Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Engingayenza Ukuze Ngikwazi Ukugxilisa Ingqondo?

Yini Engingayenza Ukuze Ngikwazi Ukugxilisa Ingqondo?

 Kungani ngingakwazi ukugxilisa ingqondo?

 U-Elaine uthi: “Angisazifundi izincwadi ngendlela engangizifunda ngayo. Angisathandi ngisho ukufunda izigaba ezinde.”

 UMiranda uthi: “Lapho ngibuka ividiyo ngiyayidlulisa ukuze isheshe iphele uma ngibona sengathi ithatha isikhathi eside.”

 UJane uthi: “Lapho ngenza into ebalulekile bese ifoni yami iyacisha ngivele ngicabange ngokuthi engabe ubani ongithumelela umyalezo.”

 Ingabe ezobuchwepheshe zingenza kube nzima ukugxilisa ingqondo? Abanye bathi yebo. UNicholas Carr a ongumbhali nomphathi ongumeluleki uthi: “Njalo lapho sisebenzisa i-inthanethi siqeqesha izingqondo zethu ukuba zingakwazi ukugxila kodwa isitholele ulwazi esiludingayo ngokushesha ngaphandle kokugxilisa ingqondo.

 Cabanga ngezinto ezintathu ezobuchwepheshe ezingakuphazamisa kuzo ungakwazi ukugxilisa ingqondo yakho.

  •   Lapho uxoxa nothile. Owesifazane osemusha uMaria waphawula ukuthi “ngisho nalapho abantu bexoxa ubuso nobuso basuke bematasa bethumelelana imiyalezo, bedlala ama-video game noma behlola izinkundla zokuxhumana bengamnakile ngokuphelele lo abasuke bexoxa naye.

  •   Lapho usekilasini. Incwadi ethi Digital Kids ithi: “Abafundi abaningi bathi basebenzisa amafoni abo phakathi nekilasi ukuze bathumelelane imiyalezo babheke i-inthanethi, bacinge okuthile ku-inthanethi, bafunde noma babukele okuthile okungahlobene nomsebenzi wesikole.”

  •   Lapho utadisha. UChris oneminyaka engu-22 uthi: “Into enzima kakhulu kimi ukungayibuki ifoni yami lapho ikhala. Uma ungumfundi umsebenzi wesikole wasekhaya obungathatha ihora elilodwa ungagcina usuthathe amahora amathathu nangaphezulu uma uphazanyiswa ifoni yakho.

 Iqiniso elimsulwa: Kuzoba nzima ukugxilisa ingqondo uma uvumela ezobuchwepheshe zikuphazamise noma zikulawule.

Ingqondo engagxilile ifana nehhashi lasendle—ayilawuleki

 Indlela yokuthuthukisa ukugxilisa ingqondo

  •   Lapho uxoxa nothile. IBhayibheli lithi: “Ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa nikhathalela nabanye.” (Filipi 2:4) Bonisa abanye ukuthi uyabakhathalela ngokubalalelisisa. Zama ukumbuka lowo oxoxa naye, ungakuvumeli ukuphazanyiswa ifoni.

     UThomas uthi: “Lapho uxoxa nothile, kugweme ukubheka ifoni yakho. Bonisa ukuthi uyamhlonipha ngokumlalelisisa.”

     ZAMA LOKHU: Lapho uxoxa nothile, yisuse ifoni yakho eduze kwakho. Abacwaningi bathi ukuba khona nje kwefoni kungakuphazamisa ungakwazi ukugxila kokwenzayo noma engxoxweni, njengoba ingenza kube lula ukuba uphazamiseke.

  •   Lapho usekilasini. IBhayibheli lithi: “Nakani indlela enilalela ngayo.” (Luka 8:18) Unalesi simiso engqondweni uma isikole ofunda kuso sikuvumela ukuba usebenzise i-inthanethi ekilasini ungabheki imiyalezo, udlale ama-game noma uthumelele abanye imiyalezo ngesikhathi okufanele ngabe uyafunda ngaso.

     UKaren uthi: “Zama ukulalelisisa ekilasini. Bhala phansi lokho uthisha akushoyo. Uma kungenzeka, hlala phambili ekilasini ukuze ugweme ukuphazamiseka.”

     ZAMA LOKHU: Bhala phansi amaphuzu usebenzisa ipeni nephepha kunokuba usebenzise ikhompyutha. Ucwaningo lubonisa ukuthi ngeke kube lula ukuphazamiseka futhi uzokukhumbula okufundile.

  •   Lapho utadisha. IBhayibheli lithi: “Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda.” (IzAga 4:5) Lokhu kuhlanganisa ukucabangisisa kunokumane nje udlulise amehlo kulokho okufundayo ukuze uphase isivivinyo.

     UChris uthi: “Lapho ngitadisha ngifaka ithebhulethi yami ku-airplane mode bese ngigxila kulokho engikwenzayo. Angiyibheki imiyalezo engenayo. Uma ngicabanga ngokuthile okufanele ngikukhumbule, ngikubhala phansi.”

     ZAMA LOKHU: Qikelela ukuthi indawo otadishela kuyo iyakuvumela ukuba ugxilise ingqondo yakho, igcine ihlanzekile futhi ingenazo izinto eziningi.

a Icashunwe encwadini ethi The Shallows—What the Internet Is Doing to Our Brains.