Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?

Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?

 Kabili ngesonto, oFakazi BakaJehova baba nemihlangano endaweni ebizwa ngokuthi iHholo LoMbuso. Kwenzekani kuleyo mihlangano, futhi ukuya kuyo kungakusiza kanjani?

 Kwenzekani eHholo LoMbuso?

 IHholo LoMbuso indawo okufundwa kuyo indlela yokusebenzisa izinto eziseBhayibhelini. Imihlangano eba seHholo LoMbuso ingakusiza:

  •   ufunde iqiniso ngoNkulunkulu.

  •   wazi ukuthi izinto ezenzekayo emhlabeni zisho ukuthini.

  •   uthuthukise indlela oziphatha ngayo.

  •    uthole abangane abahle.

 Bewazi? Into oFakazi BakaJehova abaxoxa ngayo kakhulu emihlanganweni yabo, uMbuso kaNkulunkulu. Yingakho indawo abahlangana kuyo ibizwa ngokuthi iHholo LoMbuso.​—Mathewu 6:9, 10; 24:14; Luka 4:43.

 Kungani kufanele ube khona kule mihlangano?

 Ozokufunda khona kuzokusiza. Amaqiniso avela eBhayibhelini okuxoxwa ngawo emihlanganweni yoFakazi BakaJehova azokusiza ‘uzuze ukuhlakanipha.’ (IzAga 4:5) Lokho kusho ukuthi iBhayibheli lingakusiza wenze izinqumo ezinhle ekuphileni. Lingakunikeza nezimpendulo zemibuzo ebalulekile, njengale:

 Nazi ezinye izihloko zezinkulumo eziba seHholo LoMbuso ngezimpelasonto:

  •   Kungani Kumelwe Uqondiswe IBhayibheli?

  •   Ungalutholaphi Usizo Ezikhathini Zokucindezeleka?

  •   Lokho UMbuso KaNkulunkulu Osenzela Khona Manje.

 “Omunye esifunda naye esikoleni wafika emihlanganweni yethu. Wahlala nomndeni wakithi, futhi sambukisa okwakufundwa ezincwadini zethu. Ngemva komhlangano, wangitshela ukuthi ukuthandile obekushiwo abantu lapho becelwa ukuba baveze imibono yabo ngesihloko okwakuxoxwa ngaso. Wangitshela nokuthi esontweni labo abanazo izinto zokutadisha iBhayibheli thina esinazo.”​—UBrenda.

 Bewazi? Awukhokhi uma ungena eHholo LoMbuso futhi akukho sitsha esidluliswayo sokuqoqa imali.

 Abantu ozobathola eHholo LoMbuso bazokukhuthaza. IBhayibheli lithi esinye isizathu sokuba amaKristu ahlangane ndawonye siwukuba ‘akhuthazane.’ (Hebheru 10:24, 25) Namuhla abantu ababacabangeli abanye, yingakho kumnandi ukuba nabantu abathanda uNkulunkulu futhi abacabangela abanye ngaphezu kokuba bezicabangela bona.

 “Ngezinye izikhathi usuku luphela ngikhathele ngiyimvithi, kodwa abantu engibabona eHholo LoMbuso bangenza ngizizwe ngingcono. Lapho ngibuyela ekhaya, ngisuke sengijabule futhi ngikulungele ukubhekana nolunye usuku.”​—U-Elisa.

 Bewazi? Emhlabeni wonke kunamabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kwangu-120000, futhi ahlangana ezindaweni ezingaphezu kwezingu-60000. Unyaka ngamunye kwakhiwa amaHholo OMbuso angaba ngu-1500 ngenxa yokwanda kwabantu abeza emihlanganweni yethu. a

a Ukuze uthole indawo esihlangana kuyo, iya ekhasini elithi “Imihlangano Yebandla YoFakazi BakaJehova” bese ucofa lapho kuthi khona “Thola Indawo Eseduze Nawe.”