Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Kumelwe Ngenze Ukuthula Nezingane Zakithi?

Kungani Kumelwe Ngenze Ukuthula Nezingane Zakithi?

 “Abangane abakhulu abavame ukuxabana”

 Izingane zandawonye ziye zabizwa ngokuthi “abangane abakhulu ongaba nabo kodwa abaxabana njalo.” Uyazithanda nazo ziyakuthanda​—kodwa ngezinye izikhathi kuba sengathi anizwani nhlobo. UHelena oneminyaka engu-18 uthi: “Umfowethu omncane uyangicasula. Uzazi kahle izindlela zokungicasula nezikhathi ezikahle zokukwenza lokho!”

 Ezinye izingxabano zezingane zandawonye zingaxazululeka kalula nje ngokusebenzisa amakhono okukhulumisana kahle nokuxoxa. Ngokwesibonelo:

  •   Abafana ababili abayizelamani abasebenzisa ikamelo elilodwa bangabanga indaba yokunikana isikhathi sokuthi ngamunye abe yedwa ekamelweni. Isixazululo? Fundani ukwehlela ngezansi ninikane isikhathi ngamunye asidingayo sokuba yedwa. Sebenzisani isimiso seBhayibheli esitholakala kuLuka 6:​31.

  •   Amantombazane amabili ayizelamani angasebenzisa izingubo zokugqoka zomunye nomunye ngaphandle kokucela. Isixazululo? Xoxani ngakho bese nibeka imingcele enengqondo. Sebenzisani isimiso seBhayibheli esitholakala kweyesi-2 Thimothewu 2:​24.

 Kwezinye izimo, izinkinga phakathi kwezelamani ziba nkulu kakhulu futhi zingaba nemiphumela enzima. Cabanga ngezibonelo ezimbili eziseBhayibhelini:

  •   UMiriyamu no-Aroni babenomona ngomfowabo uMose, kwaba nemiphumela edabukisayo. Funda ukulandisa okukuNumeri 12:​1-​15. Yibe usuzibuza: ‘Ngingakugwema kanjani ukuba nomona ngengane yakithi?’

  •   Intukuthelo kaKhayini yakhula kwaze kwaba sezingeni lokubulala umfowabo u-Abela. Funda ukulandisa okukuGenesise 4:​1-​12. Yibe usuzibuza: ‘Ngingayilawula kanjani intukuthelo yami lapho ngisebenzelana nomfowethu noma udadewethu?’

 Izizathu ezimbili zokwenza ukuthula

 Noma kunganzima kangakanani ukuzwana nezingane zakini, kunezizathu okungenani ezimbili ezenza kube kuhle ukwenza umzamo.

  1.   Kuwuphawu lokuvuthwa. Insizwa ebizwa ngo-Alex ithi: “Ngangivame ukuba nenhliziyo encane lapho ngisebenzelana nodadewethu ababili abancane. Manje sengehlisa umoya futhi ngibabonise isineke. Ungasho nje ukuthi, sengikhulile.”

     IBhayibheli lithi: “Owephuzayo ukuthukuthela ugcwele ukuqonda, kodwa ongenaso isineke uphakamisa ubuwula.”​—IzAga 14:29.

  2.   Kukuqeqeshela kahle ikusasa. Uma ungakwazi ukubekezelela ukushiyeka kwezingane zakini, uyokwazi kanjani ukuphilisana noshada naye, osebenza naye, umqashi kanye nanoma ubani okuyodingeka usebenzelane naye?

     Iqiniso elingenakuphikwa: Ukuphumelela kwanoma yibuphi ubudlelwane oyoba nabo esikhathini esizayo kuyoncika emakhonweni akho okukhulumisana nokuxoxisana, futhi ayikho enye indawo engcono yokuhlakulela lawo makhono okudlula ekhaya.

     IBhayibheli lithi: “Ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”​—Roma 12:18.

 Ungalujabulela usizo ekuxazululeni izinkinga nezingane zakini? Funda isihlokwana esithi “Okushiwo ontanga,” bese ubheka ishadi lomsebenzi elihambisana naso elithi, “Ukuzwana Nezingane Zakini.”