Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Ngomakhale­khukhwini?

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuthumelelana Imiyalezo Ngomakhale­khukhwini?
  • :-) Uma kusetshenziswa ngokuhlakanipha, ukuthumelelana imiyalezo ngomakhalekhukhwini kungaba indlela enhle kakhulu yokuxhumana nabantu.

  • :-( Uma kusetshenziswa ngokunganaki, kungaqeda ubungane—kulimaze nedumela lakho.

 Labo obathumelela imiyalezo

 Intsha eningi ibheka ukuthumelelana imiyalezo ngomakhalekhukhwini njengendlela ebalulekile yokuxhumana. Ukuthumela imiyalezo kukwenza uxhumane nanoma ubani onenombolo yakhe—ngaphandle uma abazali bakho bekwenqabela.

 “Ubaba akayithandi indaba yokuthi mina nodadewethu sikhulume nabafana. Uma sikhuluma nabo, kufanele kube socingweni, egumbini lokuphumula futhi kube khona nabanye abantu.”ULenore.

 Okufanele ukwazi: Uma inombolo yakho uyinika noma ubani nje, ungazithola ususenkingeni.

 “Uma ungenandaba nokuthi ubani onenombolo yakho, uyothola imiyalezo noma izithombe ongazifuni.”UScott.

 “Uma uhlale uthumelelana imiyalezo nomuntu wobulili obuhlukile, ngokushesha ungazithola ususondelene nalowo muntu ngokomzwelo.”USteven.

 IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Ngokuthatha izinyathelo ezimbalwa zokuqapha, ungagwema ukuzithola ususosizini olukhulu.

 Indaba engokoqobo: “Mina nomfana othile sasingabangane futhi sasihlale sithumelelana imiyalezo. Ngangicabanga ukuthi simane nje sijwayelene. Ngangingayiboni inkinga kulokho kwaze kwaba yilapho engitshela ukuthi uyangithanda. Manje ngiyabona ukuthi kwakungafanele ngichithe isikhathi nayefuthi ngithumelelane naye imiyalezongezinga engenza ngalo.”UMelinda.

 Cabanga ngalokhu: Ucabanga ukuthi kwakuzokwenzekani ebunganeni bukaMelinda nalo mfana lapho esemtshele ukuthi uyamthanda?

 Ake uyiguqule le ndaba! Iyiphi indlela ehlukile uMelinda okwakufanele enze ngayo ukuze yena nalo mfana bahlale bengabangane nje futhi kuphelele lapho?

 Uhlobo lwemiyalezo oyithumelayo

 Kulula kakhulu ukuthumela imiyalezo—futhi kumnandi ukuyithunyelelwa—kangangokuthi kulula ukukhohlwa ukuthi abantu bangase bayiqonde ngenye indlela.

 Okufanele ukwazi: Amazwi athunyelwe ngomakhalekhukhwini angase aqondwe ngokungeyikho.

 “Imiyalezo iyakwazi ukwembula imizwelo yomuntu nesimo sezwingisho nangokusebenzisa izithonjana noma izimpawana zemiyalezo. Kungadlulisela imiyalezo eyiphutha.”UBriana.

 “Kunamantombazane engiwaziyo aye azakhela idumela elibi futhi aziwa ngokuthi adlala ngothando ngenxa yemiyalezo aye ayithumelela abafana.”ULaura.

 IBhayibheli lithi: “Abantu abalungile bayacabanga ngaphambi kokuba baphendule.” (IzAga 15:28, Good News Translation) Sifundani kulo mBhalo? Ufundisise umyalezo wakho ngaphambi kokuba uwuthumele!

 Isikhathi sokuyithumela

 Ngokusebenzisa ingqondo, ungazenzela eyakho imithetho yokuthumela imiyalezo ngomakhalekhukhwini—imikhuba emihle yokuthumela imiyalezo, njengoba abanye bekubiza kanjalo.

 Okufanele ukwazi: Uma ungayinaki indlela yakho yokuthumela imiyalezo, uyozwakala ungenanhlonipho futhi abantu ngeke bafise ukuba abangane bakho.

 “Kulula ukuyilibala imikhuba emihle yokuthumelelana imiyalezo. Ngike ngithi ngixoxa nomuntu noma ngihlezi etafuleni ngidla, ngizithole ngithumela imiyalezo ngesikhathi esifanayo.”U-Allison.

 “Kuyingozi ukuthumela imiyalezo ngomakhalekhukhwini ube ushayela imoto. Uma ususa amehlo emgwaqweni, uzibeka engcupheni yokudala ingozi yemoto.”U-Anne.

 IBhayibheli lithi: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, . . . isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:1, 7) Lokhu kusebenza ngezinga elifanayo ekuthumeleni imiyalezo njengoba kunjalo nasekukhulumeni!

 Amacebiso ngokuthumela imiyalezo

Labo obathumulela imiyalezo

  •  ;-) Lalela iziqondiso zabazali bakho.—Kolose 3:20.

  •  ;-) Ungamane unike noma ubani inombolo yakho. Uma wenqaba ngomusa ukunika abanye imininingwane yakho eyimfihlo—kuhlanganise nenombolo yakho kamakhalekhukhwini—uthuthukisa ikhono oyolidinga lapho usukhulile.

  •  ;-) Musa ukuzenza waziwe kakhulu ngokuthumela imiyalezo ehambisana nokudlala ngothando. Uma abanye beqala ukuba nemizwa yothando ngawe, uyobe ubangele ukukhungatheka nokwephuka kwezinhliziyo.

 “Ngizakhele igama elihle kubazali bami ngendlela engisebenzisa ngayo umakhalekhukhwini, ngakho bayangethemba ukuthi ngizokwenza izinqumo ezihlakaniphile mayelana nokuthi ngigcina izinombolo zikabani kumakhalekhukhwini.”UBriana.

Uhlobo lomyalezo owuthumelayo

  •  ;-) Ngaphambi kokuba uqale ukubhala umyalezo, zibuze, ‘Ingabe ukuthumela umyalezo kuyindlela efanele yokukhuluma ngale ndaba?’ Kungaba ngcono ukushaya ucingo noma ukulinda nize nikhulume umlomo nomlomo.

  •  ;-) Ungabhali into ongeke wayisho uma nibonana ubuso nobuso. “Uma into kungafanele ishiwo ngomlomo, akufanele futhi ithunyelwe ngomyalezo,” kusho uSarah, oneminyaka engu-23.

 “Uma othile ekuthumelela izithombe ezivusa inkanuko, tshela abazali bakho. Kuyoba isivikelo kuwe lokho futhi kuyokwenza abazali bakho bakwethembe.”USirvan.

Isikhathi sokuyithumela

  •  ;-) Nquma kusenesikhathi ukuthi kunini lapho ungeke uwusebenzise khona umakhalekhukhwini. Intombazane okuthiwa u-Olivia ithi, “Angiwuphathi umakhalekhukhwini lapho kuyisikhathi sokudla noma uma ngitadisha. Ngiyawucisha phakathi nemihlangano yobuKristu ukuze ngingalingeki ukuba ngiwubheke.”

  •  ;-) Bonisa ukucabangela. (Filipi 2:4) Ungathumeli imiyalezo kuyilapho usaxoxa nomunye umuntu ubuso nobuso.

 “Ngizibekele imithetho, njengokuthi angithumeleli muntu umyalezo lapho nginabangane bami ngaphandle uma kudingeka ngempela. Angibanikezi futhi inombolo yami abantu engingakabajwayeli.”UJanelly.