NgokukaMathewu 10:1-42

  • Abaphostoli abangu-12 (1-4)

  • Iziqondiso zenkonzo (5-15)

  • Abafundi bayoshushiswa (16-25)

  • Yesabani uNkulunkulu, hhayi abantu (26-31)

  • Hhayi ukuthula kodwa inkemba (32-39)

  • Ukwamukela abafundi bakaJesu (40-42)

10  Ngakho wabiza abafundi bakhe abangu-12 wabanika igunya phezu kwemimoya engcolile, + ukuze bayixoshe futhi belaphe yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.  Amagama abaphostoli abangu-12 yilawa: + Owokuqala, nguSimoni, obizwa ngokuthi uPetru, + no-Andreya + umfowabo; uJakobe indodana kaZebedewu noJohane + umfowabo;  uFiliphu noBartolomewu; + uTomase + noMathewu + umqoqi wentela; uJakobe indodana ka-Alfewu; noThadewu;  uSimoni umKhanana;* noJuda Iskariyothe, lowo kamuva owamkhaphela. +  UJesu wabathuma laba abangu-12, wabanika lezi ziqondiso: + “Ningayi emgwaqweni wezizwe, futhi ningangeni kunoma yiliphi idolobha lamaSamariya; +  kodwa kunalokho, yanini njalo ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli. +  Njengoba nihamba, nishumayele nithi: ‘UMbuso wamazulu ususondele.’ +  Yelaphani abagulayo, + nivuse abafile, nenze abanochoko bahlanzeke, nixoshe amademoni. Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.  Ningaphathi golide nasiliva nathusi esikhwameni senu semali esisebhandeni, + 10  nasikhwama somphako, nazingubo ezimbili,* nazimbadada naludondolo, + ngoba isisebenzi sifanelwe ukudla kwaso. + 11  “Kunoma yiliphi idolobha noma imizi eningena kuyo, funani ukuthi ubani ofanelekayo khona, nihlale khona nize nihambe. + 12  Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyo ndlu. 13  Uma indlu inamukela, ukuthula eniyifisela kona makwehlele kuyo; + kodwa uma inganamukeli, ukuthula okuvela kini makubuyele kini. 14  Nomaphi lapho umuntu enganamukeli khona noma engawalaleli amazwi enu, lapho niphuma kuleyo ndlu noma kulelo dolobha nithintithe uthuli ezinyaweni zenu. + 15  Ngiqinisile ngithi kini, ngoSuku Lokwahlulela kuyoba nzima kakhulu kulelo dolobha kunaseSodoma naseGomora +. 16  “Nginithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho yibani abaqaphile njengezinyoka nokho nibe msulwa njengamajuba. + 17  Qaphelani abantu, ngoba bayoninikela ezinkantolo zendawo, + futhi banibhaxabule + emasinagogeni abo. + 18  Niyolethwa phambi kwababusi namakhosi + ngenxa yami. Ngaleyo ndlela niyokwazi ukufakaza ngami kubo nasezizweni. + 19  Nokho, lapho beninikela, ningakhathazeki ngokuthi niyokhuluma kanjani noma ngokuthi niyothini, ngoba lokho eniyokukhuluma niyokunikwa ngalo lelo hora; + 20  ngoba akunina nje enikhulumayo, kodwa ngumoya kaYihlo okhuluma ngani. + 21  Ngaphezu kwalokho, umuntu uyonikela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe, nabantwana bayovukela abazali bababulalise. + 22  Niyozondwa abantu bonke ngenxa yegama lami, + kodwa lowo okhuthazele kwaze kwaba* sekupheleni uyosindiswa. + 23  Uma benishushisa kwelinye idolobha, nibalekele kwelinye; + ngoba ngiqinisile ngithi kini, ngeke neze niqede ukujikeleza amadolobha akwa-Israyeli ingakafiki iNdodana yomuntu. 24  “Umfundi akekho ngaphezu komfundisi wakhe, nenceku ayikho ngaphezu kwenkosi yayo. + 25  Kwanele ngomfundi ukuba abe njengomfundisi wakhe, nenceku ukuba ibe njengenkosi yayo. + Uma abantu bebize umninindlu ngokuthi uBhelizebhubhe, *+ kakhulu kangakanani abendlu yakhe? 26  Ngakho ningabesabi, ngoba akukho okumboziwe okungeke kwambulwe, nokufihlekile okungeke kwaziwe. + 27  Lokho mina enginitshela khona ebumnyameni, nina kushoni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa kuhletshwa, kushumayeleni phezu kwezindlu. + 28  Ningabesabi labo abangase babulale umzimba kodwa abangeke bakwazi ukunivimba ukuba niphile esikhathini esizayo; + kunalokho yesabani lowo onganibhubhisa eGehena. *+ 29  Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane?* Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo angazi. + 30  Kodwa ngisho nezinwele ezisemakhanda enu zibaliwe zonke. 31  Ngakho ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi. + 32  “Khona-ke, wonke umuntu ongivumayo phambi kwabantu, + nami ngiyomvuma phambi kukaBaba osemazulwini. + 33  Kodwa noma ubani ongiphikayo phambi kwabantu, nami ngiyomphika phambi kukaBaba osemazulwini. + 34  Ningacabangi ukuthi ngizele ukuletha ukuthula emhlabeni; angizelanga ukuletha ukuthula, kodwa inkemba. + 35  Ngoba ngize ukuzobangela ukuhlukana, umuntu amelane noyise, nendodakazi imelane nonina, nomalokazana amelane noninazala. + 36  Ngempela, izitha zomuntu kuyoba abantu bomndeni wakhe. 37  Noma ubani othanda kakhulu uyise noma unina kunami akangifanele; futhi noma ubani othanda kakhulu indodana noma indodakazi kunami akangifanele. + 38  Noma ubani ongasamukeli isigxobo sakhe sokuhlushwa* angilandele akangifanele. + 39  Noma ubani ozama ukusindisa ukuphila kwakhe uyolahlekelwa yikho, noma ubani olahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yami uyokusindisa. + 40  “Onamukelayo uyangamukela nami, nalowo ongamukelayo, wamukela naLowo ongithumile. + 41  Owamukela umprofethi ngoba engumprofethi uyothola umvuzo womprofethi, + nowamukela umuntu olungile ngoba engumuntu olungile uyothola umvuzo womuntu olungile. 42  Noma ubani ophuzisa oyedwa kulaba abancane inkomishi nje yamanzi abandayo ngoba engumfundi, ngiqinisile ngithi kini, akasoze alahlekelwa umvuzo wakhe.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “oshisekayo.”
Noma, “nangubo yokushintsha.”
Noma, “okhuthazela kuze kube.”
Yigama elibhekisela kuSathane, isikhulu, noma umbusi wamademoni.
NgesiGreki, “nge-asariyoni.” Bheka iSithasiselo B14.