Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingazichaza Kanjani Izinkolelo Zami Mayelana Nocansi?

Ngingazichaza Kanjani Izinkolelo Zami Mayelana Nocansi?

“Kahle wena​—awukaze ulale namuntu?”

Uma ufuna ukuphendula lo mbuzo futhi impendulo yakho inguyebo, ungathanda yini ukuwuphendula ngokuzethemba? Lesi sihloko sizokusiza!

 Iyini intombi-ntó?

 Intombi-ntó owesifazane ongakaze aye ocansini.

 Yiqiniso, ukuya ocansini akuyona ukuphela kwendlela yokwenza ubulili. Abanye bangase bathi bona “bayizintombi-ntó” ngoba bengakaze baye ocansini ngokoqobo—yize bekwenze konke okunye.

 Ngokwesibonelo, inkulumo ethi “izenzo zocansi” ingabhekisela ebulilini bomlomo, bendunu noma ukushaya omunye umuntu indlwabu.

 Iphuzu elisemqoka: Abantu abake bahlanganyela ezenzweni zocansi—ezihlanganisa ubulili bomlomo, bendunu noma ukushaya omunye umuntu indlwabu—abanakuzibiza ngezintombi-ntó.

 Lithini iBhayibheli ngocansi?

 IBhayibheli lithi abantu okufanele baye ocansini yindoda nomfazi abashadile kuphela. (IzAga 5:​18) Ngakho-ke, umuntu ofuna ukujabulisa uNkulunkulu akufanele enze ucansi kuze kube yilapho eseshadile.​—1 Thesalonika 4:​3-5.

 Abanye bathi umbono weBhayibheli uyisidala futhi awusebenzi esikhathini sethu. Kodwa khumbula ukuthi esikhathini esiphila kuso sikhungethwe ukuchitheka kwemishado, ukukhulelwa okungafunwa nezifo ezithathelwana ngocansi. Ngempela, leli zwe ngeke likwazi ukusinika iseluleko mayelana nokuziphatha!​—1 Johane 2:​15-​17.

 Lapho ucabangisisa ngezindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha, ungabona ukuthi zinengqondo. Ngokwesibonelo: Ake sithi umuntu othile ukuphe isipho semali engaba ngu-R10,000. Ubungayiphonsa yini phansi umi phezu kwendlu ukuze noma ubani odlulayo ayicoshe?

 Ubhekene nesimo esifanayo mayelana nocansi. USierra oneminyaka engu-14 ubudala uthi: “Angifuni ukulahlekelwa ubuntombi bami ngenxa yomuntu engingeke ngikhumbule ngisho negama lakhe eminyakeni ezayo.” UTammy, oneminyaka engu-17, naye uyavuma, uthi: “Ukuya ocansini kuyisipho esikhetheke kakhulu okungafanele sisetshenziswe kabi.”

 Iphuzu elisemqoka: IBhayibheli likhuthaza labo abangashadile ukuba balondoloze ubumsulwa futhi baziphathe kahle.​—1 Korinte 6:​18; 7:​8, 9.

 Yini wena oyikholelwayo?

  •   Ingabe ucabanga ukuthi umbono weBhayibheli ngocansi unengqondo noma ulukhuni kakhulu?

  •   Ucabanga ukuthi kulungile yini ukuba abantu ababili abangashadile abathi bathandana ngempela baye ocansini?

 Ngemva kokucabangisisa kahle ngale ndaba, intsha eningi iye yabona kungcono ukuba ikhethe ukuhlala imsulwa futhi inokuziphatha okuhlanzekile. Ayizisoli futhi ayizizwa incishwe okuthile. Cabangela okuye kwashiwo enye yaleyo ntsha:

  •  “Ngiyajabula ngokuthi angikaze ngilale namuntu! Akukho lutho olubi ngokugwema ukuhlukumezeka ngokwengqondo, ngokwenyama nangokomzwelo, okulethwa ukuya ocansini ngaphambi komshado.”​—U-Emily.

  •  “Kuyangijabulisa ukuthi anginalo uhide lwabantu engiye ngalala nabo, futhi kumnandi ukwazi ukuthi alikho nelincane ithuba lokuthi ngingaba nesifo esithathelwana ngocansi.”​—U-Elaine.

  •  “Sengike ngezwa amantombazane amaningi alingana nami namadadlana ethi ayazisola ngokuthi aseke alala nomfana futhi afisa sengathi ngabe alinda. Angifuni ukwenza iphutha elifanayo.”​—UVera.

  •  “Sengike ngabona abantu abaningi abanezibazi ezingokomzwelo ngenxa yokulahlekelwa ubuntombi noma yokuthandana nabantu abaningi. Ngicabanga ukuthi kuzwisa ubuhlungu ukuphila ngaIeyo ndlela.”​—UDeanne.

 Iphuzu elisemqoka: Kudingeka wazi ukuthi yini oyikholelwayo ngaphambi kokuba ubhekane nokucindezelwa noma nesilingo sokuba uhlanganyele ucansi.​—Jakobe 1:​14, 15.

 Ungabachazela kanjani abanye ngezinkolelo zakho?

 Kufanele uphendule kanjani uma othile ebuza ngezinkolelo zakho mayelana nocansi? Okuningi kuyoya ngezimo.

 “Uma othile engibuza ngenjongo yokungichukuluza nje kuphela, ngeke ngimane ngithule nje ngimbuke. Ngingamtshela ukuthi, ‘Akudokwe eligayelwe wena lelo’ bese ngiyahamba.”​—UCorinne.

 “Ngeshwa, ezinye izingane esikoleni ziyakuthanda ukuxhaphaza ezinye. Uma kuyileyo inhloso yazo, ngingase ngingaphenduli nhlobo.”​—UDavid.

 Ingabe bewazi? Ngezinye izikhathi, uJesu ‘wayengabaphenduli’ abahleki bosulu.​—Mathewu 26:62, 63.

 Kodwa kuthiwani uma umuntu ebuza ngobuqotho nangenhlonipho? Uma ucabanga ukuthi kungase kwenzeke ukuthi lowo muntu uyalihlonipha iBhayibheli, ungase umbonise umBhalo ofana noweyoku-1 Korinte 6:​18, obonisa ukuthi umuntu ohlanganyela ucansi ngaphambi komshado wona noma ulimaza owakhe umzimba.

 Kubalulekile ukuba ukhulume ngokuqiniseka, kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa iBhayibheli ngaso leso sikhathi noma cha. Khumbula ukuthi kufanele uziqhenye ngesinqumo osenzile sokuhlale umsulwa ngokokuziphatha.​—1 Petru 3:​16.

 “Ukuphendula ngokuqiniseka kubonisa ukuthi awuzingabazi izinkolelo zakho futhi kubonisa nokuthi lokho okwenzayo ukwenza ngoba kulungile hhayi ngoba watshelwa ukuba ukwenze.”​—UJill.

 Iphuzu elisemqoka: Uma uqiniseka ngokuma kwakho endabeni yocansi, uyokwazi ukuchazela abanye ngakho. Futhi ingase ikumangaze indlela abasabela ngayo. UMelinda oneminyaka engu-21 ubudala uthi: “Empeleni abantu engisebenza nabo baye bangincoma ngokuthi ngiseyintombi-ntó. Abakubheki njengento exakile. Bakubheka njengophawu lokuzithiba nokuba nesimilo.”

 Icebiso! Uma udinga usizo ukuze wakhe ukuqiniseka kwakho mayelana nocansi, dawuniloda ikhasi lomsebenzi elithi “Indlela Ongachaza Ngayo Izinkolelo Zakho Ngocansi.” Bheka nencwadi ethi: Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.

  •    Isahluko 24 esiseMqulwini 1 sinesihloko esithi “Ingabe Ukuya Ocansini Kuzobuthuthukisa Ubuhlobo Bethu?

  •    Isahluko 5 esiseMqulwini  2 sinesihloko esithi “Kungani Kumelwe Ngihlale Ngimsulwa?

 “Ngiyakuthanda lokho okushiwo izincwadi ezithi ‘Intsha Iyabuza.’ Ngokwesibonelo, ekhasini 187, uMqulu 1 kunomfanekiso obonisa ukuthi ukulala nomuntu kufana nokuphisana ngomgexo obizayo. Kuwukuzehlisa isithunzi. Kanti ikhasi 177 libonisa indlela ukulala nomuntu ngaphambi komshado okufana ngayo nokuthatha umdwebo omuhle uwuphendule into yokusulela izinyawo ezinodaka. Kodwa umfanekiso engiwuthanda kakhulu usekhasini 54, uMqulu 2. Kunamagama asesithombeni athi: ‘Ukuhlanganyela ubulili ngaphambi komshado kufana nokuvula isipho ungakasinikezwa.’ Kunjengokungathi untshontsha into yomunye umuntu​—umuntu ozogcina ushade naye.”​—UVictoria.