Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingenzenjani Uma Ngihlukunyezwa Kuyi-Internet?

Ngingenzenjani Uma Ngihlukunyezwa Kuyi-Internet?

 Okufanele ukwazi

 Kulula ukuhlumeza abanye kuyi-Internet. Incwadi i-CyberSafe ithi i-Internet “yenza kube lula ngisho nangezingane ezinamahloni ukuhlukumeza abanye ngoba basuke bengabonani ubuso nobuso.”

 Kunabantu okulula ukuba bahlukumezeke kuyi-Internet. Kuhlanganisa abanamahloni, ababonakala behlukile kanye nabangazethembi.

 Ukuhlukunyezwa ngale ndlela kunemiphumela emibi. Kungenza abanye bacindezeleke futhi bazizwe benesizungu, abanye baze bazibulale ngisho nokuzibulala.

 Ongakwenza

 Okokuqala, zibuze ‘Ingabe ngempela kuwukuhlukumeza?’ Abanye abantu basho izinto ezingakulimaza, kodwa bengaqondile. Uma lokho kwenzeka, ukulandela lesi seluleko seBhayibheli kungasisiza:

 “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.”—UmShumayeli 7:9, footnote.

 Kodwa uma umuntu ehlupha othile ngamabomu, emehlisa isithunzi ngezinto azishoyo noma emesabisa, lokho kuwukuhlukumeza.

 Uma uhlukunyezwa khumbula lokhu: Okushoyo kungenza izinto zibe ngcono noma zibe zimbi kakhulu. Zama ukusebenzisa la macebiso alandelayo.

 Vele umzibe umuntu okuhlukumezayo. IBhayibheli lithi: “Noma ubani ogodla amazwi akhe unolwazi, nomuntu onokuqonda unomoya ozolile.”—IzAga 17:27.

 Nasi esinye isizathu esenza kusebenze lokho okushiwo iBhayibheli: Encwadini yakhe i-Cyberbullying and Cyberthreat, uNancy Willard uthi: “Umgomo wabantu abahlukumeza abanye ukubenza bacasuke. Uma sebecasukile kuba lula ngalabo ababahlukumezayo ukuba babalawule.”

 Iphuzu elibalulekile: Ngezinye izikhathi kungcono ukuvele ungasho lutho.

 Ungazami ukuziphindiselela. IBhayibheli lithi: “Ningabuyiseli okubi ngokubi noma ukuthukwa ngokuthuka.”—1 Petru 3:9.

 Nasi esinye isizathu esenza kusebenze lokho okushiwo iBhayibheli: Incwadi i-Cyber-Safe Kids, Cyber-Savvy Teens ithi, “Uma ucasuka, wenza abantu bafune ukukuhlukumeza nakakhulu.” Ukuziphindiselela kungenza kubonakale sengathi nawe unomthelela ekuhlukunyezweni kwakho.

 Iphuzu elibalulekile: Ungenzi izinto zibe zimbi nakakhulu.

 Yenza okuthile. IBhayibheli lithi: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi.” (Roma 12:21) Kukhona ongakwenza ukuze uxazulule le nkinga, ngaphandle kokwenza isimo sibe sibi nakakhulu.

 Ngokwesibonelo:

  •    Mubhlokhe umuntu okuthumela leyo miyalezo. Incwadi i-Mean Behind the Screen ithi, “Uma ungawufundi umyalezo, ngeke ukulimaze.”

  •   Ngisho noma ungayifundi imiyalezo, yigcine ukuze ibe ubufakazi. Kungaba izinto ezikuhlukumezayo ozithunyelwa ngefoni, ngezokuxhumana nge-internet noma ngezinye izindlela.

  •   Tshela lowo okuhlukumezayo ukuba ayeke. Ungamthumela omunye wemiyalezo engezansi ecacile, kodwa ungabonisi ukucasuka:

    •  “Ungabe usangithumela eminye imiyalezo.”

    •  “Susa izinto ozifakile.”

    •  “Uma ungayiyeki le nto oyenzayo, ngizothatha izinyathelo.”

  •   Zethembe. Gxila kokwazi ukukwenza, hhayi ezintweni ongakwazi ukuzenza. (2 Korinte 11:6) Abantu abahlukumeza abanye kuyi-Internet bayafana nabantu abayiziqhwaga, bathanda ukuhlupha labo ababonakala bengakwazi ukuzivikela.

  •   Tshela umuntu omdala. Qala ngokutshela abazali bakho. Ungatshela nabanikazi bewebusayithi esetshenziswa umuntu okuhlukumezayo. Uma isimo siba sibi kakhulu, wena nabazali bakho ningabikela uthisha omkhulu, amaphoyisa noma nifune usizo lwabameli.

 Iphuzu elibalulekile: Kukhona ongakwenza ukuze uqede ukuhlukunyezwa noma ukunciphise.