Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo?—(Ingxenye 2)

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo?—(Ingxenye 2)

 Kunezinkinga zempilo zihlukahlukene.

  •   Abanye abantu banezimpawu ezibonakala emzimbeni, kuyilapho abanye bezwa ubuhlungu bangaphakathi.

  •   Ezinye izinkinga zempilo “zihlasela” ngezikhathi ezithile, kanti ezinye ziba amahlala-khona.

  •   Ezinye zingelapheka noma okungenani zilawuleke, kanti ezinye ziyamxhwalisa umuntu—mhlawumbe zize ngisho zisongele ukuphila kwakhe.

 Intsha ibhekana nazo zonke izinhlobo zezinkinga zempilo eziphawulwe lapha. Kulesi sihloko, uzofunda ngabasha abane abanezinkinga ezinjalo. Uma uhlushwa inkinga yempilo, kungase kukukhuthaze lokho abakushoyo.

 UGUÉNAELLE

 Into engiyithola inzima kakhulu, ukwamukela ukulinganiselwa kwami. Ziningi izinto engifuna ukuzenza, kodwa usuku ngalunye kudingeka ngivumelane nesimo sempilo yami.

 Nginesifo sokuwohloka kwezinzwa nemisipha esenza ingqondo yami ingakwazi ukudlulisela kahle ukwaziswa emzimbeni wami. Amalunga ahlukahlukene omzimba wami, kusukela ekhanda kuye ozwaneni, ngezinye izikhathi ayavevezela noma anganyakazi. Kunzima ukwenza izinto ezivamile, njengokunyakaza, ukukhuluma, ukufunda, ukubhala noma ukuqonda okushiwo abanye. Lapho isimo zinzima kakhulu, abadala basebandleni bathandaza kanye nami. Lapho benza kanjalo, ngivele ngizizwe nginokuthula kwangaphakathi.

 Kunoma iziphi izilingo engibhekana nazo, nginomunzwa wokuthi uJehova uhlale eseduze ukuze angiqinise. Angifuni ukugula kwami kungivimbe ngingamkhonzi ngokugcwele. Kuyinto ebaluleke kunazo zonke kimi ukusiza abanye bafunde ngesithembiso seBhayibheli sokuthi ngokushesha uJehova uNkulunkulu uyokwenza umhlaba ube yipharadesi, lapho ukuhlupheka kuyobe kungasekho khona.​—IsAmbulo 21:1-4.

Ongacabanga ngakho: Yiziphi izindlela ongabonisa ngazo ububele kwabanye njengoGuénaelle?​—1 Korinte 10:24.

 UZACHARY

 Lapho ngineminyaka engu-16, kwatholakala ukuthi nginomdlavuza wobuchopho oyingozi. Odokotela bangitshela ukuthi ngisalelwe yizinyanga eziyisishiyagalombili kuphela ngiphila. Kusukela lapho, bengilokhu ngibangwa nezibi.

 Ngenxa yendawo isimila esikuyo, uhlangothi lwami lwesokudla alusasebenzi. Njengoba ngingakwazi ukuhamba, kufanele kuhlale kunothile ekhaya ozongisiza uma kudingeka ngiye nomaphi.

 Ukudlondlobala kwalesi sifo kwenze kwaba nzima ngami ukukhuluma ngokucacile. Ngangiwumuntu owenza izinto eziningi, ngangithanda ukutshuza phezu kwamanzi (waterskiing), ukudlala i-basketball ne-volleyball. Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngangikhuthele enkonzweni yobuKristu. Angicabangi ukuthi abantu abaningi bayaqonda ukuthi kunjani ukuzithola ungasakwazi ukwenza izinto ozithanda kakhulu.

 Ayangikhuthaza amazwi alotshwe ku-Isaya 57:15 ngoba angiqinisekisa ngokuthi uJehova uNkulunkulu unalabo ‘abachotshoziwe emoyeni’ nokuthi uyangikhathalela. Kanti namazwi aku-Isaya 35:6 aqukethe isithembiso esivela kuJehova sokuthi ngiyophinde ngikwazi ukuhamba futhi ngimkhonze sengiphile saka.

 Nakuba ngezinye izikhathi kuba nzima kakhulu ukubhekana nokugula kwami, ngiyaqiniseka ngokuthi uJehova unami. Ngosizo lomthandazo, ngihlale nginothile engingakhuluma naye lapho ngizizwa ngidangele noma nginovalo lokuthi ukuphila kwami kusengcupheni. Akukho lutho olungangihlukanisa nothando lukaJehova.​—Roma 8:39.

 UZachary washona lapho eneminyaka engu-18, ngemva kwezinyanga ezimbili kuxoxwe naye. Ukholo lwakhe esithembisweni sikaNkulunkulu sokuvuselwa emhlabeni oyipharadesi, lwalulokhu luqinile kwaze kwaba sekugcineni.

Ongacabanga ngakho: NjengoZachary, umthandazo ungakusiza kanjani ukuba uhlale othandweni lukaNkulunkulu?

 U-ANAÏS

 Lapho nginezinsukwana nje ngizelwe, ngaba nenkinga yokophela ebuchosheni eyangishiya ngikhubazekile, ikakhulukazi emilenzeni.

 Namuhla, ngikwazi ukuhamba amabanga amafushane ngisebenzisa izinduku zokuhamba, kodwa ngokuvamile kudingeka ngisebenzise isihlalo sabakhubazekile. Futhi nginenkwantshu, eyenza ngikuthole kunzima ukwenza imisebenzi ethile, njengokubhala ngesandla.

 Ngaphandle kokucindezeleka ngenxa yesimo sempilo yami, indlela engelashwa ngayo nayo iyahlukumeza. Selokhu kwathi nhló, ngihlale ngelashwa ngokubhucungwa izikhathi ezimbalwa ngesonto. Ukuhlinzwa kwami okukhulu kokuqala kwenzeka lapho ngineminyaka emihlanu ubudala, futhi sengiphinde ngahlinzwa kathathu kusukela lapho. Ukuhlinzwa okubili kokugcina kwaba yinselele nakakhulu ngoba kwaphela izinyanga ezintathu ngingakabuyeli ekhaya njengoba ngangiselulama.

 Abasekhaya babe usizo olukhulu. Sihleka ndawonye, okungisiza kakhulu lapho ngidangele. Umama nodadewethu ababili bayangisiza ukuba ngibukeke kahle, njengoba ngingakwazi ukuzilungisa ngingasizwa muntu. Kungizwisa ubuhlungu ukungakwazi ukugqoka izicathulo ezinezithende eziphakeme. Kodwa ngakwazi ukukwenza kanye ngiseyingane ngokukhasa ngifake izicathulo ezandleni zami futhi kwasihlekisa sonke lokho!

 Ngizama ukungavumeli isimo sempilo yami singithene amandla. Ngifunda izilimi. Ngiyabhukuda, okungisizayo njengoba ngingakwazi ukutshuza phezu kwamanzi noma ukushibilika eqhweni. Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngiyakujabulela ukuya enkonzweni ukuze ngihlanganyele ukholo lwami nabanye. Kubonakala sengathi abantu bayalalelisisa lapho ngikhuluma nabo.

 Abazali bami bangifundisa ngisemncane ukuthi isimo sami singesesikhashana nje. Kusukela lapho, ngiye ngazakhela olwami ukholo kuJehova nasesithembisweni sakhe sokuqeda konke ukuhlupheka, kuhlanganise nokwami. Lokhu kunginika amandla okukhuthazela.—IsAmbulo 21:3, 4.

Ongacabanga ngakho: Njengo-Anaïs, iziphi izindlela ongavimbela ngazo izinkinga zempilo ukuba “zingakutheni” amandla?

 UJULIANA

 Nginesifo esibuhlungu sokuhlasela kwamasosha omzimba izitho ezithile esingalimaza inhliziyo, amaphaphu negazi. Sesizihlasele kakade izinso zami.

 Ngangineminyaka eyishumi lapho kutholakala ukuthi ngine-lupus, isifo esingibangele ubuhlungu, ukukhathala kanye nokuguquguquka kwemizwelo. Ngezinye izikhathi, ngizizwa ngingento-yalutho.

 Lapho ngineminyaka engu-13, kwafika omunye woFakazi BakaJehova ekhaya. Wangifundela u-Isaya 41:10, lapho uJehova uNkulunkulu ethi khona: “Ungesabi ngoba nginawe. . . . Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.” Yilapho engaqala khona ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Namuhla, ngemva kweminyaka engu-8, ngisakhonza uNkulunkulu ngenhliziyo yonke futhi ngizimisele ukungavumeli ukugula kulawule ukuphila kwami. Nginomuzwa wokuthi uJehova unginike “amandla angaphezu kwavamile,” ukuze ngihlale nginombono omuhle.​—2 Korinte 4:7.

Ongacabanga ngakho: U-Isaya 41:10 angakusiza kanjani ukuba uqhubeke unombono omuhle, njengoba asiza uJuliana?