Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Wenqabe Umbono Okha Phezulu Wezokusakaza?—Ingxenye 1: Eqondene Namantombazane

Kungani Kufanele Wenqabe Umbono Okha Phezulu Wezokusakaza?—Ingxenye 1: Eqondene Namantombazane

 Uyini umbono okha phezulu wezokusakaza?

 Bheka la magama; bese uphendula imibuzo elandelayo.

Uhlu 1

Uhlu 2

Awavuthiwe

Ungawethemba

Angalaleli

Athobela umthetho

Aziphethe kabi

Amsulwa

Anengqondo encane

Ahlakaniphile

Ayahleba

Ayaqonda

Ayakhohlisa

Aneqiniso

  1.   Imaphi amagama achaza amantombazane asakhula njengoba uvame ukuwabona evezwa kumabhayisikobho, kuyithelevishini noma komagazini?

  2.   Imaphi amagama achaza indlela wena ongathanda ukwaziwa ngayo?

 Cishe izimpendulo zakho embuzweni wokuqala zivela ohlwini 1 kanti izimpendulo zakho embuzweni wesibili zivela ohlwini 2. Uma kunjalo, lokho kusho ukuthi ufisa ukuba ngcono kunentsha “evamile” evezwa yimithombo yezokusakaza​—futhi akuwena wedwa! Cabanga ngezizathu.

 “Amabhayisikobho aveza amantombazane njengabantu abangalaleli nabaluhlaza. Enza kubonakale sengathi wonke amantombazane awathembekile, afuna ukuba ngonontanda-kubukwa.”​—U-Erin.

 “Intsha engamantombazane evezwa kumabhayisikobho nakumathelevishini, ithanda ukubukwa futhi ikhathazeka ngokweqile ngendlela ebukeka ngayo, izingubo ezigqokayo, udumo nabafana.”​—UNatalie

 “Akuvamile ukuthola intombazane ‘enogazi’ engaphuzi, engalali nabafana futhi engabadeleli abazali bayo. Uma intombazane ivezwa ingazenzi lezi zinto, ivezwa njengomuntu okholwe kakhulu noma uhlobo olukhutshwa ubala.”​—UMaria.

 Zibuze: ‘Ingabe indlela engigqoka ngayo, izenzo zami nokukhuluma kwami kuveza lokho engiyikho ngempela, noma ngimane nje ngilingisa lokho engikubona emithonjeni yezokusakaza?’

 Okufanele ukwazi

  •   Iningi lalabo abacabanga ukuthi babonakala behlukile kwabanye abantu, limane nje lizivumelanisa nalokho elikubona emithonjeni yezokusakaza. Intokazi okuthiwa uKaren ithi, “Ngiyakubona lokhu kudadewethu omncane. Wenza sengathi akanandaba nalutho ngaphandle kwezingubo zokugqoka nabafana. Akeve ehlakaniphile, futhi ngiyazi ukuthi zikhona ezinye izinto azithandayo, kodwa uzenza umuntu ongahlakaniphile ngoba ucabanga ukuthi kuwukuphela kwendlela angafana ngayo ‘nawo wonke amanye amantombazane.’ Enjalo nje, uneminyaka engu-12 kuphela ubudala!”

     IBhayibheli lithi: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto.”​—Roma 12:2.

  •   Lo mbono okha phezulu awukuvezi lokho wonke amantombazane asakhula afuna ukuba yikho. U-Alexis oneminyaka engu-15 uthi: “Imithombo yezokusakaza iveza amantombazane njengabantu abazithanda ngokweqile, abahlomekayo nabathambekele kakhulu ekwenzeni izinto zobuntwana. Kodwa ngicabanga ukuthi iningi lethu liyakwazi ukwahlulela kahle. Sinezinye izinto esizenzayo ekuphileni kwethu hhayi ukuthi sihlale siphupha ngomfana othile omuhle.”

     IBhayibheli lithi: ‘Abantu abavuthiwe, banamandla okuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’—Hebheru 5:14.

  •   Lo mbono okha phezulu ufeza izifiso zabezentengiselwano​—hhayi ezamantombazane asakhula. Ziqaphela amathuba okwenza inzuzo, izimboni ezinkulu​—ezihlanganisa ezezincwadi, ezezimfashini, ezobuchwepheshe kanye nezokuzilibazisa​—ziqala ukuzingela intsha ngaphambi kokuba ifinyelele eminyakeni yayo yokuthomba. Incwadi ethi 12 Going on 29 ithi: “Abezokukhangisa basikisela ukuthi intsha engakathombi engenazo izimpahla zokugqoka zamuva, ubucwebe, izimonyo, nezinto zobuchwepheshe, ngeke ibe nogazi. Leyo ntsha izibona njalo izikhangiso zezentengiselwano eziyengayo, ngisho nangaphambi kokuba iqonde ukuthi inxenxelwa ukuba yenzeni.”

     IBhayibheli lithi: “Konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni.”​—1 Johane 2:​16.

 Ongacabanga ngakho: Ubani ozuza kakhulu uma uhlale ucabanga ngamagama adumile ezimpahla zemfashini? Ubani ngempela ozuzayo uma nakanjani kufanele uthenge lowo makhalekhukhwini wamuva ukuze nje uthandwe ontanga yakho? Yini abezentengiselwano abayikhathalela kakhulu phakathi kwenhlalakahle yakho neyabo?

 Ongakwenza

  •   Funda ukuwuhlaziya umbono okha phezulu ogqugquzelwa yimithombo yezokusakaza. Njengoba ukhula, uthola ikhono lokubona okungale kwalokho okusobala. Sebenzisa amandla akho okuqonda ukuze ucabange ngethonya imithombo yezokusakaza engaba nalo kuwe. U-Alana oneminyaka engu-14 uthi: “Imithombo yezokusakaza iveza intombazane evamile esakhula njengefaka izimonyo kakhulu nezimpahla eziveza umzimba, futhi intsha eningi ayiqapheli ukuthi lokhu akuyenzi ibe yinhle ngempela​—kuyenza ibonakale ifuna ukunakwa.”

  •   Thuthukisa imigomo yakho ivumelane nalokho ofuna ukuba yikho. Ngokwesibonelo, cabanga ngezimfanelo oziphawulile ekuqaleni kwalesi sihloko​—izimfanelo ongathanda ukwaziwa ngazo. Kungani ungaqali manje ukuzihlakulela noma ukuzithuthukisa? IBhayibheli lithi: ‘Gqokani ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala’—hhayi ngomfanekiso okhuthazwa abakhangisi.​—Kolose 3:​10.

  •   Thola abantu abayizibonelo ezinhle. Abanye kungase kube abasekhaya, njengomama wakho noma u-anti. Abanye kungase kube abesifazane abavuthiwe abangabangane bakho noma ojwayelene nabo. OFakazi BakaJehova banabesifazane abaningi abayizibonelo ebandleni lobuKristu.​—Thithu 2:​3-5.

 Ukusikisela: Sebenzisa incwadi ethi Lingisa Ukholo Lwabo ukuze ufunde ngabesifazane abayizibonelo ezinhle eBhayibhelini, njengoRuthe, uHana, u-Abhigayili, u-Esteri, uMariya noMarta. Incwadi ethi Lingisa Ukholo Lwabo, inyatheliswa oFakazi BakaJehova futhi iyatholakala nasengosini ethi www.pr418.com/zu.