KwabaseKolose 1:1-29

  • Ukubingelela (1, 2)

  • Ukubonga ngokholo lwabaseKolose (3-8)

  • Ukuthandazela ukukhula ngokomoya (9-12)

  • Indima kaKristu eyinhloko (13-23)

  • Umsebenzi onzima uPawulu awenzela ibandla (24-29)

1  UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngokwentando kaNkulunkulu, kanye noThimothewu + umfowethu,  kwabangcwele nabazalwane abathembekile abamunye noKristu eKolose: Kwangathi ningathola umusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.  Simbonga njalo uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uma sinithandazela  ngoba sezwa ngokholo lwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo ngabo bonke abangcwele  ngenxa yethemba enigcinelwe lona emazulwini. + Nezwa ngaleli themba ngomyalezo weqiniso lezindaba ezinhle  ezafika kini. Njengoba nje izindaba ezinhle zithela izithelo futhi zanda emhlabeni wonke, + ziyanda naphakathi kwenu kusukela ngosuku enawuzwa nenawazi ngalo ngokunembile umusa omkhulu kaNkulunkulu weqiniso.  Yilokho enikufunde ku-Ephafra inceku ethandekayo ekanye nathi, + oyisikhonzi sikaKristu esithembekile esisimelelayo.  Wasazisa nangothando lwenu oluvumelana nomoya kaNkulunkulu.*  Yingakho futhi kusukela ngosuku esezwa ngalo ngakho, singayekanga ukunithandazela, + sicela ukuba nigcwale ulwazi olunembile + lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, + 10  ukuze nihambe ngokufanele uJehova,* ukuze nimjabulise ngokugcwele njengoba niqhubeka nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi lwanda ulwazi lwenu olunembile ngoNkulunkulu; + 11  kwangathi ningaqiniswa ngawo wonke amandla ngokwamandla akhe akhazimulayo + ukuze nikhuthazele ngokugcwele ngokubekezela nangenjabulo, 12  njengoba nibonga uBaba owanenza nakufanelekela ukuhlanganyela efeni labangcwele + abasekukhanyeni. 13  Wasikhulula egunyeni lobumnyama + wasidlulisela embusweni weNdodana yakhe ethandekayo, 14  esithola ngayo ukukhululwa ngesihlengo, ukuthethelelwa kwezono zethu. + 15  Ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali, + izibulo layo yonke indalo; + 16  ngoba kwadalwa ngayo zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni, izinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali, + kungakhathaliseki ukuthi ziyizihlalo zobukhosi noma ubukhosi noma ohulumeni noma amagunya. Zonke ezinye izinto zidalwe ngayo + futhi zadalelwa yona. 17  Futhi, ingaphambi kwazo zonke ezinye izinto, + zonke ezinye izinto zenziwa zaba khona ngayo, 18  futhi iyinhloko yomzimba, ibandla. + Iyisiqalo, izibulo kwabafile, + ukuze ibe ngeyokuqala kuzo zonke izinto; 19  ngoba uNkulunkulu wabona kukuhle ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo, + 20  nokuba abuyisele ngayo kuye zonke ezinye izinto + ngokwenza ukuthula ngegazi + eyalithulula esigxotsheni sokuhlushwa,* kungakhathaliseki ukuthi yizinto ezisemhlabeni noma izinto ezisemazulwini. 21  Ngempela, nina enanikade nikude noNkulunkulu futhi niyizitha ngoba izingqondo zenu zisemisebenzini emibi, 22  manje usenenze nabuyisana naye ngomzimba wayo wenyama ngokufa kwayo, ukuze inethule phambi kwakhe ningcwele ningenasici futhi ningenacala + 23  yebo, uma kodwa niqhubeka nisokholweni, + nimi esisekelweni nigxilile, + ningagudluzwa + ethembeni lalezo zindaba ezinhle enazizwa futhi ezashunyayelwa kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu. + Mina Pawulu ngaba isikhonzi salezi zindaba ezinhle. + 24  Ngiyajabula manje ngokuhlupheka kwami ngenxa yenu, + futhi ngicabanga ukuthi angikahlupheki ngokugcwele ngenxa kaKristu, ngenxa yomzimba wakhe, + oyibandla. + 25  Ngaba yisikhonzi saleli bandla ngokuvumelana nobuphathi + obuvela kuNkulunkulu enganikwa bona ngenxa yenu ukuze ngishumayele izwi likaNkulunkulu ngokugcwele, 26  imfihlo engcwele + eyayifihliwe ezikhathini* ezidlule + nasezizukulwaneni ezidlule. Kodwa manje yambuliwe kwabangcwele bakhe, + 27  kulabo uNkulunkulu athanda ukuba bayazi ingcebo ekhazimulayo yale mfihlo engcwele phakathi kwezizwe. + InguKristu emunye kanye nani, okusho ukuthi ninethemba lokukhazinyuliswa kanye naye. + 28  Nguye esimmemezelayo, njengoba siyala wonke umuntu futhi sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha kwangempela, ukuze sethule wonke umuntu ephelele emunye noKristu. + 29  Ngenxa yale njongo ngisebenza kanzima ngempela, ngizikhandla ngamandla akhe asebenza ngaphakathi kimi. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “umusa ongafanelwe.”
NgesiGreki, “lwenu emoyeni.”
Noma, “ezimisweni zezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.