Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingabhekana Kanjani Namaphutha Ami?

Ngingabhekana Kanjani Namaphutha Ami?

 Ubungenzani?

 Funda ngokwenzeka kuKarina futhi ucabange ukuthi ukube kwenzeka kuwe ubungenzani?

 UKarina: “Ngangiya esikoleni, ngishayela ngesivinini esiphezulu, iphoyisa langimisa langinika ithikithi. Ngangicasukile! Ngatshela uMama, wase ethi kumelwe ngitshele uBaba​—okuyinto engangingafuni ukuyenza.”

Ubungenzani?

  1.  Indlela Yokuqala: Ukuthula ngethemba lokuthi ubaba ngeke azi ngakho.

  2.  Indlela Yesibili: Ukutshela ubaba konke okwenzekile njengoba nje kunjalo.

 Ungase ulingeke ukuba ukhethe Indlela Yokuqala. Futhi mhlawumbe umama wakho uyovele acabange ukuthi uyile kubaba wakho wamtshela ngephutha lakho. Kodwa kunezizathu ezinhle zokuba uvume amaphutha akho​—kungakhathaliseki ukuthi amayelana nethikithi lomgwaqo noma okunye.

 Izizathu ezintathu zokuvuma amaphutha akho

  1.  1. Ngoba yinto okufanele uyenze. Lapho iBhayibheli lichaza isimiso samaKristu lithi: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

     “Ngiye ngasebenza kanzima ukuze ngithembeke futhi ngithwale imiphumela yezenzo zami​—nokuthi ngilivume ngokushesha iphutha ngemva kokulenza.”​—Alexis.

  2.  2. Ngoba abantu bavame ukubaxolela labo abawavumayo amaphutha abo. IBhayibheli lithi: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”—IzAga 28:13.

     Kudinga isibindi ukuvuma iphutha, kodwa yileyo indlela abantu abangakwethemba ngayo. Bayabona ukuthi uthembekile. Ngokuvuma iphutha, wenza into embi ibe yinto enhle.”—Richard.

  3.  3. Okubaluleke nakakhulu, kujabulisa uJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Umuntu okhohlisayo uyinto enengekayo kuJehova, kodwa yena usondelana nabaqotho.”—IzAga 3:32.

     Ngemva kokuba ngenze iphutha elikhulu, ngaqala ukuqaphela ukuthi kwakudingeka ukuba ngiziveze futhi ngilivume. Yayingekho indlela yokuba uJehova wayengangibusisa uma ngangingenzi izinto ngendlela yakhe.”—Rachel.

 Ngakho uKarina walisingatha kanjani iphutha lakhe? Wazama ukufihlela uBaba wakhe ithikithi lomgwaqo lokushayela ngesivinini esiphezulu. Kodwa akakwazanga ukulifihla unomphela. UKarina uthi, “Cishe ngemva konyaka, ubaba wayebheke amarekhodi ethu omshuwalense futhi waqaphela ukuthi kwakunethikithi lomgwaqo lokushayela ngesivinini esiphezulu ngaphansi kwegama lami. Ngaba senkingeni enkulu—ngisho nomama wayecasukile ngokuthi ngangingakwenzanga lokho ayethe ngikwenze!”

 Isifundo: UKarina uthi: “Ukufihla amaphutha kumane kwenze izinto zibe zimbi nakakhulu. Usazojeza kamuva!”

 Indlela ongafunda ngayo emaphutheni akho

 Wonke umuntu uyawenza amaphutha. (Roma 3:23; 1 Johane 1:8) Futhi njengoba sibonile, ukuwavuma​—ngaso leso sikhathi​—kuwuphawu lokuthobeka nokuvuthwa.

 Isinyathelo esilandelayo ukufunda emaphutheni akho. Ngokudabukisayo, abanye abasha balahlekelwa yilelo thuba! Bangase bazizwe ngendlela omunye omusha ogama lakhe linguPriscilla ake azizwa ngayo. Uthi: “Ngangivame ukudangala kakhulu ngenxa yamaphutha ami. Ngangizenyeza, ngakho amaphutha ami ayebonakala ewumthwalo omkhulu engingakwazi ukuwuthwala. Ngangikhungathekile futhi ngiphelelwe yithemba.”

 Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa ngaleyo ndlela? Uma kunjalo, khumbula lokhu: Ukugxila emaphutheni esikhathi esedlule kufana nokugqolozela isibuko semoto esikwenza ubone ngemuva ube ushayela. Ukugxila esikhathini esidlule kuyokushiya uzizwa ungelutho futhi ungenamandla okubhekana nezinselele ezingaphambi kwakho.

 Kungani ungabi nombono olinganiselayo?

 “Bheka emuva emaphutheni akho futhi ufunde kuwo ukuze ungawaphindi. Kodwa ungagxili kuwo kakhulu aze akudangalise.”​—Elliot.

 “Ngizama ukubheka amaphutha njengezifundo, ngokufunda ephutheni ngalinye engilenzile ukuze ngibe umuntu ongcono futhi ngisingathe isimo ngendlela ehlukile esikhathini esizayo. Ukwenza kanjalo kukunika ithuba lokukhula.”​—Vera.