Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingawenza Kanjani Umsebenzi Wami Wesikole Ngiwuqede?

Ngingawenza Kanjani Umsebenzi Wami Wesikole Ngiwuqede?

 “Kuyakhathaza ukwenza umsebenzi wesikole ekhaya kuze kube ihora lokuqala ekuseni. Into nje osuke ufuna ukuyenza ukuyolala.”UDavid.

 “Ngezinye izikhathi ngangitadisha kuze kube ihora lesine nesigamu ekuseni bese ngivuka ngehora lesithupha ekuseni ngiye esikoleni. Kwakuhlekisa!’’UTheresa.

 Ingabe unomsebenzi wesikole wasekhaya omningi ngokwedlulele? Uma kunjalo, lesi sihloko singakusiza ukuba uphume kule nkinga.

 Kungani othisha benikeza abafundi umsebenzi wesikole wasekhaya?

 Phakathi kokunye, umsebenzi wesikole wasekhaya . . .

  •   uthuthukisa ulwazi onalo

  •   ukufundisa ukuba ukwazi ukuzenzela umsebenzi

  •   uthuthukisa ikhono lakho lokuhlela nokusebenzisa isikhathi sakho ngokuhlakanipha

  •   ukusiza ukuba ukwazi ukuqonda nokusebenzisa ulwazi olufunde ekilasini a

 “Ukunikezwa umsebenzi wesikole wasekhaya kuyindlela othisha abaqiniseka ngayo ukuthi abafundi bazokusebenzisa lokho abakufundile kunokuba bakuzwe nje bese beyakukhohlwa.”UMarie.

 Ngokukhethekile, izibalo nesayensi kuthuthukisa ikhono lakho lokuxazulula izinkinga. Abacwaningi bathi lokho kungaqeqesha futhi kucije ikhono lobuchopho lokuxazulula izinkinga. Ngakho umsebenzi wesikole wasekhaya unjengokuvocavoca ubuchopho!

 Ngisho noma ngabe uyazibona noma awuziboni izinzuzo, umsebenzi wesikole wasekhaya uyingxenye yokuphila kwakho ongeke uyibalekele. Izindaba ezimnandi yilezi: Ngisho noma ungeke ukwazi ukukulawula ukuthi ungakanani umsebenzi wesikole wasekhaya onikezwa wona, ungakwazi ukuwenza ngesikhathi esifushane. Ake sibone ukuthi kanjani.

 Amacebiso okutadisha

 Uma unenkinga yokwenza umsebenzi wakho wesikole wasekhaya, ikhambi lingaba ukuthi, ungazikhandli ngokweqile, kodwa yenza umsebenzi wakho ngokuhlakanipha. Zama lokhu okulandelayo.

  •   Icebiso Lokutadisha 1: Hlela kusengaphambili. IBhayibheli lithi: “Amacebo okhuthele amenza aphumelele.” (IzAga 21:5) Qiniseka ukuthi unazo zonke izinto ozidingayo ngaphambi kokuba uqale umsebenzi wesikole wasekhaya.

     Okunye, khetha indawo engenaziphazamiso. Abanye baye bathola ukuthi indawo ethule ekhaya, enokukhanya okwanele iyona ekahle. Abanye basebenza kangcono endaweni engaphandle kwasekhaya, njengasemtapweni wolwazi.

     “Ukuba nethuluzi elingakusiza ukuba uhleleke njengebhuku lemisebenzi yesikole ongabhala kulo imisebenzi okudingeka uyenze nokuthi uzoyenza nini, kungakusiza ukwazi ukuhlela isikhathi sakho ngokuhlakanipha. Uma uhlale ukhumbula ukuthi umsebenzi onikwe wona umayelana nani nokuthi ufuneka nini, ukuphila kwakho ngeke kucindezele kakhulu.”URichard.

  •   Icebiso Lokutadisha 2: Hlela umsebenzi wakho. IBhayibheli lithi : “Zonke izinto mazenzeke . . . ngendlela ehlelekile.” (1 Korinte 14:40, umbhalo waphansi) Unalokhu engqondweni, nquma ukuthi yimiphi imisebenzi oyabelwe ozoyenza kuqala.

     Abanye bathanda ukwenza enzima kuqala. Abanye bakhetha ukwenza imisebenzi yesikole elula kuqala ukuze bathole umdlandla wokuqhubekela phambili. Khetha indlela ezokusebenzela kangcono.

     “Kuyasiza ngempela ukwenza uhlu ukuze wazi ukuthi yini okudingeka uyenze nokuthi uzoqala ngani. Ngaleyo ndlela uyokwazi ukwenza umsebenzi wesikole wasekhaya ngaphandle kokuba ubonakale umningi kakhulu.”UHeidi.

  •   Icebiso Lokutadisha 3: Yenza umsebenzi. IBhayibheli lithi: “Khuthalani, ningavilaphi.” (Roma 12:11) Ungavumeli eminye imisebenzi—noma ngabe iheha kangakanani—ikwephuce isikhathi osidingayo ukuze uqede umsebenzi wakho wesikole wasekhaya.

     Abantu abathanda ukuhlehlisa izinto ngokuvamile abawuqedi umsebenzi wabo ngesikhathi noma bawenza ngokubhuduzela—bese umsebenzi wabo ungabe usaba sezingeni elifanele. Ungakugwema ukukhathazeka okungadingekile kanye nosizi ngokwenza umsebenzi wakho wesikole wasekhaya ngokushesha.

     “Uma umsebenzi wami wesikole wasekhaya ngangiwenza ngokushesha ngemva kokuphuma esikoleni noma ngiqale ukwenza iphrojekthi ngokushesha ngemva kokuyithola, kwakungadingeki ngikhathazeke ngakho kamuva—futhi lokho kwakungayiphazamisi eminye imisebenzi.”USerina.

     UKUSIKISELA: Yenza umsebenzi wesikole wasekhaya nsuku zonke ngesikhathi esifanayo. Lokho kuyoqinisa ukuzimisela kwakho futhi kukusize ungaguquguquki.

  •   Icebiso Lokutadisha 4: Hlala ugxilile. IBhayibheli lithi: “Amehlo akho kufanele abheke phambili.” (IzAga 4:25) Ukuze usilandele leso seluleko njengoba utadisha, kufanele ugweme iziphazamiso—ezihilela ngokukhethekile izinto zobuchwepheshe.

     Ukungena kuyi-inthanethi nokuthumelelana imiyalezo kungenza ukuba uchithe isikhathi esiphindwe kabili kunesivamile ekwenzeni umsebenzi wakho wesikole wasekhaya. Kodwa uma uhlala ugxilile, ngeke ugcine ngokungacindezeleki nje kuphela, kodwa uyoba nesikhathi sokwenza nezinye izinto.

     “Kunzima ukuhlala ugxilile ngenxa kamakhalekhukhwini, amakhompyutha, imidlalo yamavidiyo kanye ne-TV. Okuyaye kungisize ukuvala umakhalekhukhwini wami nokugwema nanoma yini eseduze engaba yisiphazamiso.”UJoel.

  •   Icebiso Lokutadisha 5: Linganisela. IBhayibheli lithi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Nciphisa ukucindezeleka ngokuthatha ikhefu uma kudingeka. Yithi ukuhambahamba, ugibele ibhayisikili noma ugijime.

     Uma usazizwa unentaba yomsebenzi wesikole wasekhaya, khuluma nothisha bakho. Uma bebona ukuthi ngempela wenza konke ongakwenza, bangase banqume ukwenza ushintsho.

     “Ungavumeli ukukhathazeka ngenxa yomsebenzi wesikole wasekhaya kukwenze ungajabuli futhi ucindezeleke. Yenza konke okusemandleni. Kukhona izinto okungafanele zikwenze uphathwe ikhanda, futhi umsebenzi wesikole ungenye yalezo zinto.”UJulia.

 Imibuzo ongazibuza yona:

  •   Yiziphi izinto engizozidinga uma ngenza umsebenzi wami wesikole ekhaya?

  •   Yisiphi isikhathi esikahle sokwenza umsebenzi wami wesikole ekhaya?

  •   Iyiphi indawo engenaziphazamiso?

  •   Ngingakugwema kanjani ukuhlehlisa izinto?

  •   Yiziphi iziphazamiso ezingangibambezela?

  •   Ngiyoziyigwema kanjani iziphazamiso—ezibangelwa izinto zobuchwepheshe noma okunye?

  •   Ngingalinganisela kanjani lapho ngenza umsebenzi wami wesikole wasekhaya?

 OKUBALULEKILE OKUFANELE UKUKHUMBULE: Qiniseka ukuthi ukuqonda kahle lokho okufanele ukwenze ngomsebenzi wesikole owunikiwe. Uma unemibuzo, buza uthisha ungakaphumi ekilasini.

a La maphuzu athathwe encwadini ethi School Power, kaJeanne Schumm.