Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Ngizisika?

Kungani Ngizisika?

 Kuyini ukuzisika?

 Ukuzisika kuyisenzo sokuzilimaza komuntu ngenhloso ngento ebukhali. Lokho kungenye yezindlela zokuzilimaza. Ezinye zihlanganisa ukuzishisa, noma ukuzishaya. Lesi sihloko sikhuluma ngokuzisika, kodwa izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nakwezinye izindlela zokuzilimaza.

 Hlola ulwazi lwakho: Amanga noma Iqiniso.

  1.   Amantombazane kuphela azisikayo.

  2.   Ukuzisika kuphambene nomthetho okuLevitikusi 19:28, othi: “Akumelwe nisike inyama yenu.”

 Izimpendulo ezinembile:

  1.   Amanga. Nakuba le nkinga ibonakala yande emantombazaneni, nabanye abafana bayazisika futhi bazilimaze nangezinye izindlela.

  2.   Amanga. ULevitikusi 19:28 ubhekisela emasikweni obuqaba asendulo, hhayi emkhubeni wokuzilimaza ngenhloso okukhulunywa ngakho kulesi sihloko. Noma kunjalo, kunengqondo ukuphetha ngokuthi uMdali wethu onothando akafuni sizilimaze.—1 Korinte 6:12; 2 Korinte 7:1; 1 Johane 4:8.

 Kungani abantu bekwenza?

 Hlola ulwazi lwakho: Ikuphi kulokhu ocabanga ukuthi kunembe kakhulu?

 Abantu bazisika . . .

  1.   ngoba bezama ukudambisa ubuhlungu benhliziyo.

  2.   ngoba bezama ukuzibulala.

 Impendulo enembile: A. Abantu abaningi abazisikayo abafuni ukufa. Bamane bafuna ukuqeda ukukhungatheka kwabo.

 Phawula lokho enye intsha eye yakusho ngomkhuba wayo wokuzisika.

 UCelia: “Kwakungenza ngizizwe kangcono.”

 UTamara: “Kwakubonakala kuyikhambi lapho ngikhathazekile. Ubuhlungu obungokoqobo babungcono kunobuhlungu obungokomzwelo.”

 UCarrie: “Ngangikuzonda ukuzizwa ngidabukile. Ukuzisika kwakwenza ngingacabangi ngosizi lwami kodwa ngicabange ngobuhlungu obungokoqobo engibuzwayo.”

 UJerrine: “Njalo lapho ngizisika, ngangicishe ngingaboni nokuthi kuqhubekani lapho ngikhona futhi ngangicabanga ukuthi akudingeki ngibhekane nezinkinga zami. Ngangilujabulela lolo shintsho.”

 Uma unalo mkhuba, ungawuyeka kanjani?

 Ukuthandaza kuJehova uNkulunkulu kungaba isinyathelo esibalulekile ukuze uphunyuke. IBhayibheli lithi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.

 Ukusikisela: Qala ngokwenza imithandazo emifushane, mhlawumbe umane nje utshele uJehova ukuthi, “udinga usizo.” Ngokuhamba kwesikhathi, uyokwazi ukukhululeka kakhudlwana bese uthululela imizwa yakho ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke.’—2 Korinte 1:3, 4.

 Umthandazo awuyona nje indlela yokukwenza uzizwe kangcono. Uyindlela engokoqobo yokukhuluma noYihlo osezulwini, othembisa lokhu: “Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.”—Isaya 41:10.

 Abaningi abebenenkinga yokuzisika bathole induduzo nangokukhuluma nabazali noma omunye umuntu omdala abamethembayo. Cabangela lokhu okulandelayo okushiwo abasha abathathu abenza lokho kanye.

 Imibuzo yokuzihlola

  • Lapho usukulungele ukuthola usizo, ubani ongamthululela isifuba?

  • Yini ongayisho kuJehova uNkulunkulu ngesimo obhekene naso?

  • Zikhona izinto ezimbili ongazisho (ezingahlangene nokuzilimaza) ongazisebenzisa ukuze ukhululeke ekucindezelekeni nasekukhathazekeni?