Dlulela kokuphakathi

Ngikhangwa Abantu Bobulili Obufana Nobami—Ingabe Lokho Kusho Ukuthi Ngingungqingili?

Ngikhangwa Abantu Bobulili Obufana Nobami—Ingabe Lokho Kusho Ukuthi Ngingungqingili?

 Lutho neze!

 Iqiniso: Ezimweni eziningi, ukukhangwa abantu bobulili obufana nobakho kusuke nje kuyinto edlulayo.

 Yilokho okwatholwa uLisette oneminyaka engu-16, owayekhangwa intombazane. Uthi: “Ekilasini lesayensi yezinto eziphilayo, ngafunda ukuthi phakathi nenkathi yokuqhuma kobusha, izinga lama-hormone lingase lishintshashintshe kakhulu. Ngicabanga ukuthi ukube intsha eningi beyazi kabanzi ngemizimba yayo, beyiyoqonda ukuthi ukukhangwa abobulili obufana nobakho kungaba yinto yesikhashana futhi ibingeke izizwe icindezeleka ukuba ibe ongqingili.”

Intsha kufanele ikhethe—ukwamukela umbono waleli zwe owonakele ngobulili noma ukulandela indlela yokuziphatha ephakeme eseZwini likaNkulunkulu

 Kodwa kuthiwani uma ukukhangwa abobulili obufana nobakho kubonakala kuyinto engadluli? Ingabe usuke enonya uNkulunkulu uma ethi umuntu okhangwa abobulili obufana nobakhe kumelwe agweme ubungqingili?

 Uma uphendule ngoyebo kulo mbuzo, kufanele wazi ukuthi ukucabanga okunjalo kusekelwe embonweni oyiphutha othi abantu kumelwe benze ngokuvumelana nezifiso zabo zobulili. IBhayibheli libanikeza isithunzi abantu ngokubaqinisekisa ngokuthi bangakhetha ukungenzi ngokuvumelana nezifiso zabo zobulili ezingafanele.—Kolose 3:5.

 Akukhona ukuthi iBhayibheli alicabangeli. Kuphela nje litshela labo abakhangwa abobulili obufana nobabo ukuba benze lokho okulindeleke kwabakhangwa abobulili obuhlukile—ukuba ‘babalekele ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Iqiniso liwukuthi, izigidi zalabo abakhangwa abobulili obuhlukile ezifisa ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli ziyazithiba naphezu kwanoma yiziphi izilingo ezingase zibhekane nazo. Labo abathambekele ebungqingilini bangenza okufanayo uma befuna ngempela ukujabulisa uNkulunkulu.​—Duteronomi 30:19.