Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokupha?

Lithini IBhayibheli Ngokupha?

Impendulo yeBhayibheli

 IBhayibheli likhuthaza ukuba umuntu aphe ngokuzithandela nangesisusa esihle. Libonisa ukuthi ukupha okunjalo akugcini ngokuzuzisa umuntu ophiwayo kodwa kuzuzisa nalowo ophayo. (IzAga 11:25; Luka 6:38) UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”​—IzEnzo 20:35.

 Kunini lapho ukupha kuzuzisa khona?

 Ukupha kuyazuzisa lapho umuntu ekwenza ngokuzithandela. IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokuba manqikanqika noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuntu ojabulayo lapho epha.”​—2 Korinte 9:7, umbhalo waphansi.

 Ukupha okusuka enhliziyweni kungenye “indlela yokukhonza” eyamukelwa uNkulunkulu. (Jakobe 1:27, umbhalo waphansi) Umuntu osiza abantu abadinga usizo ngenhliziyo evumayo usebenzisana noNkulunkulu, obheka lokho kupha njengesikweletu sakhe. (IzAga 19:17) IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyombuyisela ophayo.​—Luka 14:12-14.

 Kunini lapho ukupha kungekuhle khona?

 Uma kwenziwa ngezisusa ezimbi. Nazi izibonelo:

 Uma kusekela imisebenzi noma isimo sengqondo esilahlwa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kungaba kubi ukunikeza umuntu imali ukuze ayogembula noma ayosebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala. (1 Korinte 6:9, 10; 2 Korinte 7:1) Ngokufanayo, akukuhle ukumnikeza imali umuntu okwaziyo ukuzisekela ngokwezimali kodwa ongafuni ukwenza kanjalo.​—2 Thesalonika 3:10.

 Uma kungqubuzana nemithwalo umuntu ayiphathiswe uNkulunkulu. IBhayibheli lifundisa ukuthi izinhloko zemindeni kumelwe zinakekele izidingo zemindeni yazo. (1 Thimothewu 5:8) Ngeke kube kuhle ukuthi inhloko yomndeni iphe abanye izinto eziningi kuyilapho ihluphekisa umndeni wayo. Ngokufanayo, uJesu wabalahla labo ababenqaba ukondla abazali babo asebekhulile ngoba bethi konke ababenakho ‘kwakuyisipho esinikelwe kuNkulunkulu.’​—Marku 7:​9-13.