Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyenze Ngemva Kokubhapathizwa?​—Ingxenye 2: Gcina Ubuqotho Bakho

Yini Okufanele Ngiyenze Ngemva Kokubhapathizwa?​—Ingxenye 2: Gcina Ubuqotho Bakho

 IBhayibheli lithi “uJehova ngeke abagodlele okuhle labo abahamba ngobuqotho.” (IHubo 84:11) Kusho ukuthini ‘ukuhamba ngobuqotho’? Kusho ukuphila ngendlela ebonisa ukuthi uyasigcina isithembiso owasenza kuJehova ngesikhathi uzinikezela kuye. (UmShumayeli 5:4, 5) Ungahamba kanjani ngobuqotho ngemva kokubhapathizwa?

Kulesi sihloko

 Qhubeka ukhuthazelela izinkinga

 UmBhalo oyinhloko: “Kumele singene eMbusweni kaNkulunkulu ngezinsizi eziningi.”—IzEnzo 14:22.

 Incazelo: Uma sibhekana namaqiniso, wonke amaKristu azobhekana nezinkinga ekuphileni. Ezinye izinkinga ozobhekana nazo, njengokwenziwa ihlaya noma ukuphikiswa, zibangelwa ukuthi ungumKristu. Ezinye, njengezinkinga zemali noma ukugula, zingathinta bonke abantu.

 Ongakulindela: Izimo zakho zizobuye zishintshe, ngezinye izikhathi zizoshintsha ngezindlela ongazithandi. IBhayibheli lithi izinto ezimbi zingenzeka kunoma ubani—kumaKristu nakubantu abangewona amaKristu.—UmShumayeli 9:11.

 Ongakwenza: Njengoba wazi ukuthi ukuphila kwakho kuzoba nezinselele, ungazilungiselela ukubhekana nazo. Bheka izinselele njengethuba lokuqinisa ukholo lwakho, nelokunamathelana ngisho nakakhulu noJehova. (Jakobe 1:2, 3) Ngokuhamba kwesikhathi, nawe ungakwazi ukusho la mazwi njengomphostoli uPawulu: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

 INDABA EYENZEKA NGEMPELA. “Ngokushesha nje ngemva kokubhapathizwa kwami, umfowethu engimelamayo walishiya iqiniso, abazali bami bagula, nami ngagula. Kwakulula kakhulu ukuthi ngiphons’ ithawula—ngikhohlwe ukuthi lapho ngizinikezela kuNkulunkulu, ngathembisa ukuthi ukumkhonza kuzoba yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwami. Empeleni ngasizwa yilokho kuzinikezela ukuze ngibhekane nalobo bunzima.”—UKaren.

 Icebiso: Funda ngoJosefa. Ungafunda ngokuphila kwakhe kuGenesise izahluko 37 no-39 kuya ku-41. Cabanga ngalokhu: Yiziphi izinkinga ezingalindelekile ezaphakama, wabhekana kanjani nazo? UJehova wamsiza kanjani uJosefa?

 Ufuna okwengeziwe?

 Qhubeka umelana nezilingo

 UmBhalo oyinhloko: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuyengwa yisifiso sakhe.”—Jakobe 1:14.

 Incazelo: Sonke sibuye sibe nezifiso ezingasenzisa okungalungile uma zingalawulwa.

 Ongakulindela: Ngemva kobhapathizo, usazoba nazo ‘izifiso zenyama.’ (2 Petru 2:18) Ungaze ufise nokuya ocansini ungakashadi.

 Ongakwenza: Senze manje isinqumo—ngaphambi kokufika kwesilingo—ukuze ungavumeli izifiso nemizwa ukuba kukwenzele izinqumo. Ungakhohlwa ukuthi uJesu wathi: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili.” (Mathewu 6:24) Ungazikhethela ukuthi ubani ozoba inkosi yakho. Akube uJehova. Kungakhathaliseki ukuthi leso sifiso esibi sinamandla kangakanani, unawo amandla okungakwenzi esikufunayo.—Galathiya 5:16.

 Icebiso: Funda ukubona izindawo onamandla kuzo nobuthakathaka kuzo. Khetha abangani abakwenza ube nezimfanelo ezinhle. Gwema abantu, izindawo nezimo ezenza kube nzima ukuba wenze okulungile.—IHubo 26:4, 5.

 Ufuna okwengeziwe?

 Qhubeka ukhulisa intshiseko yakho

 UmBhalo oyinhloko: ‘Bonisani inkuthalo efanayo kuze kube sekupheleni, ukuze ningavilaphi.’—Hebheru 6:11, 12.

 Incazelo: Umuntu ongagxili emsebenzini wakhe kulula ukuthi ahudule izinyawo futhi avilaphe.

 Ongakulindela: Kungenzeka wawujabule nentshiseko yakho ivutha ngemva kokubhapathizwa. Wawumthanda kakhulu uJehova. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, kungase kube nzima ukuqhubeka ulalela uJehova kuzo zonke izinto, lokho kungakuqeda amandla, kunciphise nentshiseko yakho.—Galathiya 5:7.

 Ongakwenza: Ungayeki ukwenza into efanele, ngisho noma kubuye kungavumi ngezinye izikhathi. (1 Korinte 9:27) Sondelana noYihlo osezulwini ngokuthi ufunde ngaye, nangokuthi ukhulume naye njalo ngomthandazo. Zama ukuba ngabangani abakhulu nabantu abathanda ukukhonza uJehova.

 Icebiso: Khumbula ukuthi uJehova ukuthanda kakhulu nokuthi ukulungele ukukusiza. Ungavele ucabange ukuthi ukuthukuthelele ngenxa nje yokuthi usaphelelwe intshiseko okwesikhashana. IBhayibheli lithi: “Unika okhathele amandla abanike amandla aphelele labo abangenamandla.” (Isaya 40:29) Ngokuhamba kwesikhathi, uzoyibusisa imizamo oyenzayo ukuze uvuselele intshiseko yakho.

 Ufuna okwengeziwe?

 Iphuzu elibalulekile: Uma uhamba ngobuqotho, uzokwenza inhliziyo kaJehova ijabule! (IzAga 27:11) Uzojabula ngenxa yokuthi ukhethe ukuba sohlangothini lwakhe, uzokunika konke okudingayo ukuze umelane nokuhlasela kukaSathane.