Ngiyenze Ngemva Kokubhapathizwa?​—Ingxenye 1: Hlale Umatasa

 Izinto eziyigugu, njengomuzi noma imoto, kufanele zinakekelwe kahle. Kunjalo nangobungani bakho noNkulunkulu. Uzobuqinisa kanjani lobo bungani ngemva kokubhapathizwa kwakho?

Kulesi sihloko

 Qhubeka ufunda iZwi likaNkulunkulu

 UmBhalo owusizo: ‘Qhubekani nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi lwanda ulwazi lwenu olunembile ngoNkulunkulu.’—Kolose 1:10.

 Isifundo: Ngemva kokubhapathizwa, kuzodingeka uqhubeke ufunda iBhayibheli futhi uzindla ngalokho okufundayo.—IHubo 25:4; 119:97.

 Ongakulindela: Ngezinye izikhathi ngeke kuvume ukuthi ufunde. Ungase uphethe ngokuthi ukufunda “akuyona into yakho.”

 Ongakwenza: Yimba ujule ezihlokweni zeBhayibheli ozithandayo. Zenzele uhlelo lwakho lokufunda—olungeke lube umthwalo. Kufanele ube nomgomo wokumthanda kakhulu uJehova neZwi lakhe. Leyo ndlela yokufunda iwusizo futhi imnandi.—IHubo 16:11.

 Icebiso: Ukuze uzuze okuningi lapho ufunda, zama ukuthola indawo okuthulekile kuyo, engenaziphazamiso.

 Udinga olunye usizo?

 Qhubeka uthandaza kuJehova

 UmBhalo owusizo: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.

 Isifundo: Ukuxhumana noNkulunkulu kusho ukuthi yena uzokhuluma nawe, nawe ukhulume naye: Usuke umlalela lapho ufunda iZwi lakhe; bese ukhuluma naye ngomthandazo. Phawula ukuthi lapho uthandaza ungakwazi ukucela izinto ozidingayo nokubonga uNkulunkulu ngezibusiso ozitholile.

 Ongakulindela: Ngezinye izikhathi, ungase uqale ukucabanga ukuthi uphinda izinto ezifanayo emithandazweni yakho. Ungaze uqale nokungabaza ukuthi uJehova ukulalele noma ukuthi uyafuna ukukulalela.—IHubo 10:1.

 Ongakwenza: Phakathi nosuku, cabanga ngezinto ongazithandazela. Uma izimo zingakuvumeli ukuba wenze umthandazo omude ngaleso sikhathi, zama ukuthandaza ngakho lapho kuvela ithuba ngalolo suku. Thandazela izinto ezibalulekile kuwe nakwabanye abantu.—Filipi 2:4.

 Icebiso: Uma ubona sengathi uphindaphinda izinto ezifanayo emithandazweni yakho, xoxela uJehova ngalokho. Ufuna ukuzwa zonke izinto ezikukhathazayo, okuhlanganisa izinto ezithinta imithandazo yakho.—1 Johane 5:14.

 Udinga olunye usizo?

 Qhubeka uxoxela abanye ngokholo lwakho

 UmBhalo owusizo: “Zinake njalo wena nalokho okufundisayo. . . . Ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.”—1 Thimothewu 4:16.

 Isifundo: Lapho uxoxela abanye ngezinkolelo zakho, nokholo lwakho luyaqina. Ngenxa yalokho, ungase usindise ukuphila kwabantu abakulalelayo kanye nokuphila kwakho.

 Ongakulindela: Ngezinye izikhathi, kungase kungavumi ukuthi uxoxe ngokholo lwakho. Kungaze kukwethuse lokho, ikakhulukazi esikoleni.

 Ongakwenza: Zimisele ukungavumeli imizwa efana nokwesaba, ilawule izinqumo zakho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngisho noma [ukumemezela izindaba ezinhle] ngikwenza ngingathandi, ngisenawo umsebenzi engiwuphathisiwe.”—1 Korinte 9:16, 17.

 Icebiso: Ngemvume yabazali bakho, thola umuntu ongakusiza oyisibonelo esihle kuwe, kufanele kube uFakazi oyisibonelo esihle enkonzweni.—IzAga 27:17.

 Udinga olunye usizo?

  •   Funda:

     Kungani Ngesaba Ukukhuluma Ngokholo Lwami?

 Qhubeka uya emihlanganweni yobuKristu

 UmBhalo owusizo: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana ndawonye.”—Hebheru 10:24, 25.

 Isifundo: Isizathu esiyinhloko esenza siye emihlanganweni ukukhonza uJehova. Kodwa ukuya emihlanganweni kunezinye izinzuzo ezimbili. Okokuqala, abafowenu nodadewenu bayakukhuthaza. Okwesibili, nawe uyabakhuthaza lapho uba khona futhi uba nengxenye.—Roma 1:11, 12.

 Ongakulindela: Ngezinye izikhathi, ingqondo yakho ingase izulazule, okungakwenza ulahlekelwe izinto ezibalulekile ezifundiswayo. Ungase futhi uvumele nezinye izinto ukuba zime endleleni yakho; ungase ugqoze emihlanganweni noma ugxile kwezinye izinto, ezifana nomsebenzi wesikole.

 Ongakwenza: Zimisele ukuba khona njalo emihlanganweni, uzibekele umgomo wokufunda okuningi kuyo, ungayeki nokwenza imisebenzi yesikole. Yiba nengxenye ngokuphakamisa ukuze uphendule. Ngemva komhlangano, okungenani makube nomuntu oyedwa omncomayo ngengxenye ayenzile.

 Icebiso: Lungiselela ngaphambi kokuza emhlanganweni. Dawuniloda i-JW Library®, ucofe ingxenye ethi “Imihlangano” ukuze ubone ukuthi kuzobe kuxoxwa ngani emhlanganweni ngamunye.

 Udinga olunye usizo?

  •   Funda:

     Kungani Kufanele Uye Emihlanganweni YobuKristu?