Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingabhekana Kanjani Nokuthomba?

Ngingabhekana Kanjani Nokuthomba?

 “Ukuthomba akumnandi emantombazaneni. Kubuhlungu, akuthandeki futhi kukushiya udidekile—cishe yonke into ephathelene nakho yimbi!”—U-Oksana.

 “Ngangijabula isikhashana futhi ngokushesha ngemva kwalokho ngidumale. Angazi noma lokho kuvamile yini kubafana, kodwa kwenzeka kimi.”—U-Brian.

 Ukuthomba kungakwenza uzizwe sengathi ushwibeka ngomshini wokudlala​—kuyajabulisa kubuye kwethuse! Ungabhekana kanjani nezinkinga zokuthomba?

 Kuyini ukuthomba?

 Ngamazwi alula, ukuthomba isikhathi lapho ubhekana nezinguquko, emzimbeni nangokomzwelo, ezikwenza ube umuntu omdala. Phakathi naleso sikhathi, umzimba wakho nama-hormone kushintsha ngokushesha kukulungiselela ukuba ube nenzalo futhi ukwazi ukuthola abantwana.

 Lokho akusho ukuthi usukulungele ukuba umzali. Kunalokho, ukuthomba kuwuphawu lokuthi awuseyona ingane—okuyinto engakwenza ulindele okuthile futhi uzizwe udangele.

 Umbuzo: Yimiphi iminyaka obungathi iminyaka efanele yokuqala kokuthomba?

  • 8

  • 9

  • 10

  • 11

  • 12

  • 13

  • 14

  • 15

  • 16

 Impendulo: Yonke le minyaka ibhekwa njengenkathi evamile yokuqala kwenkathi yokuthomba.

 Lokho kusho ukuthi asikho isidingo sokukhathazeka ngokweqile uma sewevile eminyakeni eyishumi nambili futhi ungakaqali ukuthomba—noma uma uneminyaka engaphansi kweyishumi futhi usuqalile. Ukuthomba kuqala ngesikhathi sako futhi ngeke ukwazi ukukulawula.

Njengokushwibeka emshinini wokudlala—ukuthomba kungajabulisa kubuye kuthuse—kodwa ungafunda ukubhekana nezinkinga zako

 Izinguquko emzimbeni

 Mhlawumbe izinguquko ezisobala lapho uqala ukuthomba ukukhula ngokushesha. Inkinga iwukuthi, akuwona wonke amalunga omzimba akhula ngesikhathi esifanayo. Ngakho ungamangali uma uhamba ngendlela engajwayelekile. Qiniseka ukuthi ngokuhamba kwesikhathi konke kuzolunga.

 Ziningi ezinye izinguquko zokuthomba.

 Ukuthomba ebafaneni:

  •   Ukukhula kwezitho zobulili

  •   Ukukhula koboya emakhwapheni, ngasese nasebusweni

  •   Ukushintsha kwezwi

  •   Ukuqina nokuma kwesitho sobulili okungalindelekile nokushaywa izibuko

 Ukuthomba emantombazaneni:

  •   Ukukhula kwamabele

  •   Ukukhula koboya emakhwapheni nangasese

  •   Ukuqala ukuya esikhathini

 Ukuthomba ebafaneni nasemantombazaneni:

  •   Iphunga lomzimba, elibangelwa umjuluko namagciwane.

     Icebiso: Ungalawula lelo phunga ngokugeza njalo nangokusebenzisa isiqedaphunga noma iziqholo.

  •   Izinduna, ezibangelwa amagciwane avaleleke ezindlaleni zamafutha.

     Icebiso: Nakuba kungelula ukulawula izinduna, ukugeza ubuso njalo nokusebenzisa izinsipho zokuhlanza isikhumba kungasiza.

 Izinguquko ezingokomzwelo

 Ukushintsha kwama-hormone okubangela ukuba umzimba wakho ushintshe kungayiphazamisa kakhulu imizwelo yakho. Ingaze ishintshashintshe kakhulu.

 “Namuhla uyakhala, kusasa ukahle. Manje uthukuthele, kungazelelwe usucindezelekile, uzivalela ekamelweni.”​—U-Oksana.

 Lapho isenkathini yokuthomba, intsha eningi iyazenyeza kakhulu kube sengathi wonke umuntu uyibhekile futhi uyayisola. Kanti ukushintsha okusheshayo kwendlela obukeka ngayo nakho kwenza izinto zibe zimbi nakakhulu!

 “Lapho ngiqala ukuthomba, ngangigobisa amahlombe lapho ngihamba futhi ngigqoke izimpahla ezinkulu. Nakuba ngangazi ukuthi kungani umzimba wami ushintsha, ngangingakhululekile futhi nginamahloni. Ngangingazizwa ngendlela engivame ukuzizwa ngayo.”​—UJanice.

 Kungenzeka ushintsho olukhulu olungokomzwelo oyobhekana nalo ukubheka abantu bobulili obuhlukile ngendlela ehlukile.

 “Ngayeka ukucabanga ukuthi bonke abafana bayacasula. Manje abanye babo base bengikhanga futhi ngangingasakubheki njengento embi ukuthandana nothile. Empeleni, ngase ngikuthanda ukuxoxa ngokuthi ‘ubani uthanda ubani.’”​—U-Alexis.

 Lapho isenkathini yokuthomba, enye intsha izizwa isikhangwa abantu bobulili obufanayo. Uma lokhu kwenzeka kuwe, ungaphethi ngokuthi ungungqingili. Ezimweni eziningi, leyo mizwa iyaphela.

 “Ngenxa yokuziqhathanisa kakhulu nabanye abafana, baqala ukungikhanga. Ngaqhubeka nginjalo kwaze kwaba yilapho ngiqala ukukhangwa amantombazane. Manje, angisenayo imizwa enjalo yobungqingili.”—U-Alan.

 Ongakwenza

  •    Zama ukuba nombono ofanele. Empeleni, ukuthomba kuwushintsho oludingayo lomzimba nolomzwelo. Ungaqinisekiswa nayila mazwi omhubi uDavide, owathi: “Ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.”—IHubo 139:14.

  •   Gwema ukuziqhathanisa nokugxila endleleni obukeka ngayo. IBhayibheli lithi: “Umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.”—1 Samuweli 16:7.

  •   Zivocavoce futhi uphumule ngokwanele. Ukulala ngokwanele kuyokusiza ukuba ungacasuki ngokushesha noma ucindezeleke.

  •   Ungamukeli yonke imicabango engemihle onayo ngawe. Ingabe wonke umuntu uyakubukisisa ngempela? Ngisho noma abantu bephawula okuthile ngokukhula kwakho, yiba nombono olinganiselayo. IBhayibheli lithi: “Unganikeli inhliziyo yakho kuwo wonke amazwi abantu abangase bawakhulume.”—UmShumayeli 7:21.

  •   Funda ukulawula izifiso zakho zobulili ukuze ungakwenzi lokho okufisayo. IBhayibheli lithi: “Balekelani ubufebe. . . . Lowo ofebayo wona owakhe umzimba.”—1 Korinte 6:18.

  •   Khuluma nomzali wakho noma umuntu omdala omethembayo. Yiqiniso, kungase kube nzima ekuqaleni. Kodwa umzamo owenzayo uwubala uma uqhathaniswa nosizo ozoluthola.—IzAga 17:17.

 Iqiniso liwukuthi: Ukuthomba kunezinselele zako. Kodwa kukunika nethuba elihle ngokumanganisayo lokukhula—hhayi emzimbeni kuphela kodwa engqondweni, ngokomzwelo nangokomoya.—1 Samuweli 2:26.