Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingakugwema Kanjani Ukucabanga Ngocansi?

Ngingakugwema Kanjani Ukucabanga Ngocansi?

 “Ngivele ngizithole sengicabanga ngocansi futhi akukho okunye engicabanga ngakho. Kuba sengathi othile ulawula imicabango yami.”—UVera.

 “Ukulawula imicabango yami ngocansi kubonakala kungenakwenzeka. Ngivele ngifise sengathi umhlaba ungavuleka, ngicashe.”—UJohn.

 Ingabe uzizwa njengoVera noma uJohn? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza.

 Kungani le ndaba ibalulekile?

 Insizwa okuthiwa u-Alex ithi, “Umalume wangitshela ukuthi uNkulunkulu wayengeke anginike isifiso sokwenza u cansi uma engafuni ngilwenze.”

 Okunye okwashiwo umalume ka-Alex kuyiqiniso—uNkulunkulu wasinikeza izifiso zokwenza ucansi ngesizathu esihle. Sikhona nje ngenxa yokuthi uNkulunkulu wenza abantu bakwazi ukuzalana. Kungani ngempela kumele ukhathazeke ngokugwema ukucabanga ngocansi? Nazi izizathu ezimbili:

  •   IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba kube yindoda nowesifazane abashadile kuphela abangaya ocansini.—Genesise 1:28; 2:24.

     Uma uhlonipha imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha futhi ungashadile, ukuhlala ucabanga ngocansi kuzokudida ingqondo, okungakulinga ukuba wenze ucansi—okuyisinqumo abantu abaningi abazisolile ngaso ngokuhamba kwesikhathi.

  •   Ukuzama ukungacabangi ngocansi kudinga ukuzithiba.1 Korinte 9:25.

 Leyo mfanelo idlala indima ebalulekile empilweni yakho, manje nasesikhathini esizayo. Izingane ezikwazi ukuzithiba azibi nayo inkinga yokugula, ukucindezelwa yizinkinga zemali noma ziboshwe lapho sezindala. a

 Kungani kunzima kangaka ukugwema ukucabanga ngocansi?

 Ama-hormone kuhlanganise neqiniso lokuthi siphila ezweni elihlanyiswa ucansi, engenza kube nzima ukuthi singacabangi ngocansi.

 “Kubonakala sengathi zonke izinhlelo ze-TV ziveza ukulala nomuntu ongashadile naye njengento enhle futhi ziyabufihla ubungozi bakho. Kulula ukuba nemicabango engafanele ngocansi uma ingavezwa imiphumela yokwenza ucansi ungashadile.”—URuth.

 “Emsebenzini ngihlale ngizwa kukhulunywa ngocansi ingcaca, okungenza ngicabange ngalo. Ukuziphatha kabi ngocansi kwenziwa kubonakale sengathi kuyinto evamile nje, okwenza kube nzima ukuba sikubheke njengento embi.”—UNicole.

 “Ezinkundleni zokuxhumana kulula ukunganaki uma ucofacofa ubuka izithombe. Isithombe esisodwa nje esingcolile singahlala engqondweni kungabi lula ukusikhohlwa!”—UMaria.

 Ngaleyo ndlela, ungase uzizwe njengomphostoli uPawulu. Wabhala: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.”—Roma 7:21.

Ungavumeli imicabango yocansi yakhele njengesidleke ekhanda lakho

 Ongakwenza

 Cabanga ngezinye izinto. Zama ukucabanga ngezinye izinto ngaphandle kocansi. Lezi zinto zingahlanganisa noma yini othanda ukuyenza, ezemidlalo, ukuzivocavoca nanoma yini enye. Intokazi okuthiwa uValerie ithi, “Ukufunda iBhayibheli kuyasiza. Liqukethe imicabango kaNkulunkulu futhi uma ingqondo yakho inaleyo micabango, akulula ukucabanga ngokunye.”

 Kungenzeka umuntu acabange ngocansi okwesikhathi esithile. Kodwa ukuthi wenzani ngaleyo micabango kulele kuye. Ungakwazi ukuyeka ukucabanga ngalo kodwa kumele uzikhethele.

 “Uma sengiqalile ukucabanga ngocansi, ngiyayiphoqa ingqondo yami ukuba icabange ngokunye. Ngizama ukubona ukuthi yini engenze ngacabanga ngocansi, kungaba ingoma noma isithombe okumele ngikudilithe.”—UHelena.

 Isimiso seBhayibheli: “Noma yiziphi izinto ezilungile, noma yiziphi izinto ezimsulwa [noma, “ezinhlanzekile,” umbhalo waphansi], . . . qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Filipi 4:8.

 Khetha ukuzihlanganisa nabantu abakahle. Uma abangani bakho behlezi bekhuluma ngocansi, kuzoba nzima ukungacabangi ngalo.

 “Lapho ngisemncane, ngangikuthola kunzima ukugcina ingqondo yami ihlanzekile ngoba abangani engangizihlanganisa nabo, babekwenza kube nzima nakakhulu. Uma uzihlanganisa nabantu abakhuthaza imicabango emibi, uyayeka ukulawula izifiso zakho ezimbi—bese izinto ziba zimbi nakakhulu.”—USarah.

 Isimiso seBhayibheli: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.

 Gwema ukuzijabulisa ngezinto ezingafaneleki. Wonke umuntu uyazi ukuthi zonke izinto ezikhona zokuzijabulisa zigcwele ucansi. UNicole uthi, “Inkinga yami enkulu, umculo. Ungivusela izifiso zocansi kuze kube ngaphezu kwamandla.”

 “Ngaqala ukubukela amamuvi nezinhlelo ze-TV eziveza ucansi. Yayisingekho into engangiyicabanga ngaphandle kocansi. Ngangazi ukuthi kungani ngifikelwa yileyo micabango. Lapho ngiyeka ukubukela amamuvi nezinhlelo ze-TV, angibange ngisacabanga kakhulu ngocansi. Ukukhetha kahle ezokuzijabulisa kwenza kube lula ukulwa nemicabango yocansi.”—UJoanne.

 Isimiso seBhayibheli: “Ukuziphatha kabi ngokocansi nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu.”—Efesu 5:3.

 Isiphetho sendaba: Abanye abantu bacabanga ukuthi izifiso zabo zocansi zibaluleke kangangokuba akumele bazilawule futhi ngeke bakwazi ukuzilawula. Kodwa iBhayibheli lisitshela okuhlukile. Liyasisiza ngokusitshela ukuthi singakwazi ukulawula imicabango yethu. Asifani nezilwane, zona ezingakwazi ukulawula izifiso zazo. Thina sihlakaniphe kakhulu. Siyigugu kuJehova.

 Isimiso seBhayibheli: “Qhubekani nenziwa basha endleleni yenu yokucabanga.”—Efesu 4:23.

a Kubalulekile ukuba umuntu ongashadile azithibe ngoba ngisho nalapho eseshadile uyoyidinga le mfanelo.