Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Ngisize Abanye?

Kungani Kufanele Ngisize Abanye?

 Izimfihlo ezimbili abantu abaningi abangazazi

 Imfihlo #1: Uma upha, cishe nawe uyophiwa!

 Abantu bayoqaphela ukuthi unesandla esivulekile. Ngenxa yalokho, kungenzeka nabo bakuphe izinto. IBhayibheli likubeka kanje:

  •  “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha. . . . Ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani bayonilinganisela ngaso.”—Luka 6:38.

  •  “Abantu bayokuphatha ngendlela nawe obaphatha ngayo.”—Luka 6:38, Contemporary English Version.

 Imfihlo #2: Uma usiza abanye, uzisiza wena!

 Ukwenzela abanye okuhle kukwenza uzihloniphe futhi uzizwe unokwaneliseka okubangelwa ukupha. IBhayibheli likubeka kanje:

  •  “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

  •  “Lapho wenza idili, mema abampofu, abakhubazekile, izinyonga, izimpumputhe; khona-ke uyojabula, ngoba abanalutho abangakubuyisela ngalo.”—Luka 14:13, 14.

 Intsha ekhathalelayo

 Intsha ekhathalela abanye ikhona yonke indawo! Cabangela ezinye zezibonelo.

 UCasey uthi: “Ngesinye isikhathi ngiyaye ngithi nje lapho ngifuna ukuhlala phansi ngibukele i-TV, ngicabange ngomama nobaba abasemsebenzini, ngicabange indlela abazobe bekhathele ngayo lapho befika ekhaya. Ngakho, ngivele ngisukume ngigeze izitsha, ngihlanze indlu futhi ngisuse uthuli ezintweni. Ngilungiselela nekhofi ngoba abazali bami balithanda kakhulu. Lapho umama efika ekhaya, uyaye athi, ‘Awu, kwaze kwabukeka kahle! Kunuka kamnandi kanjani. Usebenzile Muntuza!’ Kungenza ngijabule njalo ukwenzela umama nobaba izinto ezinhle kanjalo.”

 UHolly uthi: “Abazali bami bebelokhu bengisekela njalo, bengenzela yonke into engiyidingayo. Ngakho, lapho bebhekana nenkinga enkulu yemoto ngonyaka odlule, ngababhalela isheke ukuze bayilungise, ngisho nakuba kwakuyingxenye enkulu yemali engangiyilondolozile. Yiqiniso ukuthi bazama ukulenqaba, kodwa angizange ngibavumele. Abazali bami bafanelwe okukhulu kakhulu ngisho kunalokho. Kuyajabulisa kakhulu ukubavulela isandla ngibanike okuthile.”

 Ingabe bewazi? Intsha eningi engoFakazi BakaJehova iye yathola injabulo ngokusiza abanye emsebenzini wayo wokufundisa ngeBhayibheli. Enye ize yathuthela ngisho kwamanye amazwe adinga abantu abangafundisa ngeBhayibheli.

 U-Evan uthi: “Ngathutha e-United States ngaya eMexico ukuze ngisize ekufundiseni ngeBhayibheli. Ngezinye izikhathi kuba nzima ukupha othile imali noma ezinye izinto ngoba anginakho ngempela okuningi engingaphisana ngakho. Kodwa ngiye ngathola ukuthi lapho ngiphisana ngesikhathi namandla ami enkonzweni, abantu bakwazisa kakhulu lokho kunokubapha izinto.”

 Ngingabasiza kanjani abanye?

 Ungathanda yini ukuba nenjabulo etholakala ngokusiza abanye? Nakhu ukusikisela okumbalwa.

 Ukusiza abakini:

  •  Hlanza indlu, geza izitsha noma uhlanze ikamelo, ungalindi uze ucelwe

  •  Pheka ukudla

  •  Bhalela abazali bakho ikhadi lokubabonga

  •  Siza abantwana bakini ngomsebenzi wabo wesikole

 Siza labo okungebona abakini:

  •  Thumelela othile ogulayo ikhadi

  •  Hlanza igceke likamakhelwane osekhulile

  •  Vakashela othile ongasakwazi ukuphuma endlini

  •  Thengela othile obhekene nobunzima isipho

 Icebiso: Zama ukuqhamuka namasu ambalwa. Ngemva kwalokho zenzele umgomo wokusiza umuntu oyedwa kuleli sonto. Uyokumangaza umuzwa wokwaneliseka oyoba nawo!

 U-Alana uthi: “Uma usiza abanye, ekugcineni uba nenjabulo. Uzizwa ufeze okuthile ngempela, futhi uyabona ukuthi abanye bayakwazisa okwenzile. Kungase kukujabulise okwenzayo—nakuba ekuqaleni ubungacabangi ukuthi kungakujabulisa. Ungase ungabi nawo nomuzwa wokuthi uye wazidela ngalokho okwenzile, ngoba ekugcineni uzuza kakhulu.”