Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Engingayenza Ukuze Abanye Bahloniphe Izindaba Zami Nezinto Zami?

Yini Engingayenza Ukuze Abanye Bahloniphe Izindaba Zami Nezinto Zami?

 Kungani abazali bengenela ezindabeni zami?

 Abazali bakho bathi bamane bakhathazekile nje. Kodwa wena ukuthatha sengathi abazihloniphi izindaba zakho. Ngokwesibonelo:

  •   Osemusha okuthiwa u-Erin uthi: “Ubaba uvele athathe ucingo lwami, angifune ngenkani i-password bese efunda yonke imiyalezo yami. Uma ngizama ukumvimba, uvele acabange ukuthi kukhona engikufihlayo.”

  •   UDenise, manje osevile eminyakeni engamashumi amabili, ukhumbula unina ebhekisisa izinombolo ezifoneliwe esikweletini socingo. “Wayefike abheke inombolo ngayinye bese engibuza ukuthi ekabani nokuthi yini ebesixoxa ngayo nalowo muntu.”

  •   Osemusha okuthiwa uKayla uthi unina wake wafunda enye yama-diary akhe ayenezinto eziyimfihlo. “Okuningi engangikubhale lapho kwakuhlanganisa indlela engangizizwa ngayo​—ngangibhale ngisho nezinye izinto ngaye! Ngemva kwalokho ngagcina ukubhala kuyi-diary.”

 Nakhu okubalulekile: Kuwumthwalo wabazali bakho ukukunakekela, futhi ngeke ukwazi ukulawula ukuthi basiqinisa kangakanani isandla endleleni abakunakekela ngayo. Kungenzeka yini ukuthi ngezinye izikhathi kubonakala sengathi basiqinisa kakhulu? Kungenzeka. Okuhle ukuthi kunezinto wena ongazenza ukuze unciphise lowo muzwa wokuthi abazali bakho bangenela ezindabeni zakho.

 Lokho ongakwenza

 Khuluma ngokukhululekile. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘siziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’ (Hebheru 13:18) Zama ukukwenza lokho kubazali bakho. Uma uthembekile futhi ukhuluma ngokukhululekile nabo, bayozihlonipha ngokwengeziwe izindaba zakho nezinto zakho.

 Ongacabanga ngakho: Waziwa kanjani endabeni yokwethembeka? Ingabe uyanamathela esikhathini abazali abakubekela sona? unabangane abangaziwa? uyazifihla izinto ozenzayo?

“Kufanele ngibambisane nabazali bami. Ngiyaxoxa nabo ngezinto ezenzeka ekuphileni kwami. Ngiyabatshela izinto abafuna ukuzazi, ngenxa yalokho, bayangethemba futhi bayazihlonipha izindaba nezinto zami.”​—UDelia.

 Yiba nesineke. IBhayibheli lithi: “Qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Kuthatha isikhathi ukuzenzela idumela lokuba umuntu othembekile, kodwa ngeke uzisole ngakho.

 Ongacabanga ngakho: Abazali bakho bake baba basha. Ucabanga ukuthi lokho kuyithinta kanjani indlela abangenela ngayo ekuphileni kwakho?

 “Ngicabanga ukuthi abazali bakhumbula amaphutha abawenza futhi abafuni izingane zabo ziphinde amaphutha afanayo.”​—UDaniel.

 Zibeke esimweni sabo. Zama ukuqonda ukuthi kungani bezizwa ngendlela abazizwa ngayo. IBhayibheli lithi inkosikazi enhle ‘iqapha okwenzekayo endlini yayo’ nokuthi ubaba omuhle ukhulisa izingane zakhe “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (IzAga 31:27; Efesu 6:4) Ayikho indlela enqamulelayo yokufeza lokhu: abazali bakho kumelwe bangenele ekuphileni kwakho.

 Ongacabanga ngakho: Ukube ubuwumzali​—futhi wazi lokho okwaziyo ngentsha​—wena ubungayivumela yini indodana noma indodakazi yakho ukuba izenzele izinto zayo nje, ungayibuzi lutho?

“Uma usemusha, kuba sengathi abazali bakho ‘bayagxambukela’ ezintweni zakho. Kodwa manje njengoba sengikhulile, sengiyabona ukuthi kungani kunesidingo sokuba abazali bakwenze lokho. Kubonisa ukuthi bayakuthanda.”​—UJames.