Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Lo Muntu Ungifanele?

Ingabe Lo Muntu Ungifanele?

 Ingabe usumtholile umaqondana? Uma kunjalo, ungaqiniseka kanjani ukuthi lowo muntu ukufanele ngempela ?

 Kubalulekile ukubheka ngale kwezinto ezisobala. Kakade, ukuthi intombazane yinhle kungase kungasho ukuthi ithembekile, noma ukuthi umfana uyathandwa kungase kungasho ukuthi uqotho. Ufuna umuntu oyokwenza uzizwe ukhululekile—umuntu ohambisana ngempela nobuntu bakho kanye nemigomo onayo.—Genesise 2:18; Mathewu 19:4-6.

Ukubheka Ngale Kwalokho Okusobala

 Bheka lo mngane wakho ngokwalokho ayikho. Kodwa-ke, qaphela! Ungase uthambekele ekuboneni kuphela lokho ofuna ukukubona. Ngakho ungaxhamazeli. Zama ukuthola lokho ayikho ngempela lo muntu.

 Iningi labantu abaqala ukuthandana ababheki ngale kwalokho okusobala. Kunalokho, basheshe basho izinto bobabili abazithandayo: “Sithanda umculo ofanayo.” “Sobabili sithanda ukwenza izinto ezifanayo.” “Sinombono ofanayo ngazo zonke izinto!” Kodwa, kudingeka ubheke ngale kwalokho okusobala. Kudingeka uqonde “umuntu osithekile wenhliziyo.” (1 Petru 3:4; Efesu 3:16) Kunokuba ugxile ekutheni zingakanani izinto enivumelana ngazo, kungase kukuvule amehlo ukuthola ukuthi kwenzekani lapho kunento eningavumelani ngayo.

 Ngokwesibonelo, cabangela lokhu okulandelayo:

  •   Lo muntu ukusingatha kanjani ukungezwani—ngokuphikelela embonweni wakhe, mhlawumbe ngokuvukwa ‘intukuthelo’ noma ngokusebenzisa ‘inkulumo eyichilo’? (Galathiya 5:19, 20; Kolose 3:8) Noma, ingabe lo muntu uyacabangela—uyazimisela ukuhoxa ukuze kube nokuthula uma kungekho simiso esiphulwayo?—Jakobe 3:17.

  •   Ingabe ngobuqili wenza abantu benze okufunwa nguye, unesikhwele noma unomona? Ingabe ufuna ukwazi yonke into oyenzayo? UNicole uthi: “Ngiyaye ngizwe ngabantu abasaqala ukuthandana abalwela ukuthi omunye ‘akamshayeli ucingo’ njalo omunye. Ngicabanga ukuthi kuyinkinga lokho.”—1 Korinte 13:4.

  •   Bambheka kanjani abanye lowo muntu? Ungase uthande ukuxoxa nalabo osekunesikhathi esithile bazana naye, njengabantu abavuthiwe ebandleni akulo. Ngaleyo ndlela, uyokwazi ukuthi ‘ukhulunyelwa kahle’ yini noma cha.—IzEnzo 16:1, 2.