Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ubungane Noma Uthando?—Ingxenye 2: Ezani Izimpawu Engizithumelayo?

Ubungane Noma Uthando?—Ingxenye 2: Ezani Izimpawu Engizithumelayo?

 Uyathanda ukutholakala lapho umngane edinga ukuxoxa. Futhi muva uxoxa kakhulu nomngane oyedwa. Inkinga ukuthi, ungowobulili obuhlukile. Ucabanga ukuthi naye uzizwa ngendlela efanayo, uphetha ngokuthi: ‘Simane singabangane nje.’ Ingabe kumelwe ukhathazeke?

 Okungase kwenzeke

 Akukubi ukuba nabangane bobulili obuhlukile. Kodwa kuthiwani uma uba nobungane obukhethekile nomuntu oyedwa ukwedlula abanye? Esimweni esinjalo, angaphetha kufanele ngokuthi ufuna okungaphezu kobungane.

 Ingabe yilokho okuqondile? Cabanga ngezindlela ongakwenza ngazo lokhu, ngisho ungaqondile.

  •   Unaka othile ngokweqile.

     “Nakuba ungenakuyilawula indlela omunye umuntu azizwa ngayo, kodwa akufanele ubhebhethekise umlilo ngokulokhu umufonela uxoxa naye njalo kodwa ube uthi ningabangane nje.”​—USierra.

  •   Uyasabela lapho othile ekunaka.

     “Akumina owaqala ukuthumela imiyalezo, kodwa ngangihlale ngiyiphendula imiyalezo eminingi engangiyithunyelelwa intombazane ethile. Ngemva kwalokho, kwaba nzima ukuyichazela ukuthi ngangiyibheka njengomngane nje kuphela.”​—URichard.

  •   Uyakujabulela ukunakwa othile.

     “Abanye abantu bacabanga ukuthi ukudlala ngothando kuwumdlalo nje. Badlala ngemizwa yabanye bebe bengazimisele ngobudlelwane obuqotho. Ngike ngikubone kwenzeka kaningi, futhi kuhlale kunothile olimalayo.”​—UTamara.

 Nakhu okubalulekile: Ukuxoxa njalo nokunaka othile kuthumela izimpawu zokuthi unesifiso sokuthandana naye.

 Kungani kunendaba

  •   Kumphatha kabi omunye.

     IBhayibheli lithi: “Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” (IzAga 13:12) Yini wena ongayilindela uma othile elokhu ekuthumela izimpawu zokuthi unesifiso sokuthandana nawe?

     “Kunenkulumo evame ukushiwo, ‘Ukushiya umuntu elenga.’’ Ingafaniswa nalapho umuntu ebambe inhlanzi ngodobo bese evele eyiyeka nje ilenga kanjalo. Into efanayo ingenzeka nasebudlelwaneni. Uma ungenaso isifiso sokuthandana nothile kodwa ‘umshiya elenga,’ ungamubangela ubuhlungu obukhulu.”​—UJessica.

  •   Kulimaza idumela lakho.

     IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.” (Filipi 2:4) Yiziphi izici zobuntu ongazihlobanisa nomuntu ozicabangela yena yedwa? Lokho kungalithinta kanjani idumela lalowo muntu?

     “Akathandeki neze kimi umfana othanda ukudlala ngothando. Futhi ukudlala ngothando kungaba uphawu olubonisa ukuthi lowo muntu angase angathembeki nasemshadweni. Kuwukusebenzisa omunye umuntu ukuze wena uzizwe ungcono, lokho kuwukuzicabangela wena kuphela.”​—UJulia.

 Nakhu okubalulekile: Abantu abathumela izimpawu ezibonisa isifiso sothando bebe bengenanhloso yokuba nobudlelwane bazilimaza bona kanye nabanye.

 Lokho ongakwenza

  •   IBhayibheli lithi niphathe “amadoda asemasha njengabafowenu” futhi “abesifazane abasebasha njengawodadewenu ngabo bonke ubumsulwa.” (1 Thimothewu 5:1, 2) Uma uphila ngale ndinganiso, uzovikela ubungane bakho nalabo bobulili obuhlukile.

     “Ukube ngishadile, bengingeke ngidlale ngothando nomunye umuntu oshadile. Kuwukuziqeqesha okuhle kimi njengamanje, ngingakashadi, ukuba olinganiselayo endleleni engibaphatha ngayo abobulili obuhlukile.”​—ULeah.

  •   IBhayibheli lithi: “Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo.” (IzAga 10:19) Leso simiso asisebenzi kuphela ezingxoxweni kodwa nalapho nithumelelana imiyalezo—kuhlanganise nokuthi yini enikhuluma ngayo futhi nikhuluma kaningi kangakanani.

     “Asikho isidingo sokuthumela intombazane imiyalezo zonke izinsuku ngaphandle uma ufuna ukuthandana nayo.”​—UBrian.

  •   IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa.” (Jakobe 3:17) Ukwanga kungenziwa ngendlela emsulwa​—noma kubhekwe njengophawu lwesifiso sothando.

     “Ngizama ukugcina izingxoxo zami zinobungane kodwa ngibeka imingcele​—ngokoqobo nangokomfanekiso.”​—UMaria.

 Nakhu okubalulekile: Hlolisisa ngokucophelela indlela oziphatha ngayo nabobulili obuhlukile. Osemusha obizwa ngoJennifer uthi: “Kunzima ukuthola abangane abakahle, futhi awufisi ukufaka ubungane obunjalo engcupheni ngokuthumela izimpawu ezingacacile.

 Amacebiso

  •    Nakisisa lokho okushiwo abanye. Uma othile ebuza, “Ingabe wena nosibanibani niyathandana?” kungase kubonise ukuthi senisondelene kakhulu.

  •    Baphathe ngendlela efanayo abangane bakho bobulili obuhlukile. Ungakhethi oyedwa kuphela kubangane bakho bese unaka yena ukwedlula abanye.

  •   Qapha ekuthumelaneni imiyalezo—kuhlanganise ukuthi ukwenza kaningi kangakanani, yini oyithumelayo nesikhathi oyithumela ngaso. Intokazi ebizwa ngo-Alyssa ithi: “Awunasizathu sokuthumela othile wobulili obuhlukile umyalezo phakathi nobusuku.”