U-Isaya 35:1-10

  • IPharadesi liyabuyiselwa (1-7)

    • Abayizimpumputhe bayobona; abayizithulu bayozwa (5)

  • INdlela Yobungcwele yabakhululiwe (8-10)

35  Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, +Ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni. *+   Liyoqhakaza nakanjani; +Liyothokoza limemeze ngenjabulo. Liyonikwa inkazimulo yeLebhanoni, +Ubukhazikhazi beKarmeli + nobeSharoni. + Bayobona inkazimulo kaJehova, ubukhazikhazi bukaNkulunkulu wethu.   Qinisani izandla ezibuthakathaka,Niqinise amadolo axegayo. +   Thanini kulabo abakhathazekile:* “Qinani. Ningesabi. Bhekani! UNkulunkulu wenu uyoza ezophindisela,UNkulunkulu uyoza ezokhipha isijeziso. + Uyofika anisindise.” +   Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, +Nezindlebe zabayizithulu* ziyovulwa. +   Ngaleso sikhathi olunyonga uyogxumagxuma njengenyamazane, +Nolimi loyisimungulu luyomemeza ngenjabulo. + Ngoba kuyoqhuma amanzi ehlane,Kube nemifudlana ethafeni eliwugwadule.   Umhlabathi owomiswe ukushisa uyoba yichibi elinomhlanga,Nomhlabathi owomile ube njengeziphethu zamanzi. + Endaweni okuhlala kuyo izimpungushe, +Kuyoba khona utshani obuluhlaza nemihlanga nezitshalo zebungu.   Kuyoba khona umgwaqo omkhulu lapho, +Yebo indlela ebizwa ngokuthi iNdlela Yobungcwele. Ongahlanzekile ngeke ahambe kuyo. + Igcinelwe lowo onegunya lokuhamba kule ndlela,Akekho oyisiwula oyodukela kuyo.   Akukho bhubesi eliyoba lapho,Akukho zilwane zasendle eziyingozi eziyoza kuyo. Ngeke zitholakale lapho; +Abahlengiwe kuphela abayohamba lapho. + 10  Labo abakhululwe nguJehova bayobuya + beze eZiyoni bememeza ngenjabulo. + Injabulo engapheli iyoba ngumqhele emakhanda abo. + Bayogcwala intokozo nenjabulo,Usizi nokububula kuyobaleka. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “njengembali.”
Noma, “abakhathazekile enhliziyweni.”
Abantu abangezwa ezindlebeni.