Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?​—Ingxenye 1: Kungani Kufanele Ukholelwe KuNkulunkulu?

Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?​—Ingxenye 1: Kungani Kufanele Ukholelwe KuNkulunkulu?

 Indalo noma ukuziphendukela kwemvelo?

 Ingabe uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto? Uma kunjalo, awuwedwa, baningi abantu abasha (kanye nabadala) abanombono ofana nowakho. Kodwa abanye bathi izinto eziphilayo kanye nendawo yonke kwazivelela—ngaphandle kosizo “Lothile Ophakeme.”

 Ingabe bewazi? Womabili la maqembu abantu abanombono ongefani ngokuvamile ayashesha ukusho lokho akukholelwayo engazi nokwazi ukuthi kungani ekholelwa kukho.

  •   Abanye abantu bakholelwa endalweni ngenxa nje yokuthi yilokho abaye bakufundiswa esontweni.

  •   Abantu abaningi bakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo ngenxa nje yokuthi yilokho abaye bakufundiswa esikoleni.

 Uchungechunge lwalezi zihloko luzokusiza uqinise ukukholelwa kwakho endalweni futhi ukwazi ukukuchaza. Kodwa okokuqala, kudingeka uzibuze lo mbuzo obalulekile:

 Kungani ngikholelwa kuNkulunkulu?

 Kungani lo mbuzo ubalulekile? Kungenxa yokuthi iBhayibheli likukhuthaza ukuba usebenzise ingqondo, ‘amandla akho okucabanga.’ (Roma 12:1) Lokho kusho ukuthi ukholo lwakho kuNkulunkulu akufanele nje lusekelwe

  •  emizweni (Nginomuzwa nje wokuthi kumelwe ukuba ukhona onamandla aphakeme)

  •  ethonyeni labanye (Ngihlala emphakathini wabantu abakholwayo)

  •  ekucindezelweni (Abazali bami bangikhulisa ngendlela yokuba ngikholelwe kuNkulunkulu—ngaphandle kwalokho)

 Kunalokho, kufanele uqiniseke wena ngokwakho ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi ube nezizathu ezizwakalayo zalokho okukholelwayo.

 Khona-ke, yini ekwenza uqiniseke ngokuthi uNkulunkulu ukhona? Ishadi elithi “Kungani Ukholelwa KuNkulunkulu?” lizokwenza uqiniseke. Kungase kukusize nokucabangela indlela enye intsha eye yawuphendula ngayo lowo mbuzo.

 UTeresa uthi: “Lapho ngisekilasini ngilalele uthisha echaza indlela imizimba yethu esebenza ngayo, angingabazi neze ukuthi ukhona uNkulunkulu. Ingxenye yomzimba ngayinye inomsebenzi wayo, ngisho nento encane kangakanani, futhi leyo misebenzi ngokuvamile yenzeka singaqaphele nokuqaphela ukuthi iyenzeka. Ngempela, umzimba womuntu uyamangalisa!”

 URichard uthi: “Lapho ngibona isakhiwo esinezitezi esiphakeme kakhulu, umkhumbi wokungcebeleka noma imoto, ngiyazibuza, ‘Ubani owakhe le nto?’ Ngokwesibonelo, ukwakha imoto kudinga umuntu okhaliphile, ngoba kunezinto eziningi ezincane okufanele zisebenze kahle ukuze imoto iyonke isebenze. Kanti uma kuwukuthi izimoto kufanele zakhiwe othile, khona-ke kunjalo nangathi bantu.”

 UKaren uthi: “Lapho uqaphela ukuthi kwathatha amakhulu eminyaka ukuba abantu abahlakaniphile kakhulu baqonde ngisho ingxenyana encane nje yendawo yonke, khona-ke ukucabanga ukuthi akekho owabangela ukuba leyo ndawo yonke ibe khona, kubonakala kungenangqondo ngokuphelele!”

 U-Anthony uthi: “Njengoba ngifunda okwengeziwe ngesayensi, ukuziphendukela kwemvelo kuya kubonakala kungenakwenzeka. Ngokwesibonelo, ngiye ngacabanga ngenqubo enembile yokusebenza kwemvelo nendlela eyingqayizivele yokwakheka kwabantu, kuhlanganise nesidingo sethu sokwazi ukuthi singobani, sivelaphi futhi siyaphi. Imfundiso yokuziphendukela kwemvelo ihloselweukuchaza zonke lezi zinto ngokusebenzisa izinkulumo zokuthuthuka komuntu esuka esilwaneni, kodwa ayikaze ikwazi ukuchaza ukuthi kungani abantu behlukile. Kimina, kudingeka ‘ukholo’ olukhulu ukukholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo kunokukholelwa kuMdali.”

 Ukuchaza inkolelo yami

 Kuthiwani uma ofunda nabo ekilasini bekuhleka usulu ngokukholelwa kwakho entweni ongakwazi ukuyibona? Kuthiwani uma bethi isayensi “iyakufakazela” ukuziphendukela kwemvelo?

 Okokuqala, qiniseka ngalokho okukholelwayo. Ungavumeli ukwesatshiswa noma ube namahloni. (Roma 1:16) Khumbula lokhu:

  1.   Awuwedwa; abantu abaningi basakholelwa kuNkulunkulu. Phakathi kwabo, kukhona nabantu abahlakaniphe kakhulu, abantu abanemfundo ephakeme. Ngokwesibonelo, kunezazi zesayensi ezikholelwayo ukuthi ukhona uNkulunkulu.

  2.   Uma abantu bethi abakholelwa kuNkulunkulu, ngezinye izikhathi abasuke beqonde ukukusho ngempela ukuthi abamqondi uNkulunkulu. Kunokuba banikeze ukufakazi obusekela umbono wabo, baphakamisa imibuzo enjengokuthi, “Uma uNkulunkulu ekhona, kungani evumela ukuhlupheka?” Empeleni, bashintsha indaba edinga ingqondo bayenze indaba yomzwelo.

  3.   Abantu ‘banesidingo esingokomoya.’ (Mathewu 5:3) Lokhu kuhlanganisa isidingo sokukholelwa kuNkulunkulu. Ngakho, uma umuntu ethi akekho uNkulunkulu, lowo muntu—hhayi wena—kufanele achaze ukuthi ufinyelela kanjani kuleso siphetho.—Roma 1:18-20.

  4.   Ukukholelwa kuNkulunkulu kunengqondo ngokuphelele. Kuvumelana neqiniso elifakazelwe lokuthi ukuphila akukwazi ukuzivelela ngokwakho. Abukho ubufakazi obukhona obusekela umbono wokuthi ukuphila kungavele nje kuqhamuke entweni engaphili.

 Ungathini-ke uma othile ephakamisa imibuzo ngokukholelwa kwakho kuNkulunkulu? Cabangela lokhu okumbalwa ongakusho.

 Uma umuntu ethi: “Abantu abangafundile kuphela abakholelwa kuNkulunkulu.”

 Ungase uthi: “Ingabe uyawukholelwa ngempela umbono onjalo? Mina angiwukholelwa. Empeleni, inhlolo-vo eyenziwa koprofesa besayensi abangaphezu kuka-1 600 basemanyuvesi avelele ahlukahlukene, abayingxenye eyodwa kwezintathu kubo abazange basho ukuthi babengakholelwa kuNkulunkulu noma bakuphike ukuthi ukhona. a Ungasho yini ukuthi labo profesa abahlakaniphile ngenxa nje yokuthi bakholelwa kuNkulunkulu?”

 Uma umuntu ethi: “Uma uNkulunkulu ekhona, kungani kunokuhlupheka okungaka emhlabeni?”

 Ungase uthi: “Mhlawumbe oqonde ukukusho ukuthi awuyiqondi indlela uNkulunkulu enza ngayo izinto—noma kule ndaba, kubonakala engenzi lutho. Ingabe kunjalo? [Lindela impendulo.] Ngiye ngathola impendulo eyanelisayo kulo mbuzo othi kungani kunokuhlupheka okungaka. Kodwa ukuze uyiqonde, kufanele uhlole izimfundiso eziningana zeBhayibheli. Ungathanda ukufunda okwengeziwe?”

 Isihloko esilandelayo salolu chungechunge sizokhuluma ngesizathu esenza umbono wokuziphendukela kwemvelo ungakwazi ukunikeza incazelo egculisayo ngemvelaphi yethu.

a Umthombo: Social Science Research Council, “Religion and Spirituality Among University Scientists,” wahlanganiswa u-Elaine Howard Ecklund, ngo-February 5, 2007.