Kwabase-Efesu 5:1-33

  • Inkulumo nokuziphatha okuhlanzekile (1-5)

  • Hambani njengabantwana bokukhanya (6-14)

  • Gcwaliswani ngomoya (15-20)

    • Sisebenziseni kahle isikhathi senu (16)

  • Iseluleko esiya emadodeni nomkawo (21-33)

5  Ngakho-ke, yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, + njengabantwana abathandekayo,  futhi niqhubeke nibonisa uthando + njengoba nje noKristu asithanda *+ futhi wazinikela ngenxa yethu* njengomnikelo nomhlatshelo, iphunga elimnandi kuNkulunkulu. +  Ukuziphatha kabi ngokocansi* nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, + njengoba nje kungabafanele abantu abangcwele; +  noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma amahlaya angcolile +—izinto ezingafaneleki—kodwa kunalokho makube ukubonga. +  Ngoba niyakwazi lokhu, nikuqaphela ngokwenu, ukuthi akukho muntu oziphethe kabi ngokocansi *+ noma umuntu ongcolile noma umuntu ohahayo, + okusho ukukhonza izithombe, onefa eMbusweni kaKristu nokaNkulunkulu. +  Maningakhohliswa muntu ngamazwi angamanga, ngoba ngenxa yalezi zinto ulaka lukaNkulunkulu luyeza phezu kwabangalaleli.  Ngakho-ke, ningahlanganyeli kanye nabo;  ngoba nanikade niwubumnyama kodwa manje seniwukukhanya + ngokuqondene neNkosi. + Qhubekani nihamba njengabantwana bokukhanya,  ngoba izithelo zokukhanya zihlanganisa zonke izinhlobo zobuhle nokulunga neqiniso. + 10  Qhubekani niqinisekisa ukuthi yini eyamukelekayo + eNkosini; 11  futhi niyeke ukuhlanganyela emisebenzini engatheli yobumnyama; + kunalokho, niyidalule. 12  Ngoba izinto abazenza ekusithekeni kuyihlazo ngisho nokukhuluma ngazo. 13  Zonke izinto ezisekukhanyeni,* ziyabonakala, futhi zonke izinto ezibonakaliswayo ziba ukukhanya. 14  Ngakho-ke kuthiwa: “Phaphama, wena olele, uvuke kwabafile, + khona-ke uKristu uyokhanya phezu kwakho.” + 15  Ngakho qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphile, 16  nisisebenzise kahle isikhathi senu *+ ngoba izinsuku zimbi. 17  Ngenxa yalokhu yekani ukuba abangenangqondo, kodwa qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova. *+ 18  Futhi, ningadakwa yiwayini, + okuholela ekuzitikeni ngamanyala,* kodwa qhubekani nigcwaliswa ngomoya. 19  Khulumisanani ngamahubo nangezindumiso zikaNkulunkulu nangezingoma zokudumisa, + nihlabelela futhi nihubela + uJehova* ezinhliziyweni zenu, + 20  nihlale nibonga + uNkulunkulu noBaba wethu ngenxa yazo zonke izinto egameni leNkosi yethu uJesu Kristu. + 21  Zithobeni komunye nomunye + ngokwesaba uKristu. 22  Abafazi mabazithobe kubayeni babo + njengokungathi bazithoba eNkosini, 23  ngoba indoda iyinhloko yomkayo + njengoba nje noKristu eyinhloko yebandla, + yena engumsindisi walo mzimba.* 24  Eqinisweni, njengoba ibandla lithobela uKristu, nabafazi kufanele bathobele abayeni babo kuzo zonke izinto. 25  Madoda, qhubekani nithanda omkenu, + njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo, + 26  ukuze alingcwelise, elihlanza ngokuligeza ngamanzi esebenzisa izwi, + 27  ukuze ethule ibandla kuye ngokwakhe likhazimula, lingenabala nambimbi noma enye yezinto ezinjalo, + kodwa lingcwele futhi lingenasici. + 28  Ngendlela efanayo, amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Indoda ethanda umkayo izithanda yona, 29  ngoba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kodwa uyawondla futhi awuphathe kahle, njengoba nje noKristu enza kulo ibandla, 30  ngoba singamalungu omzimba wakhe. + 31  “Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo,* futhi laba ababili bayoba nyamanye.” + 32  Le mfihlo engcwele + inkulu. Manje ngikhuluma ngoKristu nebandla. + 33  Noma kunjalo, yilowo nalowo kini kumelwe athande umkakhe + njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele amhloniphe ngokujulile umyeni wakhe. +

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “anithanda.”
Noma kungaba, “yenu.”
NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
Noma, “ezisolwayo.”
NgesiGreki, “nithenge ithuba.”
Noma, “okwenza umuntu angalawuleki.”
Okuwukuthi, ibandla.
Noma, “ihlale nomkayo.”