NgokukaMathewu 19:1-30

  • Umshado nedivosi (1-9)

  • Isipho sokuhlala ungashadile (10-12)

  • UJesu ubusisa izingane (13-15)

  • Umbuzo wensizwa ecebile (16-24)

  • Ukuzidela ngenxa yoMbuso (25-30)

19  Lapho uJesu eseqedile ukusho lezi zinto, wasuka eGalile waya emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani. +  Isixuku esikhulu samlandela, waselapha khona.  AbaFarisi beza kuye, behlose ukumvivinya, bathi: “Kungokomthetho yini ukuba indoda idivose umkayo nganoma yiziphi izizathu?” +  Ephendula wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, +  wathi: ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? +  Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.” +  Bathi kuye: “Pho-ke, kungani uMose athi makanikwe isitifiketi sokumxosha futhi amdivose?” +  Wathi kubo: “Ngenxa yokucabangela izinhliziyo zenu ezilukhuni, uMose wanivumela ukuba nidivose omkenu, + kodwa kwakungenjalo ekuqaleni. +  Ngithi kini noma ubani odivosa umkakhe, ngaphandle kwesizathu sokuziphatha kabi ngokocansi,* ashade nomunye, uyaphinga.” + 10  Abafundi bathi kuye: “Uma sinjalo isimo somuntu ngomkakhe, akukuhle ukushada.” 11  Wathi kubo: “Akubona bonke abantu abalitholela indawo lelo zwi, kodwa yilabo abanesiphiwo kuphela. + 12  Ngoba kukhona abathenwa abazalwa benjalo, futhi kukhona abathenwa abenziwa abathenwa ngabantu, futhi kukhona abathenwa abaye bazenza abathenwa ngenxa yoMbuso wamazulu. Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.” + 13  Kwase kulethwa abantwana kuye, ukuze ababeke izandla abathandazele, kodwa abafundi babakhuza. + 14  Nokho, uJesu wathi: “Bayekeni abantwana, ningabavimbi ukuba beze kimi, ngoba uMbuso wamazulu ungowabanjalo.” + 15  Wababeka izandla wahamba lapho. 16  Bheka! othile weza kuye wathi: “Mfundisi, yini enhle okumelwe ngiyenze ukuze ngithole ukuphila okuphakade?” + 17  Wathi kuye: “Kungani ungibuza ngokuphathelene nokuhle? Munye omuhle. + Nokho, uma ufuna ukungena ekuphileni, gcina imiyalo njalo.” + 18  Wathi kuye: “Miphi?” UJesu wathi: “Ethi, ungabulali, + ungaphingi, + ungebi, + ungafakazi amanga, + 19  hlonipha uyihlo nonyoko, + nothi kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” + 20  Le nsizwa yathi kuye: “Ngiyigcinile yonke le miyalo; yini engisashoda ngayo?” 21  UJesu wathi kuyo: “Uma ufuna ukuphelela, hamba uthengise konke okungokwakho uphe abahluphekayo, khona-ke uyoba nengcebo ezulwini; + bese uza ube umlandeli wami.” + 22  Lapho le nsizwa izwa lokhu, yahamba ilusizi, ngoba yayinempahla eningi. + 23  UJesu wabe esethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini kuyoba nzima ngesicebi ukungena eMbusweni wamazulu. + 24  Futhi ngithi kini, kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene eMbusweni kaNkulunkulu.” + 25  Lapho abafundi bezwa lokho, bamangala kakhulu, bathi: “Ubani ngempela ongasindiswa?” + 26  UJesu wababheka emehlweni, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” + 27  UPetru waphendula wathi: “Bheka! Sishiye zonke izinto sakulandela; khona-ke siyotholani?” + 28  UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini, ekudalweni kabusha, lapho iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo, nina eniye nangilandela niyohlala ezihlalweni zobukhosi ezingu-12, nahlulele izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli. + 29  Futhi wonke umuntu oshiye izindlu noma abafowabo noma odadewabo noma uyise noma unina noma abantwana noma amasimu ngenxa yegama lami, uyokwamukela okuphindwe izikhathi eziyikhulu futhi azuze ukuphila okuphakade. + 30  “Kodwa abaningi abangabokuqala bayoba ngabokugcina nabokugcina babe ngabokuqala. +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.