Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ngixolise?

Kungani Kufanele Ngixolise?

 Yini ongayenza kulezi zimo ezilandelayo?

  1.   Uthisha wakho uyakuthethisa ngenxa yokuhlupha ekilasini.

     Ingabe kufanele uxolise kuthisha wakho—ngisho noma ucabanga ukuthi uyeqisa?

  2.   Umngane wakho uthola ukuthi ukhulume izinto ezingezinhle ngaye.

     Ingabe kufanele uxolise kumngane wakho—ngisho noma ukholelwa ukuthi usho into efanele?

  3.   Uyacasuka bese umphendula kabi ubaba wakho.

     Ingabe kufanele uxolise kubaba wakho—ngisho noma ubona sengathi nguye okucasulile?

 Impendulo yayo yomithathu le mibuzo inguyebo. Kodwa kungani kufanele uthi “ngiyaxolisa,” ngisho noma ucabanga ukuthi ubungekho ephutheni?

 Kungani kufanele uxolise?

  •   Ukuxolisa kubonisa ukuthi uvuthiwe. Uma uvuma ukuthi ube nephutha ngento oyishilo noma oyenzile, ubonisa ukuthi ufunda ukuba nezimfanelo ezibalulekile ozozidinga lapho usumdala.

     “Ukuthobeka nesineke kungasisiza sixolise bese silalela lokho okushiwo omunye umuntu.”—URachel.

  •   Ukuxolisa kukwenza ukwazi ukulungisa izinto. Abantu abathi “ngiyaxolisa” babonisa ukuthi bakhathalela kakhulu ukwenza ukuthula kunokuveza ukuthi abanaphutha nokuthi yilo omunye umuntu onephutha.

     “Ngisho noma ucabanga ukuthi awunaphutha, ukwenza ukuthula kufanele kube yinto eza kuqala. Akubizi mali ukuthi ‘ngiyaxolisa,’ kodwa kungabulondoloza ubungane.”—UMiriam.

  •   Ukuxolisa kukwenza uzizwe kangcono. Ukuzisola okubangelwa ukuzwisa omunye umuntu ubuhlungu ngento oyishilo noma oyenzile kuwumthwalo onzima ukuwuthwala. Nokho, lapho usuxolisile, lowo mthwalo uyasuka emahlombe akho. a

     “Kunezikhathi lapho ngangikhuluma kabi nomama noma nobaba. Ngangizizwa kabi, kodwa ngangikuthola kunzima ukuxolisa. Nokho, uma ngixolisile ngangihlale ngizizwa kangcono ngoba lokho kwakwenza kube nokuthula ekhaya.”—UNia.

    Ukuzisola kunjengomthwalo osindayo; lapho usuxolisile akube kusadingeka uwuthwale lowo mthwalo

 Ingabe ukuxolisa kuyawudinga umzamo? Yebo! UDena, owesifazane osemusha okwadingeka axolise izikhathi eziningi kumama wakhe ngenxa yokumedelela, uyavuma: “Akulula ukuthi ‘ngiyaxolisa.’ Ngivele ngibindeke!”

 Indlela yokuxolisa

  •   Uma kungenzeka, bonana nomuntu ubuso nobuso ukuze uxolise. Ukuxolisa kumuntu ubuso nobuso kwenza omunye abone ukuthi uzisola ngempela. Ukuxolisa ngokubhala imiyalezo yocingo, kungase kungabi naso isisindo. Ngisho noma uthumela i-emoji enobuso obudangele, kungase kungazwakali ukuthi uxolisa ngobuqotho.

     Icebiso: Uma ungeke ukwazi ukuxolisa ubuso nobuso, mhlawumbe ungamfonela noma umbhalele ikhadi. Noma iyiphi indlela okhetha ukuyisebenzisa, kucabangisise kahle ozokusho.

     Okushiwo iBhayibheli: “Inhliziyo yolungile iyazindla ngaphambi kokuphendula.”IzAga 15:28.

  •   Xolisa ngokushesha. Uma indaba ihlala isikhathi eside ingalungisiwe, iphutha liyobonakala lilibi nakakhulu, nobuhlobo bakho nomuntu omzwise ubuhlungu bungase buphazamiseke nakakhulu.

     Icebiso: Zibekele umgomo—ngokwesibonelo ungase uthi, ‘ngizoxolisa namuhla.’ Nquma ukuthi uzoxolisa nini; bese unamathela kuleso sikhathi osinqumile.

     Okushiwo iBhayibheli: “Lungisa izindaba ngokushesha.”—Mathewu 5:25.

  •   Xolisa ngobuqotho. Ukuthi “ngiyaxolisa ngokuthi uzizwa kanjalo” akukhona ukuxolisa! “Umuntu owoniwe ngokuvamile uyokuhlonipha uma ebona ukuthi uyalivuma iphutha lakho,” kusho owesifazane osemusha uJanelle.

     Icebiso: Xolisa ngaphandle kokubeka imibandela. Ngamanye amazwi, ungasho ukuthi, “Ngizoxolisa ngephutha lami uma nawe uzoxolisa ngephutha lakho.”

     Okushiwo iBhayibheli: “Masilwele ukwenza izinto ezibangela ukuthula.”—Roma 14:19.

a Uma ulahle noma ulimaze into yomunye umuntu, kungaba ukuhlakanipha ukubonisa ukuthi uyaxolisa ngokukhipha isinxephezelo.