Dlulela kokuphakathi

Kuthiwani Uma Ngiwumlutha Wezithombe Zobulili Ezingcolile?

Kuthiwani Uma Ngiwumlutha Wezithombe Zobulili Ezingcolile?

Ongakwenza

 Qonda lokho izithombe zobulili ezingcolile eziyikho ngempela. Izithombe zobulili ezingcolile ziyinto ezama ukululaza lokho uJehova akudala ukuba kuhlonipheke. Ukuqonda izithombe zobulili ezingcolile ngale ndlela kuzokusiza ‘uzonde okubi.’—IHubo 97:10.

 Cabangela imiphumela. Izithombe zobulili ezingcolile zehlisa isithunzi salabo abavela kuzo. Ziphinde zilulaze umuntu ozibukayo. Ngesizathu esihle, iBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.”—IzAga 22:3.

 Yenza isibopho. UJobe, indoda ethembekile, wathi: “Ngenzé isivumelwano namehlo ami. Ngakho ngingaba kanjani ngonaka intombi?” (Jobe 31:1) Nazi izithembiso ongazenza:

  •  Ngeke ngiyisebenzise i-Internet uma ngingedwa.

  •  Ngizophuma ngokushesha engosini eveza izithombe ezingcolile.

  •  Ngizokhuluma nomngane ovuthiwe uma le nkinga iqhubeka.

Izithombe ezingcolile ziyanamathela—uma uqhubeka uzibuka, kuba nzima nakakhulu ukuyeka

 Thandaza ngale nkinga. Umhubi wancenga uJehova uNkulunkulu: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo.” (IHubo 119:37) UNkulunkulu ufuna ukuba uphumelele futhi uma uthandaza kuye angakunika amandla okwenza okulungile!—Filipi 4:13.

 Khuluma nothile. Ukukhuluma nomuntu omethembayo ngokuvamile kuyisinyathelo sokuqala sokuyeka lo mkhuba.—IzAga 17:17.

 Khumbula lokhu: Isikhathi ngasinye ugwema izithombe zobulili ezingcolile, usuke uphumelele empini. Tshela uJehova ngaleyo mpumelelo, umbonge ngamandla akunikeze wona. Ngokugwema izithombe zobulili ezingcolile, wenza inhliziyo yakhe ijabule!—IzAga 27:11.