Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izinhlelo Zokufunda IBhayibheli

Izinhlelo Zokufunda IBhayibheli

IBhayibheli liqukethe ukuhlakanipha okukwedlula konke kwendlela esingaphila ngayo. Uma ulifunda njalo futhi ucabangisisa ngalo, bese ukwenza lokho okufundayo “uyophumelela.” (Joshuwa 1:8; AmaHubo 1:​1-3) Uzomazi uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu, futhi lolo lwazi lungakwenza usindiswe.​—Johane 17:3.

Ungakuhlela kanjani ukufunda izincwadi zeBhayibheli? Zikhona izindlela ongakhetha kuzo. Lesi simiso sokufunda iBhayibheli sizokusiza ukuba ufunde izincwadi zeBhayibheli ngendlela ezilandelana ngayo noma ngokwezihloko. Ngokwesibonelo ungafunda izingxenye ezithile ukuze uthole umlando wendlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo no-Israyeli wasendulo. Ungafunda nezinye izingxenye ukuze uthole ukuthi ibandla lamaKristu ekhulu lokuqala laqala futhi lakhula kanjani. Uma ufunda izahluko ngokwamaqoqo ezihlelwe ngawo nsuku zonke, ungabe usulifunde lonke iBhayibheli ngonyaka owodwa.

Lesi simiso sizokusiza kungakhathaliseki ukuthi ufuna uhlelo lokufunda iBhayibheli nsuku zonke, uhlelo lokufunda iBhayibheli unyaka owodwa noma uhlelo lwabaqalayo ukufunda iBhayibheli. Zidawunilodele lolu hlelo lokufunda iBhayibheli oluprintwayo, uqale namhlanje ukufunda.