Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokwenza Izinto Eziningi Kanyekanye?

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokwenza Izinto Eziningi Kanyekanye?

 Linjani ikhono lakho lokwenza izinto eziningi kanyekanye?

 Ingabe uyakwazi ukwenza izinto eziningi kanyekanye? Abantu abaningi bacabanga ukuthi labo abazalwe ngesikhathi sezobuchwepheshe—abakhulele kuso—bangakwazi ukwenza izinto eziningi kanyekanye kunasebebadala “abangomafikizolo” kwezobuchwepheshe. Kodwa ingabe lokho kuyiqiniso ngempela?

 IQINISO noma AMANGA?

  •   Ukwenza izinto eziningi kanyekanye, kukwenza uqede izinto ngokushesha.

  •   Uma ukwenza njalo ungalithuthukisa ikhono lakho lokwenza izinto eziningi kanyekanye.

  •   Abantu abasha bayakwazi ukwenza izinto eziningi kanyekanye kunabantu abadala.

 Uma uphendule ngokuthi “iqiniso” kunoma iyiphi yezinto ezishiwo ngenhla, kungenzeka uye wakhohliswa “amanga mayelana nokwenza izinto eziningi kanyekanye.”

 Amanga mayelana nokwenza izinto eziningi kanyekanye

 Ucabanga ukuthi ungakwazi ukwenza izinto ezimbili ngesikhathi esisodwa? Ungase ukwazi ukuhlanganisa eminye imisebenzi ngaphandle kokuphazamiseka. Ngokwesibonelo, uma ulalele umculo kuyilapho uhlanza ikamelo lakho, lingase libukeke KAHLE.

 Kodwa lapho uzama ukwenza imisebenzi emibili efuna ukuba uyinakisise, kungenzeka yomibili ungayenzi kahle. Mhlawumbe kungaleso sizathu owesifazane osemusha okuthiwa uKatherine echaza ukwenza izinto eziningi kanyekanye ngalendlela: “Ikhono lokona zonke izinto ngesikhathi esisodwa.”

 “Ngathi ngisakhuluma nothile, kwangena umyalezo okwakudingeka ngiwuphendule. Ngazama ukukwenza kokubili. Ngenxa yalokho, angimzwanga nokuthi wayethini umuntu engangikhuluma naye futhi ngabhala into engazwalakali kulowo myalezo.”—uCaleb.

 USherry Turkle onolwazi kwezobuchwepheshe uyabhala: “Lapho sizitshela ukuthi senza izinto eziningi kanyekanye, . . . izinga lomsebenzi ngamunye esiwunezela kuleyo esiyenzayo, liyehla. Ukwenza izinto eziningi kanyekanye kungabonakala kunikeza ingqondo yethu umdlandla, sicabange ukuthi senza kahle kuyilapho sona izinto nakakhulu.” a

 “Ngezinye izikhathi ngicabanga ukuthi ngenza kahle kakhulu lapho ngibhalela othile umyalezo kuyilapho nginothile sixoxa, kuze kube yilapho sengibona ukuthi ngisho obekufanele ngikubhale phansi kwathi obekufanele ngikukhulume ngakubhala phansi!”—uTamara.

 Abantu abazama ukwenza izinto eziningi kanyekanye benza ukuphila kwabo kube nzima ngokungadingekile. Ngokwesibonelo, ngokuvamile kubathatha isikhathi eside ukuqeda imisebenzi yabo yesikole. Noma kungase kudingeke bachithe esinye isikhathi bephinda umsebenzi abebecabanga ukuthi sebewuqedile. Kunoma yikuphi, abantu abenza izinto eziningi kanyekanye bagcina sebengenaso isikhathi sokwenza izinto abafuna ukuzenza!

 UThomas Kersting ongudokotela wezifo zengqondo nongumeluleki wasesikoleni uthi: “Uma ingqondo ibingafaniswa nekhabethe lamafayela abekwe kahle anokwaziswa okobalulekile, ingqondo yabantu abenza izinto eziningi kakhulu kanyekanye, ayihlelekile.” b

 “Lapho wenza imisebenzi eminingi ngesikhathi esisodwa, ungase ungayinaki imininingwane ebalulekile. Ekugcineni kungenzeka uzibangele umsebenzi omningi futhi ulahlekelwe isikhathi obucabanga ukuthi ubungasonga.”—uTeresa.

Ukuzama ukwenza izinto eziningi kanyekanye kufana nokuzama ukushayela emigwaqeni emibili ngesikhathi esisodwa

 Indlela engcono

  •   Zifundise ukugxila emsebenzini owodwa ngesikhathi. Lokhu kungase kungabi lula ikakhulukazi uma ujwayele ukuhlanganisa imisebenzi—ngokwesibonelo, ukutadisha ngesikhathi esifanayo ube ubhala imiyalezo. Kodwa iBhayibheli lisitshela ‘ukuba siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Akuyona yonke imisebenzi ebaluleke ngendlela efanayo. Ngakho nquma ukuthi yimuphi obaluleke kakhulu, bese ugxila kuwo kuphela uze uwuqede.

     “Ingqondo engagxilile ifana neyomntwana omncane, ngezinye izikhathi okumele umtshele ukuthi cha, ngisho nalapho kungabonakala kulula ukuba umyeke enze lokho akufunayo”—uMaria.

  •   Susa iziphazamiso. Ingabe uyalingeka ukuba ulokhu ubheka ifoni yakho ngesikhathi utadisha? Yibeke kwelinye ikamelo. Vala i-TV, futhi ungacabangi kwakucabanga ngokungena ezingosini zokuxhumana! IBhayibheli lithi: “Sebenzisa isikhathi sakho ngendlela engcono ”—Kolose 4:5, Easy-to-Read Version.

     “Ngithole ukuthi kuba lula kakhulu ukuba ngigxile entweni eyodwa ngesikhathi. Ngaleyondlela ngijabula kakhulu uma ngikwazi ukuqeda umsebenzi wezinto obekufanele ngizenze futhi ngidlulele kokunye. Lokho kungenza nganeliseke ngomsebenzi engiwenzayo.”—u-Onya.

  •   Lalelisisa lapho kuxoxwa nawe. Akukuhle unaka ifoni yakho lapho ukhuluma nothile futhi ngaphezu kwalokho kuwukwedelela. IBhayibheli lisitshela ukuthi siphathe abanye ngendlela nathi esifuna ukuphathwa ngayo.—Mathewu 7:12.

     “Ngezinye izikhathi uma ngikhuluma nodadewethu, usuke ethumela imiyalezo kothile noma enza okuthile efonini yakhe. Kuvele kuthi ngife! Kodwa uma ngikhuluma iqiniso, ngezinye izikhathi nami ngenza okufanayo!”—uDavid.

a Ngokwencwadi ethi: Reclaiming Conversation.

b Ngokwencwadi ethi: Disconnected.