Dlulela kokuphakathi

Imizwa Engemihle

Intsha eningi iba nomzwangedwa, ukukhathazeka, isifo sokucindezeleka, nokukhathala kakhulu. Thola indlela ongalwa ngayo nale mizwa.

Imizwa Edala Izinkinga

Ngingayilawula Kanjani Indlela Engizizwa Ngayo?

Ukushintshashintsha kwemizwa kuyinto evamile, kodwa abantu abasha abakuqondi kahle. Izindaba ezinhle ziwukuthi ungakwazi ukuqonda nokulawula indlela ozizwa ngayo.WEB:OnSiteAdTitleNgingayilawula Kanjani Indlela Engizizwa Ngayo?

Ukulawula Indlela Ozizwa Ngayo

Leli khasi lomsebenzi lenzelwe ukukusiza ubhekane nokushintshashintsha kwendlela ozizwa ngayo

Yini Engingayenza Uma Ngicindezelekile?

Izinto ezibalwe kulesi sihloko zingakusiza ululame.

Ongakwenza Lapho Uphatheke Kabi

Yini engakusiza lapho uphatheke kabi?

Nqoba Ukudangala Ujabule

Yini ongayenza uma ucindezelwe ukudangala?

Indlela Yokubhekana Nesizungu

Ukuhlala unesizungu kuyingozi empilweni ngendlela efanayo nokubhema osikilidi abangu-15 ngosuku. Ungakugwema kanjani ukuzizwa ukhishwe inyumbazane futhi unesizungu?

Ngingabhekana Kanjani Nokukhathazeka?

Amacebiso amahlanu angakusiza wenze ukukhathazeka kukuzuzise kunokuba kukulimaze.

Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?

ImiBhalo emihlanu engakusiza uhlale uzolile lapho ucasulwa othile.

Indlela Ongalawula Ngayo Intukuthelo

Izinyathelo ezinhlanu ezisekelwe eBhayibheli ezingakusiza ulawule intukuthelo yakho.

Ingabe Ulindele Ukuba Yonke Into Ingabi Naphutha?

Ungawubona kanjani umehluko phakathi kokuzama ukwenza into kahle nokuzama ukwenza into engaphezu kwamandla akho?

Funda Ukuthi Ngezinye Izikhathi Uzowenza Amaphutha

Leli phepha lomsebenzi lizokusiza ungalindeli okungaphezu kwamandla kuwe nakwabanye.

Izinselele

Indlela Yokubhekana Noshintsho

Ushintsho alugwemeki. Cabanga ngalokho okwenziwe abanye ukuze babhekane nalo ngokuphumelelayo.

Ngiphikelela Kangakanani?

Ngenxa yokuthi wonke umuntu uyabhekana nezinkinga, kubalulekile ukuba ube umuntu ophikelelayo ngisho noma izinkinga zakho zizincane noma zizinkulu.

Ngingabhekana Kanjani Nesenzakalo Esibuhlungu?

Abasebasha bakhuluma ngalokho okwabasiza ukuba babhekane ngokuphumelelayo nalokho okwabehlela.

Lapho Kushona Umzali

Ukushonelwa umzali kuyisimo esicindezelayo. Yini engasiza intsha ukuba ibhekane nemizwa evela ngemva kokushonelwa?

Wenzenjani Uma Uxhashazwa?

Abaningi abaxhashazwayo banomuzwa wokuthi akukho abangakwenza. Lesi sihloko sichaza lokho okungenziwa ukuze kulungiswe isimo.

Ngingabhekana Kanjani Nokuxhashazwa?

Ungase ungakwazi ukushintsha isiqhwaga, kodwa ungayishintsha indlela osingatha ngayo isimo.

Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela

Funda ukuthi kungani kunabantu abazenza iziqhwaga nokuthi ungabhekana kanjani nabo ngokuphumelelayo.

Ngingenzenjani Uma Ngihlukunyezwa Kuyi-Internet?

Okufanele ukwazi, nongakwenza ukuze uzivikele.

Izinkundla Zokuxhumana Zikuthinta Kanjani Ukuphila Kwami?

Izinkundla zokuxhumana ziyaluthana. La macebiso angakusiza ukwazi ukuzilawula.

Ngingabhekana Kanjani Nokuthomba?

Funda ukuthi yini ongayilindela nokuthi ungabhekana kanjani noshintsho ngokuphumelelayo.

Kungani Ngizisika?

Ukuzilimaza kuyinkinga kubantu abaningi abasha. Uma uthambekele kulo mkhuba, ungaluthola kanjani usizo?

Ngingakugwema Kanjani Ukuphelelwa Amandla Ngenxa Yokukhandleka Ngokweqile?

Kubangelwa yini? Ingabe nawe usengcupheni? Uma kunjalo, yini ongayenza?

Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuhlukunyezwa Ngokobulili?—Ingxenye 2: Ukululama

Funda lokho okushiwo abathile abake bahlukunyezwa kodwa manje asebalulama.