Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingawuqeqesha Kanjani Unembeza Wami?

Ngingawuqeqesha Kanjani Unembeza Wami?

 Unembeza wakho ungafaniswa nani kulokhu okulandelayo?

  •   ikhampasi

  •   isibuko

  •   umngane

  •   ijaji

 Impendulo iwukuthi ungafaniswa nazo zonke lezi zinto ezine. Lesi sihloko sizochaza isizathu salokho.

 Uyini unembeza?

 Unembeza wakho yinto engaphakathi ekwenza ukwazi ukuhlukanisa okulungile nokungalungile. IBhayibheli lithi “unjengomthetho obhalwe enhliziyweni yomuntu.” (Roma 2:15, Contemporary English Version) Unembeza omuhle uyakusiza uhlolisise into ofuna ukuyenza noma into osuyenzile kakade ukuthi ilungile yini.

  •   Unembeza wakho ufana nekhampasi. Ukuqondisa endleleni efanele ukuze ungazifaki ezinkingeni.

  •   Unembeza wakho ufana nesibuko. Ukuvezela uhlobo lomuntu onguye endabeni yokuziphatha, ukubonise umuntu onguye ngaphakathi.

  •   Unembeza wakho ufana nomngane omuhle. Ungakunikeza iseluleko esihle, ukusize uphumelele—uma uwulalela.

  •   Unembeza wakho ufana nejaji. Ukwenza uzizwe unecala uma wenza into engalungile.

Unembeza omuhle ungakusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile

 Naku okubalulekile: Unembeza wakho uyinto ebalulekile engakusiza (1) wenze izinqumo ezihlakaniphile, (2) ulungise namaphutha akho.

 Kungani kufanele uwuqeqeshe unembeza wakho?

 IBhayibheli lisitshela ukuba ‘sizigcine sinonembeza omuhle.’ (1 Petru 3:16) Kunzima ukukwenza lokho uma unembeza wakho ungaqeqeshiwe.

 “Ngangiqamba amanga kubazali bami lapho bengibuza ukuthi ngikuphi futhi ngigcine ngingabatshelanga. Ekuqaleni, unembeza wami wawungihlupha, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngagcina ngingasayiboni inkinga ngalokho engangikwenza.”—UJennifer.

 Ekugcineni, unembeza kaJennifer wamenza watshela abazali bakhe ngalokho okwakwenzeka wabe eseyeka nokubakhohlisa.

 Ongacabanga ngakho: Yisiphi isikhathi esingcono unembeza kaJennifer okwakufanele umkhuze ngaso?

 “Kunzima kanti futhi kuyayicindezela ingqondo ukuzishaya omunye umuntu uma unabanye abantu bese ushintsha uma usunabanye. Uma unembeza wakho uke wakuvumela ukuba wenze isinqumo esisodwa esibi, kuba lula ukwenza esinye isinqumo esibi.”—UMatthew.

 Abanye abantu abawunaki nhlobo unembeza wabo. IBhayibheli lithi ‘abasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efesu 4:19) IBhayibheli okuthiwa yi-Good News Translation ilibeka kanje leli vesi: “Abasenawo nhlobo amahloni.”

 Ongacabanga ngakho: Ingabe kungcono ukuphila kwabantu abangenawo umuzwa wecala ngezinto ezingalungile abazenzayo? Yiziphi izinkinga abayogcina bengene kuzo nakanjani?

 Naku okubalulekile: Ukuze uhlale unonembeza omuhle, kudingeka ‘amandla akho okuqonda uwaqeqeshele ukuhlukanisa okulungile nokungalungile.’—Hebheru 5:14.

 Ungawuqeqesha kanjani unembeza wakho?

 Ukuze uqeqeshe unembeza wakho, udinga okuthile ongasekela kukho izenzo zakho. Abanye abantu balandela indlela yokuziphatha ebekwe:

  •   umndeni namasiko abo

  •   ontanga

  •   osaziwayo

 Nokho, indlela yokuziphatha etholakala eBhayibhelini iphakeme kakhulu. Lokho akusimangazi ngoba iBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu,’ Lowo owasidala nokwaziyo okusilungele kangcono.—2 Thimothewu 3:16.

 Cabanga ngalezi zibonelo.

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

  •   Lo mBhalo ungawuthinta kanjani unembeza wakho lapho ulingwa ukuba ukopele lapho ubhala isivivinyo, uqambe amanga kubazali bakho noma untshontshe?

  •   Uma unembeza wakho ukwenza uthembeke kuzo zonke izinto, ucabanga ukuthi lokho kungakuzuzisa kanjani manje nasesikhathini esizayo?

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Balekelani ukuziphatha kabi ngokocansi!”—1 Korinte 6:18.

  •    Lo mBhalo ungawuthinta kanjani unembeza wakho lapho ulingwa ukuba ubukele izinto ezibonisa ucansi noma ukuba uye ocansini ungakashadi?

  •   Uma unembeza wakho ukwenza ubalekele ukuziphatha kabi ngokocansi, lokho kungakuzuzisa kanjani manje nasesikhathini esizayo?

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Bonisanani umusa, nibe nobubele, nithethelelane ngokukhululekile.”—Efesu 4:32.

  •    Lo mBhalo ungakusiza kanjani lapho nixabana nengane yakini noma umngane wakho?

  •   Uma unembeza wakho ukwenza ube nesihe nozwela, lokho kungakuzuzisa kanjani manje nasesikhathini esizayo?

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “UJehova . . . uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHubo 11:5.

  •    Lo mBhalo kufanele ukusize kanjani lapho ukhetha amamuvi, izinhlelo ze-TV nemidlalo yamavidiyo?

  •   Uma unembeza wakho ukwenza wenqabe ezokuzijabulisa ezinobudlova, lokho kungakuzuzisa kanjani manje nasesikhathini esizayo?

 INDABA EYENZEKA NGEMPELA: “Nginabangane ababedlala imidlalo yamavidiyo enobudlova, futhi nami ngangiyidlala. Ubaba wabe esengitshela ukuthi kufanele ngiyeke ukudlala leyo midlalo. Ngakho ngangiyidlala uma ngivakashele abangane bami. Lapho ngibuyela ekhaya, ngangivele ngizithulele nje. Ubaba wayengibuza ukuthi kwenzenjani, mina ngangivele ngithi akunalutho. Kodwa ngolunye usuku ngafunda iHubo 11:5, ngaqala ukuzisola ngalokho engangikwenza. Ngabona ukuthi kwakufanele ngiyeke ukudlala leyo midlalo yamavidiyo. Kulokhu ngayeka ngempela. Ngenxa yesibonelo sami, omunye umngane wami naye wayeka ukudlala leyo midlalo enobudlova.”—UJeremy.

 Ongacabanga ngakho: Unembeza kaJeremy waqala nini ukusebenza, yena waqala nini ukuwulalela? Ufundani endabeni kaJeremy?

 Naku okubalulekile: Unembeza wakho uveza lokho oyikho nalokho okukholelwayo. Unembeza wakho wembulani ngawe?