Dlulela kokuphakathi

Ukuphila Nesifo Esingamahlalakhona—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza?

Ukuphila Nesifo Esingamahlalakhona—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo. UNkulunkulu uyazikhathalela izinceku zakhe ezigulayo. Uma likhuluma ngenceku ethembekile, iBhayibheli lithi: “UJehova uqobo uyomsekela okhukhweni lokugula.” (IHubo 41:3) Uma uphila nesifo esingamahlalakhona, lezi zinyathelo ezintathu ezilandelayo zingakusiza ubhekane nakho:

  1. Thandazela amandla okukhuthazela. Ungathola “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga,” okungakusiza unciphise ukukhathazeka kwakho futhi kukuqinise.—Filipi 4:6, 7.

  2. Yiba nesimo sengqondo esiqondile. IBhayibheli lithi: “Ukuba ojabulile kukugcina ungumqemane. Ukuhlala uhwaqabele ngaso sonke isikhathi kukubulala kancane kancane.” (IzAga 17:22, Good News Translation) Zama ukuba umuntu ojabulayo ngoba lokho kuyokwenza ukuba ungabi ohluneme ngezikhathi ezinzima futhi kuyothuthukisa impilo yakho.

  3. Yiba nethemba ngekusasa. Ukuba nethemba kungakwenza ube nenjabulo naphezu kokugula okungamahlalakhona. (Roma 12:12) IBhayibheli libikezela ngesikhathi lapho ‘kungekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) Ngaleso sikhathi uNkulunkulu uyokwelapha izifo ezingamahlalakhona, lezo ososayensi namuhla abaye behluleka ukuthola amakhambi azo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lichaza lokho okuzokwenzeka kwabagugile: “Inyama yakhe mayibe ntsha kunasebusheni; makabuyele ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakhe.”—Jobe 33:25.

Phawula: Nakuba beluqaphela usizo uNkulunkulu asinikeza lona, oFakazi BakaJehova bayaya kodokotela ngenxa yokugula okungamahlalakhona. (Marku 2:17) Nokho, ayikho indlela ekhethekile yokwelapha esiyikhuthazayo; sinomuzwa wokuthi umuntu kufanele azinqumele ngempilo yakhe.