Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ingabe Kufanele Sihlukane? (Ingxenye 2)

Ingabe Kufanele Sihlukane? (Ingxenye 2)

 Okokuqala, khetha indawo efanelekayo eningaxoxela kuyo. Kungaba indawo enjani?

 Cabanga ngokuthi wena ubungathanda ukuphathwa kanjani. (Mathewu 7:​12) Ingabe ubungathanda ukutshelwa phambi kwabantu? Cishe ubungeke.

 Akutuseki ukuhlukana nomuntu ngokumshiyela umyalezo ocingweni, ngokubhala umyalezo ngomakhalekhukhwini noma nge-e-mail, ngaphandle kwalapho izimo zibizela lokho. Kunalokho, khetha isikhathi nendawo eyonenza nikwazi ukuxoxa ngalolu daba olubaluleke kangaka.

 Yini okufanele uyisho lapho kufika isikhathi sokudalula imizwa yakho? Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba “akhulume iqiniso” komunye nomunye.​—Efesu 4:​25.

 Ngakho, indlela engcono kakhulu ukuba nesu lokungacunuli kodwa uqine. Yisho ngokucacile ukuthi kungani ucabanga ukuthi lobu buhlobo ngeke buphumelele.

 Akudingeki umbalele uhide lwamaphutha akhe noma umgxeke. Empeleni, esikhundleni sokuthi, “Wena awukwenzi ukuthi” noma “Wena awulokothi wenze lokhu,” kungaba ngcono ukusebenzisa amagama agxile ekutheni wena uzizwa kanjani—“Ngidinga umuntu owukuthi nokuthi . . .” noma “Nginomuzwa wokuthi kufanele sihlukane ngoba . . .”

 Lesi akusona isikhathi sokuyishaya emuva uyishaye phambili noma sokumvumela ukuba akushintshe umqondo. Khumbula, unqume ukuba nihlukane ngesizathu esizwakalayo. Ngakho qapha uma umngane wakho ezama ukukushintsha umqondo ngezindledlana zobuqili. Intokazi okuthiwa uLori ithi: “Lapho sesehlukene, insizwa eyayiyisoka lami yaqala ukuzenza umuntu ocindezelekile ngaso sonke isikhathi. Ngicabanga ukuthi yayenzela ukuba ngiyizwele. Ngayizwela kona. Kodwa angikuvumelanga ukwenza kwayo kuguqule isinqumo sami.” NjengoLori, zazi ukuthi ufunani. Namathela esinqumweni sakho. U-cha wakho makasho u-cha.—Jakobe 5:12.