Lithini IBhayibheli Ngokupha?
Impendulo yeBhayibheli
IBhayibheli likhuthaza ukuba umuntu aphe ngokuzithandela nangesisusa esihle. Libonisa ukuthi ukupha okunjalo akugcini ngokuzuzisa umuntu ophiwayo kodwa kuzuzisa nalowo ophayo. (IzAga 11:25; Luka 6:38) UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.
Kunini lapho ukupha kuzuzisa khona?
Ukupha kuyazuzisa lapho umuntu ekwenza ngokuzithandela. IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokuba manqikanqika noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuntu ojabulayo lapho epha.”—2 Korinte 9:7, umbhalo waphansi.
Ukupha okusuka enhliziyweni kungenye “indlela yokukhonza” eyamukelwa uNkulunkulu. (Jakobe 1:27, umbhalo waphansi) Umuntu osiza abantu abadinga usizo ngenhliziyo evumayo usebenzisana noNkulunkulu, obheka lokho kupha njengesikweletu sakhe. (IzAga 19:17) IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyombuyisela ophayo.—Luka 14:12-14.
Kunini lapho ukupha kungekuhle khona?
Uma kwenziwa ngezisusa ezimbi. Nazi izibonelo:
Ukuze ubukise kwabanye.—Mathewu 6:2.
Ukuze uzuze okuthile.—Luka 14:12-14.
Ukuze uzame ukuthenga insindiso.—IHubo 49:6, 7.
Uma kusekela imisebenzi noma isimo sengqondo esilahlwa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kungaba kubi ukunikeza umuntu imali ukuze ayogembula noma ayosebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala. (1 Korinte 6:9, 10; 2 Korinte 7:1) Ngokufanayo, akukuhle ukumnikeza imali umuntu okwaziyo ukuzisekela ngokwezimali kodwa ongafuni ukwenza kanjalo.—2 Thesalonika 3:10.
Uma kungqubuzana nemithwalo umuntu ayiphathiswe uNkulunkulu. IBhayibheli lifundisa ukuthi izinhloko zemindeni kumelwe zinakekele izidingo zemindeni yazo. (1 Thimothewu 5:8) Ngeke kube kuhle ukuthi inhloko yomndeni iphe abanye izinto eziningi kuyilapho ihluphekisa umndeni wayo. Ngokufanayo, uJesu wabalahla labo ababenqaba ukondla abazali babo asebekhulile ngoba bethi konke ababenakho ‘kwakuyisipho esinikelwe kuNkulunkulu.’—Marku 7:9-13.