NgokukaLuka 6:1-49

  • UJesu, “iNkosi yeSabatha” (1-5)

  • Kwelashwa umuntu onesandla esishwabene (6-11)

  • Abaphostoli abangu-12 (12-16)

  • UJesu uyafundisa elaphe (17-19)

  • Ukujabula nomaye (20-26)

  • Ukuthanda izitha (27-36)

  • Yekani ukwahlulela (37-42)

  • Saziwa ngesithelo saso (43-45)

  • Indlu eyakhiwe kahle; indlu engenaso isisekelo esiqinile (46-49)

6  Ngelinye isabatha wayedabula emasimini, abafundi bakhe bakha izikhwebu, + bazihlikihla ngezandla badla. +  Abanye kubaFarisi bathi: “Kungani nenza okungavunyelwe umthetho ngeSabatha?” +  Kodwa uJesu ebaphendula wathi: “Anikufundanga yini lokho uDavide akwenza lapho yena namadoda ayenaye belambile? +  Indlela angena ngayo endlini kaNkulunkulu wamukela izinkwa zokubukwa wadla, ezinye wazinika amadoda ayenaye, into umthetho ongavumeli muntu ukuba ayidle ngaphandle kwabapristi kuphela?” +  Wabe esethi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi yeSabatha.” +  Ngelinye isabatha + wangena esinagogeni waqala ukufundisa. Kwakukhona umuntu owayeshwabene* isandla + sokudla.  Ababhali nabaFarisi babembukisisa uJesu ukuze babone ukuthi wayezokwelapha yini ngeSabatha, bese bethola indlela yokumbeka icala.  Nokho, wayekwazi ababekucabanga, + ngakho wathi kulo muntu onesandla esishwabene:* “Sukuma ume phakathi nendawo.” Wasukuma wama khona.  UJesu wabe esethi kubo: “Ngiyanibuza madoda, ingabe kungokomthetho ukwenza isenzo esihle noma esibi ngeSabatha, ukusindisa ukuphila noma ukukubhubhisa?” + 10  Ngemva kokubabuka bonke, wathi kulo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wenza kanjalo, isandla sakhe saphila. 11  Kodwa bathukuthela kakhulu, bakhuluma bodwa ngokuthi yini abangayenza ngoJesu. 12  Ngolunye lwalezo zinsuku waphuma waya entabeni eyothandaza, + wachitha ubusuku bonke ethandaza kuNkulunkulu. + 13  Lapho kusa, wabiza abafundi bakhe, wakhetha phakathi kwabo abangu-12, abaqamba nangokuthi abaphostoli: + 14  USimoni, amqamba nangokuthi uPetru, u-Andreya umfowabo, uJakobe, uJohane, uFiliphu, + uBartolomewu, 15  uMathewu, uTomase, + uJakobe indodana ka-Alfewu, uSimoni obizwa ngokuthi “oshisekayo,” 16  uJuda indodana kaJakobe, noJuda Iskariyothe, lowo owaphenduka imbuka. 17  Wehla nabo wama endaweni eqondile, kwakukhona isixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba olukhulu lwabantu ababevela kulo lonke elaseJudiya naseJerusalema nasezweni laseThire elingasolwandle naseSidoni, ababezele ukuzomlalela nokwelashwa ekuguleni kwabo. 18  Ngisho nalabo ababekhathazwa imimoya emibi belashwa. 19  Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngoba kwakuphuma amandla kuye + futhi ebelapha bonke. 20  Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe wathi: “Niyajabula nina enimpofu, ngoba uMbuso kaNkulunkulu ungowenu. + 21  “Niyajabula nina enilambayo manje, ngoba niyosutha. + “Niyajabula nina enikhalayo manje, ngoba niyohleka. + 22  “Niyajabula noma nini lapho abantu benizonda, + lapho benicwasa + futhi benihlambalaza, behlasela* igama lenu njengokungathi nibabi ngenxa yeNdodana yomuntu. 23  Jabulani ngalolo suku nigxumagxume ngenxa yenjabulo, ngoba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngoba yizo kanye lezi zinto okhokho babo ababezenza kubaprofethi. + 24  “Kodwa maye kini nina enicebile, + ngoba seniyitholile kakade induduzo yenu. + 25  “Maye kini enisuthi manje ngoba niyolamba. “Maye kini enihlekayo manje, ngoba niyolila futhi nikhale. + 26  “Maye kini noma nini lapho bonke abantu bekhuluma kahle ngani, + ngoba yilokho okhokho babo abakwenza kubaprofethi bamanga. 27  “Kodwa mina ngithi kini enilalele: Qhubekani nithanda izitha zenu, nenza okuhle kwabanizondayo, + 28  nibusisa abaniqalekisayo, nithandazela abanithukayo. + 29  Lowo okushaya esihlathini esisodwa, mnike nesinye; okuphuca ingubo yakho yangaphandle, ungamgodleli nengubo yangaphansi. + 30  Wonke umuntu okucelayo muphe, + okuphuca izinto zakho ungaceli ukuba azibuyise. 31  “Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo. + 32  “Uma nithanda labo abanithandayo, kunanzuzoni kini? Ngoba ngisho nezoni zithanda abazithandayo. + 33  Uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, kunanzuzoni kini? Ngisho nezoni zenza okufanayo. 34  Uma niboleka* labo enilindele ukuba banikhokhele, kunanzuzoni kini? + Ngisho nezoni ziboleka ezinye izoni ukuze ziphinde zithole imali ephelele. 35  Kunalokho, qhubekani nithanda izitha zenu, nenza okuhle, nibolekisa ngaphandle kokulindela ukubuyiselwa utho; + umvuzo wenu uyoba mkhulu, niyoba amadodana oPhezukonke, ngoba yena unomusa kwabangabongi nababi. + 36  Qhubekani niba nesihe, njengoba nje noYihlo enesihe. + 37  “Ngaphezu kwalokho, yekani ukwahlulela, nani anisoze nahlulelwa; + yekani ukulahla, nani anisoze nalahlwa. Qhubekani nithethelela,* nani niyothethelelwa. *+ 38  Kwenzeni umkhuba ukupha, abantu nabo bayonipha. + Bayothela emaphaketheni enu asesifubeni okuningi kakhulu, okugxishiwe, okugxishisisiwe nokuchichimayo. Ngoba isikali enisisebenzisa kwabanye, bayosebenzisa sona nakini.” 39  Wabe esesho lo mfanekiso kubo: “Impumputhe ngeke ihole impumputhe, akunjalo? Zombili ziyokhalakathela emgodini, akunjalo? + 40  Umfundi akangaphezu komfundisi wakhe, kodwa wonke umuntu ofundiswe ngokuphelele uyoba njengomfundisi wakhe. 41  Kungani ubheka uthi olusesweni lomfowenu kodwa ungaluboni ugodo olukwelakho iso? + 42  Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi, ‘Mfowethu, ngivumele ngikhiphe uthi olusesweni lakho,’ kuyilapho wena ngokwakho ungaluboni ugodo olukwelakho iso? Mzenzisi! Khipha ugodo kwelakho iso kuqala, khona-ke uyobona ngokucacile ukuthi ungalukhipha kanjani uthi olusesweni lomfowenu. 43  “Ngoba asikho isihlahla esihle esithela isithelo esibolile, futhi asikho isihlahla esibolile esithela isithelo esihle. + 44  Ngoba isihlahla ngasinye saziwa ngesithelo saso. + Ngokwesibonelo, abantu abakhi amakhiwane emeveni, futhi abakhi amagilebhisi esihlahleni sameva. 45  Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebweni enhle yenhliziyo yakhe, kodwa umuntu omubi ukhipha okubi engcebweni yakhe embi; ngoba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. + 46  “Ningibizelani-ke ngokuthi ‘Nkosi! Nkosi!’ nibe ningazenzi izinto engizishoyo? + 47  Wonke umuntu oza kimi ezwe amazwi ami futhi awenze, ngizonibonisa ukuthi ufana nobani: + 48  Ufana nomuntu okwathi lapho akha indlu, wamba wajula wabeka isisekelo edwaleni. Lapho kufika isikhukhula, umfula wayishaya leyo ndlu, kodwa wawungenawo amandla okuyinyakazisa ngoba yayakhiwe kahle. + 49  Ngakolunye uhlangothi, noma ubani ozwayo kodwa angenzi lutho, + ufana nomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo. Umfula wayishaya, yawa ngokushesha, waba mkhulu umonakalo kuleyo ndlu.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “owayekhubazeke.”
Noma, “esikhubazekile.”
Noma, “belahla.”
Okuwukuthi, ngaphandle kwenzalo.
Noma, “niyokhululwa.”
Noma, “nikhulula.”