Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kubaluleke Kangakanani Ukulandelwa Abantu Abaningi Ezinkundleni Zokuxhumana?

Kubaluleke Kangakanani Ukulandelwa Abantu Abaningi Ezinkundleni Zokuxhumana?

 Osemusha okuthiwa u-Elaine uthi: “Lapho ngibona engifunda nabo belandelwa abantu abaningi, ngamangala ngathi ‘Yo! Angikaze ngibone abantu abathandwa kanje!’ Eqinisweni ngangihalela ukuba yibo.”

 Wake wazizwa yini ngendlela efanayo? Uma kunjalo, lesi sihloko singakusiza ukuba ugweme ukubanjwa ugibe lokufuna ukuba usaziwayo ezinkundleni zokuxhumana.

 Zikhona yini izingozi?

 Encwadini yezAga 22:1, iBhayibheli lithi, “Yigama elihle okumelwe likhethwe kunengcebo eningi.” Ngakho KUHLE ukufuna ukuba nedumela elihle—ngisho nokufuna ukuba abanye bakuthande.

 Kodwa ngezinye izikhathi ukufuna ukwamukelwa abantu kungagcina sekukwenza ufune udumo. Ukhona yini umonakalo ongadaleka? U-Onya, ona-16 uthi ungaba khona:

 “Ngike ngabona abantu benza izinto ezibhedayo—njengokugxuma besuka esitezi sesibili esikoleni—ngenxa nje yokufuna udumo.”

 Ukuze banakwe ontanga yabo, abanye baze benze amavidiyo benza izinto ezisangene bese beziphosta. Ngokwesibonelo, kunentsha eyafaka amavidiyo ayo idla insipho, into okungafanele nhlobo ifakwe emlonyeni.

 IBhayibheli lithi: “Ningenzi lutho ngoba . . . ninesifiso sokubukwa.”—Filipi 2:3, Good News Translation.

 Ongacabanga ngakho:

  •   Kubaluleke kangakanani kuwe ukuba usaziwayo?

  •   Ungakufaka yini ukuphila kwakho engozini ukuze unakwe noma wamukelwe ontanga?

 “Ukuzikhohlisa”

 Ukuzama ukuba usaziwayo akusho ukwenza izinto eziyingozi ngaso sonke isikhathi. U-Erica, ona-22, uphawula ngelinye iqhinga abantu abalisebenzisayo:

 “Abantu baphosta izithombe eziningi zokuphila kwabo, ezenza kubonakale sengathi banenqwaba yabangani abachitha nabo isikhathi. Kwenza kubonakale sengathi bayathandwa.”

 UCara, ona-15, uthi abanye abantu bayakhohlisa ukuze kubonakale sengathi bayathandwa:

 “Ngike ngabona abanye beshutha izithombe ezenza kubonakale sengathi basephathini kanti bazihlalele ekhaya nje.”

 UMatthew, ona-22, uyavuma ukuthi naye uke wayenza into enjalo:

 “Ngaphosta isithombe ngathi ngiseMount Everest yize ngingakaze ngilubhade e-Asia!”

 IBhayibheli lithi: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18).

 Ongacabanga ngakho:

  •   Uma usebenzisa izinkundla zokuxhumana, ingabe uvame ukukhohlisa ukuze ulandelwe abantu abaningi?

  •    Ingabe izithombe oziphostayo nezinto ozishoyo ziveza lokho oyikho ngempela?

 Kubaluleke kangakanani ukulandelwa yiningi nokuthandwa?

 Abaningi bacabanga ukuthi ukuze ube usaziwayo kwezokuxhumana kufanele ube nabalandeli abaningi kakhulu. UMatthew, ocashunwe ngaphambili uyavuma ukuthi, wayevame ukuzizwa ngendlela efanayo:

 Ngangivame ukubuza abanye, “Unabalandeli abangaki?’ noma ‘Angakanani ama-likes owake wawathola ngephosti oyifakile?’ Ukuze ngandise abalandeli bami, ngangilandela abantu engingabazi, nginethemba lokuthi nabo bazongilandela. Ngaba nesifiso esinamandla sokufuna udumo, ezokuxhumana zawabhebhethekisa amalangabi aleso sifiso.”

Ukulandelwa abantu abaningi kufana nokudla okungenampilo—kumnandi okwesikhashana kodwa akukwenzi ujabule ngaphakathi

 UMaria, ona-25, uthi indlela abanye abazibheka ngayo incike ekutheni banabalandeli abangaki nokuthi bathola ama-likes amangaki:

 “Uma intombazane ifake isithombe sayo, yangathola ama-likes amaningi, iphetha ngokuthi yimbi. Nakuba leso kuyisiphetho esingafanele, kodwa abantu abaningi abakuleso simo bavele bacabange kanjalo. Ngomqondo othile, basuke bezihlukumeza.”

 IBhayibheli lithi: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.”—Galathiya 5:26.

 Ongacabanga ngakho:

  •   Uma usebenzisa ezokuxhumana, ingabe zikwenza uziqhathanise nabanye?

  •    Ingabe ubona inani labantu abakulandelayo libaluleke ukwedlula ukwakha ubungani bangempela nabantu abakukhathalelayo?