Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingasebenzelana Kanjani Nabazali Bami?

Ngingasebenzelana Kanjani Nabazali Bami?

 Isivivinyo

  •   Yimuphi kubazali bakho ovame ukuxabana naye?

    •  Ubaba

    •  Umama

  •   Uvame kangakanani ukuxabana naye?

    •  Kuyethukela

    •  Ngezinye izikhathi

    •  Kaningi

  •   Ivame ukushuba kangakanani ingxabano?

    •  Ixazululeka ngokushesha nangokuthula.

    •  Iyaxazululeka kodwa ngemva kokuqagulisana.

    •  Ayixazululeki—ngisho nangemva kokuqagulisana okukhulu.

 Uma kubukeka sengathi awukwazi ukuphilisana nabazali bakho, ungase ucabange ukuthi kumelwe benze okuthile ukuze kuthuthukiswe isimo. Nokho njengoba sizobona, kunezinyathelo wena ongazithatha ukuze kuncishiswe izikhathi enixabana ngazo kudanjiswe nezinga lokushuba kwezingxabano. Okokuqala, cabanga ngalokhu . . .

 Okwenza kube nengxabano

  •   Ikhono lokucabanga. Njengoba ukhula, uqala ukucabanga ngokujulile ngezinto kunalapho usengumntwana. Uqala nokuba nemibono eqinile—eminye yayo engqubuzana neyabazali bakho. Noma kunjalo, iBhayibheli lithi: “Hlonipha uyihlo nonyoko.”—Eksodusi 20:12.

     Iqiniso elingenakuphikwa: Kudingeka ukuvuthwa nekhono ukuze uveze umbono ohlukile ngaphandle kokuthi kube nengxabano.

  •   Ukuzimela. Njengoba ukhula, abazali bakho bangase bakunike inkululeko eyengeziwe. Inkinga iwukuthi ingase ingafiki ezingeni olifunayo noma ngesikhathi oyifuna ngaso—futhi lokho kungaholela engxabanweni. Noma kunjalo, iBhayibheli lithi: “Lalelani abazali benu.”—Efesu 6:1.

     Iqiniso elingenakuphikwa: Ngokuvamile, ukuthi abazali bakho bakunika inkululeko engakanani, kuncike ekutheni uyisebenzisa kanjani inkululeko osunayo kakade.

 Ongakwenza

  •   Gxila kweyakho indima. Esikhundleni sokusola abazali bakho ngengxabano, cabanga ngalokho wena ongakwenza ukuze wenze ukuthula. Insizwa egama layo linguJeffrey ithi: “Esikhathini esiningi, kusuke kungezona izinto ezishiwo abazali bakho ezenza kube nengxabano, kodwa kuba indlela osabela ngayo kwabakushoyo. Ukukhuluma ngomoya ophansi kuhamba ibanga elide ekulungiseni izinto.”

     IBhayibheli lithi: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula.”—Roma 12:18.

  •   Lalela. USamantha oneminyaka engu-17 uyavuma, “Lokhu ngikuthole kuyinto enzima kakhulu ukuyenza. Kodwa ngithole nokuthi uma abazali bebona ukuthi ulalele nabo bazokulalela.”

     IBhayibheli lithi: ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.

    Ingxabano injengomlilo​—uma inganqandwa ingabhebhetheka

  •   Cabanga unomgomo wokubambisana. Singatha ingxabano ngendlela obuyokwenza ngayo ukube bewudlala umdlalo ofana nebhola lomphebezo. Bheka abazali bakho njengabadlali okanye nabo eqenjini—hhayi njengezitha. Insizwa okuthiwa u-Adam ithi: “Lapho kunengxabano, abazali basuke beyifunela lokho abacabanga ukuthi kungcono ingane yabo, nayo isuke izifunela lokho ecabanga ukuthi kungcono. Ngakho, ngomqondo othile, bonke basuke benomgomo ofanayo.”

     IBhayibheli lithi: ‘Phishekela izinto ezibangela ukuthula.’—Roma 14:19.

  •   Yiba oqondayo. Osemusha okuthiwa uSarah uthi, “Ngikuthola kuzuzisa ukukhumbula ukuthi abazali banezinkinga zabo nabo ezibahluphayo njengathi.” Intokazi ebizwa ngokuthi uCarla iyenezela: “Ngizama ukuzifaka ezicathulweni zabazali bami ngokuzibuza, ‘Bengizozizwa kanjani ukube bekuyimina okhulisa ingane futhi ngibhekene nesimo esifanayo? Yikuphi obekuyoyizuzisa kangcono ingane yami?’”

     IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.

  •   Lalela. Ekugcineni, yilokho iBhayibheli elifuna ukwenze. (Kolose 3:20) Izinto ziyoba lula nakakhulu uma uzivumelanisa nezimo. Intokazi okuthiwa uKaren ithi, “Impilo yami iba lula kakhulu lapho ngenza lokho okufunwa abazali bami. Kakade, kuningi abakudelile ngenxa yami, into engatheni engingababonga ngayo, ukubalalela.” Ukulalela kuyikhambi elingcono kakhulu lokuqeda ingxabano!

     IBhayibheli lithi: “Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima.”—IzAga 26:20.

 Icebiso. Uma ukuthola kunzima ukuxoxisana, zama ukuveza imizwa yakho ngokubhala umyalezo esiqeshaneni sephepha noma ngomakhalekhukhwini. Osemusha okuthiwa u-Alyssa uthi, “Lokho ngikwenza uma ngingekho esimweni esihle sokukhuluma. Kungisiza ukuba ngiveze imizwa yami ngaphandle kokumemeza noma kokusho into engizobuye ngizisole ngayo.”