Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Liyakwenqabela Ukuzijabulisa Ngocansi?

Ingabe IBhayibheli Liyakwenqabela Ukuzijabulisa Ngocansi?

Impendulo YeBhayibheli

Kunokuba likwenqabele ukuzijabulisa ngocansi, iBhayibheli libonisa ukuthi ucansi luyisipho esivela kuNkulunkulu kubantu abashadile. Wadala abantu “owesilisa nowesifazane” futhi wabheka ayekudalile ‘njengokuhle kakhulu.’ (Genesise 1:27, 31) Lapho ehlanganisa ndawonye indoda nowesifazane bokuqala emshadweni, wathi kumelwe “babe nyamanye.” (Genesise 2:24) Lesi sibopho sasihlanganisa ukujabulela ubuhlobo bobulili obuhambisana nokuxhumana ngokomzwelo.

IBhayibheli lichaza injabulo etholwa abayeni emshadweni ngala mazwi: “Ujabule ngomfazi wobusha bakho  . . Amabele akhe mawakujabulise kakhulu ngazo zonke izikhathi. Kwangathi njalo ungagajwa uthando lwakhe.” (IzAga 5:18, 19) UNkulunkulu ufuna namakhosikazi alujabulele ucansi. IBhayibheli lithi: “Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze kanjalo endodeni.”​—1 Korinte7:3, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

Imingcele yokuzijabulisa ngocansi

UNkulunkulu ufuna ucansi lwenziwe abantu abashadile kuphela njengoba amaHebheru 13:4 ebonisa: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa, ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.” Abantu abashadile kumelwe bathembeke futhi balondoloze ukuzibophezela komunye nomunye. Bathola injabulo enkulu ngokungaphishekeli ukuzanelisa kobugovu, kodwa ngokusebenzisa isimiso seBhayibheli esithi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”​—IzEnzo 20:35.