Dlulela kokuphakathi

Ezobuchwepheshe

Uma une-smartphone noma eminye imishini yezobuchwepheshe, kungaphela amahora amaningi uthe njo kukho. Ungazilawula kanjani ezobuchwepheshe?

Imishini Yezobuchwepheshe

Yini Okufanele Ngiyazi Ngemidlalo Yama-computer?

Ingase ibe nezinzuzo ezithile kanye nobubi obuthile, kokubili okungenza awukaze ucabange ngako.

Imidlalo Yami Yama-computer

Leli khasi lomsebenzi lingakusiza ukwazi ukuvumelanisa lesi simiso sokuzihlola nombono wakho.

Ingabe Imishini Yakho Yezobuchwepheshe Iyakubusa?

Nakuba uphila ezweni lezobuchwepheshe, akufanele likulawule. Ungabona kanjani ukuthi usuwumlutha womshini wakho? Uma unenkinga yalokhu, ungazishintsha kanjani izinto?

Yini Okufanele Uyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Ngomakhale­khukhwini?

Ukuthumela imiyalezo ngomakhale­khukhwini kungaphazamisa ubungane bakho nabanye nedumela lakho. Thola ukuthi kanjani.

Indlela Yokubonisa Inhlonipho Lapho Uthumela Imiyalezo

Ingabe kuwukuba luhlaza ukuphazamisa ingxoxo ukuze nje ubheke umyalezo? Noma, ingabe kuwukuba luhlaza ukuwuziba ngoba nje ufuna ukuqhubeka nengxoxo?

Okushiwo Ontanga Yakho Ngomakhalekhukhwini

Entsheni eningi, umakhalekhukhwini uyindlela yokuxhumana nabangane. Ziyini izinzuzo nezingozi zokuba nawo?

Ezokuxhumana

Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izingosi Zokuxhumana

Kujabulele ukusebenzisa i-Internet lapho uxhumana nabangane bakho futhi ukwenze ngokucophelela.

Kubaluleke Kangakanani Ukulandelwa Abantu Abaningi Ezinkundleni Zokuxhumana?

Abanye bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze nje balandelwe abantu abaningi kuthandwe namaphosti abo. Kodwa kubaluleke ngaleyo ndlela yini ukulandelwa abantu abaningi?

Ngingenzenjani Uma Ngihlukunyezwa Kuyi-Internet?

Okufanele ukwazi, nongakwenza ukuze uzivikele.

Izingozi Ezicashile

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokwenza Izinto Eziningi Kanyekanye?

Ungakwazi yini ukwenza imisebenzi emininga ngaphandle kokuphazamiseka?

Yini Engingayenza Ukuze Ngikwazi Ukugxilisa Ingqondo?

Cabanga ngezinto ezintathu ezobuchwepheshe ezingakuphazamisa kuzo ungakwazi ukugxilisa ingqondo yakho nalokho ongakwenza ukuze uthuthuke.

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Yocansi?

Ingabe uphoqelelwa ukuba uthumele izithombe zobulili? Iyini imiphumela yokuthumelelana izithombe zobulili? Ingabe kumane kuwukudlala ngothando okungenabo ubungozi?