Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Intsha Iyabuza

Yini Engingayilindela Emshadweni?—Ingxenye 2

Yini Engingayilindela Emshadweni?—Ingxenye 2

KUMAGAZINI WETHU ODLULE, sixoxe ngezinye zezinzuzo nezinselele ongazilindela emshadweni.

KULO MAGAZINI, sizoxoxa ngokuthi kungani kudingeka ulindele izinto ezingalindelekile.

Khetha okuhambisana nawe kulokhu okulandelayo:

Ngilindele umuntu engizoshada naye ukuba . . .

  • abe muhle
  • angenze ngizethembe
  • abe nemigomo efana neyami
  • athande uhlobo lokuzijabulisa engiluthandayo

 Uma ufuna umngane womshado, akukubi ukulindela lezi zinto okukhulunywe ngazo ekhasini elandulele. Ungase uthole ngisho nomuntu onazo zonke lezi zinto. Nokho, iqiniso liwukuthi ngokuhamba kwesikhathi abantu bayashintsha kanti nezimo ziyashintsha.

Iphuzu eliyinhloko: Ukuze uphumelele emshadweni, kumelwe ulindele obungakulindele.

Izindaba ezinhle. Ezinye izici ezingalindelekile emshadweni zingase ziqhamuke njengezinto ongazilindele kodwa ezijabulisayo.

“Njengoba sesishadile nje, sengiyabona ukuthi uMaria * uyahlekisa okuyinto engangingayiboni ngenkathi sisaqomisene. Ngenxa yokuthi asizibheki njengababaluleke kakhulu, ngisho nezinkinga esiye sabhekana nazo zibonakala zincane.”—UMark.

Izindaba ezingezinhle kangako. Ezinye izici ezingalindelekile emshadweni kungenzeka zingajabulisi. Cabangela lesi sibonelo:

Ake sithi wena nomuntu ozoshada naye ninomgomo wokuba izithunywa zevangeli kwelinye izwe. Kodwa kuthiwani uma ngemva komshado umngane wakho womshado eba nenkinga yempilo eyenza ningabe nisakwazi ukufinyelela umgomo wenu? Ngempela lokho kungenzeka, njengoba iBhayibheli lisho ukuthi “izinto ezimbi zenzeka kuwo wonke umuntu!” (UmShumayeli 9:11, Holy Bible—Easy-to-Read Version) Akungabazeki ukuthi ubungacindezeleka ngenxa yesimo somngane wakho womshado—futhi ukhungatheke ngenxa yokungawufinyeleli umgomo wenu. Nokho, uma kuvela isimo esinjalo esingalindelekile, bekuyodingeka umane usamukele leso simo bese uhlela kabusha. Phela ushade nomuntu, hhayi umgomo.

Iphuzu eliyinhloko: Njengoba iBhayibheli lisho, labo abashadayo bayoba “nosizi” oluthile. (1 Korinte 7:28) Ngezinye izikhathi lolo sizi luvela ngezimo ezingalindelekile.

Ungazilungiselela kanjani izimo ezingalindelekile? Uma ushada, uyodinga izinto ezimbili.

 1. UKUBHEKANA NAMAQINISO

Kungakhathaliseki ukuthi wena nozoshada naye nifanelana kanjani, kufanele ulindele ukuthi

  • ngeke nihlale nivumelana ngayo yonke into.
  • izinto zenu eziza kuqala ngeke zihlale zifana njalo.
  • ngeke nijatshuliswe izinto ezifanayo ngaso sonke isikhathi.
  • ngeke nihlale nithandana njengasekuqaleni.

Izimo ezinjengalezi ezibalwe ngenhla zivamile. Kodwa ngeke ziwuchithe umshado wakho ngaphandle uma uzivumela! Khumbula, iBhayibheli lithi uthando “lukhuthazelela zonke izinto” futhi “alusoze lwaphela nanini.”—1 Korinte 13:4, 7, 8.

Iqiniso elingenakuphikwa: Empeleni, akuzona izinkinga obhekana nazo kodwa indlela ozisingatha ngayo okuyoqinisa noma okuyoqeda umshado wakho.—Kolose 3:13.

2. UMUZWA WOKUZIBOPHEZELA

Uma wena noshade naye nizimisele ukuhlala ndawonye kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, niyokwazi ukunqoba izivunguvungu ezingalindelekile emshadweni.—Mathewu 19:6.

Abanye bathi ukuzibophezela kwenza umshado ube umthwalo osindayo. Kodwa, empeleni kwenza okuphambene nalokho! Ukuzibophezela kwenza ubuhlobo benu buqine. Uma kwenzeka izinto ebezingalindelekile, wena noshade naye niyofuna amakhambi, hhayi indlela elula yokuphuma emshadweni.

Ukuze uhlakulele umoya wokuzibophezela, kuyodingeka ucabange ngomshado ngokuhlakanipha kunokuba uthathwe nje imizwelo. Ukuze sifanekise umahluko, zama isivivinyo esilandelayo.

1. Ake sithi uphiwe ithikithi lendiza lokuya noma kuliphi izwe emhlabeni. Iliphi izwe obuyokhetha ukuya kulo, futhi ngani?

Izwe:

Isizathu:

  • ubuhle bezwe
  • isiko-mpilo
  • isimo sezulu
  • ezokuzijabulisa
  • okunye

2. Ake sithi lelo thikithi lendiza elokuya kuphela futhi indawo ozoyikhetha uzohlala kuyo unomphela.

Manje iliphi izwe—uma likhona—obuyolikhetha?

  • Izwe:
  • noma Bengiyohlala lapho ngikhona.

Kungenzeka ukuthi esivivinyweni esingenhla izwe lokuqala olikhethile alifani nelesibili. Ngisho noma efana, cishe kudingeke ucabange ngendlela ehlukile lapho ukhetha elesibili. Kunokuba uzicabange njengomuntu ovakashile ocambalele ogwini lolwandle noma oqwala izintaba, kuye kwadingeka ucabange njengesakhamuzi esibhekene nezinzuzo nezinselele zokuphila kwansuku zonke.

Yileyo ndlela okudingeka ucabange ngayo ngomshado. Kakade, ngokuhamba kwesikhathi, izimo zingase zishintshe. Akungabazeki ukuthi wena noshade naye niyoshintsha. Impumelelo yakho incike ekhonweni lokulindela izinto ezingalindelekile nokuzisingatha njengoba ziphakama.

Ongacabanga ngakho: Uzisingatha kahle kangakanani izimo ezingalindelekile ekuphileni manje, njengomuntu ongashadile?

^ isig. 15 Amanye amagama ashintshiwe kulesi sihloko.

KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?

Iziphi izibusiso nezinselele ezingalindelekile enabhekana nazo lapho nisanda kushada? Ngingazilungiselela kanjani izinto engingazilindele uma kwenzeka ngishada?