Eyokuqala KaJohane 5:1-21

  • Ukholo kuJesu lunqoba izwe (1-12)

    • Lokho okushiwo uthando ngoNkulunkulu (3)

  • Ukuqiniseka ngamandla omthandazo (13-17)

  • Qaphani ezweni elibi (18-21)

    • Lonke izwe lisemandleni omubi (19)

5  Wonke umuntu okholwayo ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, + futhi wonke umuntu othanda lowo owabangela ukuba kuzalwe uyamthanda ozelwe yilowo.  Sazi ngalokhu ukuthi sithanda abantwana bakaNkulunkulu, + uma sithanda uNkulunkulu futhi senza imiyalo yakhe.  Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; + futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo, +  ngoba wonke umuntu ozelwe* nguNkulunkulu uyalinqoba izwe. + Lokhu kungukunqoba okunqobe izwe, ukholo lwethu. +  Ubani onganqoba izwe? + Akuyena yini lowo onokholo lokuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu? +  Lona nguye oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, hhayi ngamanzi kuphela + kodwa ngamanzi nangegazi. + Umoya uyafakaza, + ngoba umoya uyiqiniso.  Kukhona ofakazi abathathu:  umoya + namanzi + negazi; + laba abathathu bayavumelana.  Uma sibamukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu nakakhulu. Ngoba yilobu ubufakazi uNkulunkulu abunikezayo, ubufakazi abunikezile ngeNdodana yakhe. 10  Umuntu oba nokholo eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Umuntu ongenalo ukholo kuNkulunkulu umenze umqambimanga, + ngoba akazange abe nokholo ebufakazini obunikezwa uNkulunkulu ngokuphathelene neNdodana yakhe. 11  Yilobu ubufakazi, ukuthi uNkulunkulu usinike ukuphila okuphakade, + futhi lokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. + 12  Lowo onobunye neNdodana unakho lokhu kuphila; ongenabo ubunye neNdodana kaNkulunkulu akanakho lokhu kuphila. + 13  Nginibhalela lezi zinto ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, + nina eniba nokholo egameni leNdodana kaNkulunkulu. + 14  Yilokhu esiqiniseka ngakho ngaye, *+ ukuthi noma yini esiyicelayo evumelana nentando yakhe, uyasizwa. + 15  Uma sazi ukuthi uyasizwa nganoma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi siyozithola izinto esizicelayo ngoba sizicele kuye. + 16  Uma umuntu ebona umfowabo enza isono esingalethi ukufa, uyomthandazela, futhi uNkulunkulu uyomnika ukuphila. + Lokhu kusebenza kulabo abangenzi isono esiletha ukufa. Kodwa, sikhona isono esiletha ukufa. + Yileso sono engingamtsheli ukuba acele ngaso. 17  Konke ukungalungi kuyisono, + nokho sikhona isono esingakulethi ukufa. 18  Siyazi ukuthi wonke umuntu ozelwe uNkulunkulu akaqhubeki enza isono, kodwa lowo ozelwe uNkulunkulu* uyamqapha, futhi omubi ngeke ambambe. *+ 19  Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu, kodwa lonke izwe lisemandleni omubi. + 20  Kodwa siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ifikile, + futhi isinike ukuqonda* ukuze sithole ulwazi ngoNkulunkulu weqiniso. NgeNdodana yakhe uJesu Kristu, simunye naye. + Lo unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade. + 21  Bantwanyana, ziqapheni ezithixweni. +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “konke okuzelwe.”
Noma, “Yile inkululeko yokukhuluma esinayo.”
Noma, “akambambi amqinise.”
Okuwukuthi, uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.
NgesiGreki, “amandla engqondo; ukuhlakanipha.”