Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Angivumi Ukuhlale Ngikhathazeke Ngokugula Kwami”

“Angivumi Ukuhlale Ngikhathazeke Ngokugula Kwami”

“Ngangidinga usizo lapho ngigibela noma ngehla embhedeni. Uma ngihamba kwakuba buhlungu. Umphimbo wami wavaleka kangangokuba ngangingakwazi ngisho nokugwinya amaphilisi ezinhlungu. Ngaba nezilonda ezingapholi, ngokuhamba kwesikhathi ezinye zabhibha. Ngaba nezilonda esiswini nesilungulela esingapheli. Ngangingaqondi ukuthi kwakwenzekani. Ngangineminyaka eyishumi nje kuphela.”—U-Elisa.

Naphezu kwezinkinga zakhe zempilo, u-Elisa uyakujabulela ukufundisa abanye ngeBhayibheli

I-SCLERODERMA—okusho ukuthi “isikhumba esiqinile”—igama elisetshenziselwa ukuchaza izifo eziphatha abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-2,5 emhlabeni wonke. Uhlobo oluvame ukuphatha izingane kuthiwa yi-localized scleroderma, ngokuyinhloko okuyisifo esiphathelene nokuqina kwesikhumba.

Nokho, lapho u-Elisa eneminyaka eyishumi, kwatholakala ukuthi unohlobo okuthiwa yi-systemic scleroderma—isifo esingahlaseli isikhumba nje kuphela, kodwa nendlela izitho zangaphakathi emzimbeni ezisebenza ngayo, okuhlanganisa izinso, inhliziyo, amaphaphu kanye nomgudu wokudla. Odokotela babecabanga ukuthi ukwelapha u-Elisa kwakuyolula ukuphila kwakhe ngeminyaka emihlanu nje kuphela. Manje, ngemva kweminyaka engu-14, u-Elisa usaphila sáka. Nakuba engakalapheki, uhlale enombono omuhle ngokuphila. I-Phaphama! yaxoxa no-Elisa ngokugula kwakhe nangamandla akhe okukhuthazela.

Waqala nini ukuqaphela ukuthi unenkinga yempilo?

Lapho ngineminyaka engu-9, ngasikeka endololwaneni futhi kwakubuhlungu kakhulu. Inxeba lalilokhu likhula futhi lingapholi. Ukuhlolwa kwegazi kwembula ukuthi nganginesifo okuthiwa i-systemic scleroderma. Ngenxa yokuthi impilo yami yayiwohloka ngokushesha, kwadingeka sithole udokotela osemnkantsh’ ubomvu ekwelapheni i-scleroderma.

Ingabe ukhona enagcina nimtholile?

Sathola udokotela owelapha ukuqaqamba kwamathambo. Watshela abazali bami ukuthi ukwelapha lesi sifo ngamakhemikhali kungasidambisa kanti kungelula nempilo yami ngeminyaka emihlanu, futhi nokugula kwami kungenzeka kunciphe. Okubi ukuthi ukwelashwa ngamakhemikhali kwakungenza amasosha omzimba abe buthakathaka. Ngisho nomkhuhlane nje wawungase ungibulale.

Ngokusobala, akwenzekanga lokho.

Cha akwenzekanga—ngokujabulisayo, ngisaphila! Nokho, lapho sengineminyaka engu-12, ngaqala ukuzwa ubuhlungu obukhulu esifubeni, obabuthatha imizuzu engaba ngu-30, ngezinye izikhathi kuze kube kabili ngosuku. Kwakubuhlungu kangangokuthi ngangikhala kakhulu.

Yayiyini imbangela?

Odokotela bathola ukuthi nganginegazi elincane ngendlela eyingozi futhi inhliziyo yami yayisebenza kanzima ukuze ithumele igazi ebuchosheni. Ngemva kwamasonto nje ambalwa, ukwelashwa kwayixazulula leyo nkinga. Kodwa ngikhumbula ngicabanga ngaleso sikhathi ukuthi kungenzeka noma yini ekuphileni kwami. Ngazizwa ngikhungatheke kakhulu kunangaphambili, njengokungathi ngangingakwazi ukulawula lokho okwakwenzeka kimi.

Sekuyiminyaka engu-14 inkinga yakho yatholakala. Sinjani isimo sempilo yakho manje?

Namanje ngisaphila nezinhlungu, futhi nginezifo eziningi ezihambisana ne-scleroderma. Lokhu kuhlanganisa izilonda, izibazi emaphashini kanye nesilungulela esingapheli. Noma kunjalo, angizivumeli ukuhlala ngikhathazeke ngokugula kwami noma ngichithe isikhathi ngidabukile. Nginezinye izinto okufanele ngizenze.

Njengani nje?

Ngithanda ukudweba, ukuthunga izingubo nokwenza ubucwebe. Kodwa, okubaluleke kakhulu, njengomunye woFakazi BakaJehova, ngihlanganyela emsebenzini wokufundisa ngeBhayibheli. Ngisho noma ngingakwazi ukuhamba ngiye emizini yabantu, ngiyakwazi ukusiza abanye oFakazi abaqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abasendaweni yangakithi. Ngike ngaba ngisho nezifundo engiziqhubayo. Inkonzo yenza ukuphila kwami kube nenjongo.

Kungani uhlanganyela kulo msebenzi ube unezinkinga zakho okufanele ubhekane nazo?

Ngiyazi ukuthi ulwazi engiluhlanganyela nabantu lubalulekile futhi luyazuzisa. Ngaphandle kwalokho, uma ngimatasa ngisiza abanye ngale ndlela, ngijabula ngokwengeziwe. Nempilo yami ngiyizwa ingcono! Okwangaleso sikhathi esifushane, ngiyakhohlwa ukuthi ngiyagula.

IBhayibheli lidlala yiphi indima ekubeni kwakho nombono ofanele?

Lingikhumbuza ukuthi ukuhlupheka kwami nokwabanye, kumane nje kungokwesikhashana. IsAmbulo 21:4 sithi ngesikhathi sakhe asimisile, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Ukucabanga ngemiBhalo enjengalo, kungisiza ukuba ngiqinise ukholo lwami esithembisweni sikaNkulunkulu sekusasa eliqhakazile—hhayi nje kulabo abahlushwa yizifo ezingamahlala-khona kuphela, kodwa kuwo wonke umuntu.